Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Inala Yabo Yaqeda Ukuntula Kwabanye

Inala Yabo Yaqeda Ukuntula Kwabanye

KWAKUNGUNYAKA ka-49 C.E. UPetru, uJakobe noJohane—“ababebonakala beyizinsika”—banikeza umphostoli uPawulu nayesebenza naye uBarnaba isabelo. Kwakufanele bakhumbule amaKristu aswele njengoba babeshumayela ezizweni. (Gal. 2:9, 10) Safezwa kanjani lesi sabelo?

Izincwadi zikaPawulu ziveza indlela asisingatha ngayo lesi sabelo. Ngokwesibonelo, wabhalela amaKristu aseKorinte: “Ngokuphathelene nokuqoqwa komnikelo ongowabangcwele, njengoba nje ngayala amabandla aseGalathiya, nani yenzani ngaleyo ndlela. Njalo ngosuku lokuqala lwesonto yilowo nalowo kini endlini yakhe makabeke eceleni okuthile, kuye ngokuchuma kwakhe, ukuze kuthi lapho ngifika, ukuqoqwa kweminikelo kungenzeki ngaleso sikhathi. Kodwa uma ngifika lapho, noma yibaphi abantu enithi bayamukeleka ngezincwadi, labo bantu ngiyobathumela ukuba bayise isipho senu somusa eJerusalema.”—1 Kor. 16:1-3.

Encwadini yesibili ephefumulelwe ayibhalela abaseKorinte, uPawulu waphinde wayisho injongo yokuqoqwa kwalowo mnikelo. Kwakuwukuba “ngokulinganisa, inala yenu njengamanje iqede ukuntula kwabo.”—2 Kor. 8:12-15.

Lapho uPawulu ebhalela amaKristu aseRoma, cishe ngo-56 C.E., ukuqoqwa komnikelo kwakucishe kuphelele. Wathi: “Sengizoya eJerusalema ngiyokhonza abangcwele. Ngoba abaseMakedoniya nase-Akhaya bakujabulele ukuhlanganyela izinto zabo ngokunikelela abampofu kwabangcwele eJerusalema.” (Roma 15:25, 26) Ngemva nje kwalokho uPawulu wasifeza isabelo sakhe ngoba lapho ebuyela eJerusalema futhi eboshwa, watshela uMbusi waseRoma uFeliksi: “Ngafika ngizoletha izipho zesihe neminikelo esizweni sakithi.”—IzE. 24:17.

Umoya owaboniswa amaKristu ekhulu lokuqala ubonakala ngokucacile emazwini uPawulu awasho ngamaKristu aseMakedoniya. Wathi: “[Ayelokhu] esincenga ngokuncenga okukhulu ecela ilungelo lokupha ngomusa.” Umphostoli wanxusa abaseKorinte ukuba basilandele leso sibonelo. Wathi: “Yilowo nalowo makenze njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokudabuka noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.” Yini eyashukumisa amabandla ukuba abonise lo moya wokupha? Isifiso sawo sasingekona nje “ukwanelisa kakhulu ukuswela kwabangcwele kodwa futhi nokuceba ngezenzo eziningi zokubonisa ukubonga kuNkulunkulu.” (2 Kor. 8:4; 9:7, 12) Ukupha kwethu kungaba nenjongo efanayo. Ngokuqinisekile uJehova uNkulunkulu uyowubusisa lowo moya omuhle ongenabugovu—kanti-ke isibusiso sakhe siyamcebisa ngempela umuntu.—IzAga 10:22.

IZINDLELA ABANYE ABAKHETHA UKUNIKELELA NGAZO UMSEBENZI WOMHLABA WONKE

Njengasosukwini lomphostoli uPawulu, abaningi ‘babekela eceleni okuthile’ noma bahlele ukuba kube nemali ethile abayifaka emabhokisini omnikelo ebandleni abhalwe ukuthi “Umsebenzi Womhlaba Wonke.” (1 Kor. 16:2) Inyanga ngayinye, amabandla athumela le mali ehhovisi loFakazi BakaJehova elikhonza izwe akulo. Ungakwazi nokuyithumela ngokwakho iminikelo enhlanganweni engokomthetho esetshenziswa oFakazi BakaJehova ezweni lakini. Ukuze wazi igama lenhlangano engokomthetho eyinhloko esetshenziswa oFakazi BakaJehova ezweni lakini, sicela uthintane nehhovisi legatsha elikhonza izwe lakini. Ikheli lehhovisi legatsha ungalithola engosini ethi www.jw.org. Nazi izinhlobo zeminikelo ongayithumela ngokuqondile:

IMINIKELO EQONDILE

  • Iminikelo yemali, amagugu okuhloba (jewelry), noma ezinye izinto eziyigugu.
  • Bhala nencwadi echazayo ukuthi leyo mali noma izinto ziwumnikelo oqondile.

UKUPHA OKUHLELIWE

Ngaphezu kwezipho zemali nezinto eziyigugu, kunezinye izindlela zokupha ukuze kusekelwe umsebenzi woMbuso emhlabeni wonke. Lezi ziboniswe ngezansi. Kungakhathaliseki ukuthi iyiphi indlela othanda ukuyisebenzisa, sicela uthintane kuqala nehhovisi legatsha elikhonza izwe lakini ukuze ubone ukuthi iziphi kulezi zindlela ezingezansi ezitholakalayo ezweni lakini. Njengoba izimfuneko ezingokomthetho nemithetho yentela ingefani, kubalulekile ukuba uthintane nabeluleki bezentela nabezomthetho abafanelekayo ngaphambi kokuba ukhethe indlela engcono ozonikela ngayo.

Umshuwalense: Umnikelo owenziwa ngokubhalisa inhlangano esetshenziswa oFakazi BakaJehova njengendlalifa yomshuwalense wokuphila noma womhlalaphansi/wempesheni.

Ama-akhawunti Asebhange: Izimali ezikuma-akhawunti asebhange, izitifiketi zezimali ezitshaliwe noma izimali umuntu azibeke kuma-akhawunti omhlalaphansi zingabhalwa ukuba zigcinelwe noma zikhokhelwe inhlangano esetshenziswa oFakazi BakaJehova lapho efa, ngokuvumelana nemithetho yamabhange endawo.

Amasheya Nama-bond: Amasheya nama-bond kunganikelwa enhlanganweni esetshenziswa oFakazi BakaJehova njengesipho esiqondile noma njengegama okumelwe kudluliselwe kulo uma kwenzeka ufa (Transfer on Death).

Izakhiwo Nezindawo: Izakhiwo nezindawo ezingathengiseka zinganikelelwa inhlangano esetshenziswa oFakazi BakaJehova ngokwenza isipho esiqondile noma, uma kuyindawo yokuhlala, ngokuba igcinelwe umniniyo osaphila, ongaqhubeka ehlala kuyo esaphila.

Izincwadi Zefa Nezikhwama Zokutshala Imali: Impahla noma imali ingashiyelwa inhlangano esetshenziswa oFakazi BakaJehova njengefa ngokusebenzisa incwadi yefa ebhalwe ngokomthetho, noma umuntu angacela ukuba imali ayitshalé esikhwameni esithile idluliselwe kuleyo nhlangano yoFakazi. Leli lungiselelo lingaba nezinzuzo ezithile ngokuphathelene nentela.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, ungathintana ne-Accounting Office ngocingo noma ngencwadi ekhelini elingezansi, noma ungase uthintane nehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova elikhonza izwe lakini.