Ukunqoba Izithiyo EPanama
Ukunqoba Izithiyo EPanama
“IPANAMA yibhuloho elihlanganisa umhlaba.” Eminyakeni engu-50 edlule, lesi siqubulo sashiwo ohlelweni lomsakazo oludumile lwasezweni laseMelika Ephakathi. Namuhla, lesi siqubulo siveza indlela abaningi abazizwa ngayo ngaleli zwe.
IPanama injengebhuloho elihlanganisa iNyakatho neNingizimu Melika. Ngaphezu kwalokho, iBhuloho langempela laseMelika linqamula iPanama Canal edumile. Lo mselekazi wamanzi odabula izwe uwumsebenzi ophawulekayo wonjiniyela, ohlanganise izilwandlekazi i-Atlantic nePacific. Lokhu kwenza imikhumbi evela emhlabeni wonke ukuba iwele ngamahora ambalwa. Ukube belingekho bekungaba uhambo obelungathatha izinsuku ezithile noma amasonto isolwandle. Yebo, iPanama iyibhuloho elibalulekile ezingxenyeni eziningi zezwe.
Ibhuloho Nengxubevange Yabantu
IPanama ibuye ibe indawo enengxubevange yabantu abanezizinda nobuzwe obuhlukahlukene. Laba bantu, kanye namaqembu amaningi abomdabu, baye bakha amaqembu ahlukahlukene
asakazeke kulo lonke leli zwe elihle. Nokho, kungenzeka yini ukunqoba izithiyo ezibangelwa ezenhlalo, amasiko, inkolo nokuhlukahlukana kwezilimi futhi abantu babe nomqondo owodwa nenjongo eyodwa okusekelwe emaqinisweni ayigugu atholakala eZwini likaNkulunkulu?Yebo, kungenzeka. Amazwi omphostoli uPawulu alotshwe encwadini yabase-Efesu 2:17, 18 abonisa ukuthi amaKristu ekhulu lokuqala—amaJuda nabeZizwe—akwazi ukufeza lokho kanye esizwa umhlatshelo kaKristu ohlanganisa abantu. UPawulu wabhala: “[UJesu] wafika wamemezela izindaba ezinhle zokuthula kini, nina enikude, nokuthula kulabo abaseduze, ngoba ngaye, thina, womabili la maqembu abantu, sisondela kuBaba ngomoya munye.”
Ngendlela efanayo, namuhla oFakazi BakaJehova ePanama bamemezela “izindaba ezinhle zokuthula” kubantu nasemaqenjini avela kude futhi asuka ezinkolweni ezihlukahlukene. Kwakheka ubunye obujabulisayo phakathi kwalabo ‘abasondela’ kuJehova. Ngenxa yalokho, ePanama kuye kwamiswa amabandla ngezilimi eziyisithupha—iSpanishi, isiCantonese, uLimi Lwezandla LwasePanama, isiNgisi nezimbili zabomdabu, isiKuna nesiNgobere (isiGuaymí). Kuyakhuthaza ukuzwa indlela amalungu ala maqembu ezilimi aye akwazi ngayo ukuba nobunye ekukhulekeleni uJehova.
Ukunqoba Izithiyo E-comarca
Iqembu lamaNgobe yilo elikhulu kakhulu kwangu-8 akhuluma izilimi zabomdabu ePanama. Leli qembu lakhiwa abantu abangaba ngu-170 000, abaningi abahlala endaweni ebanzi manje esiyi-comarca, noma izabelo. Ingxenye enkulu yale ndawo inezintaba ezimangelengele ezinamahlathi ongazifinyelela ngezinyawo kuphela futhi inezindawo ezinhle ezisogwini ezifinyeleleka ngokudabula olwandle. Ngokuvamile imiphakathi ihlala eduze nemifula, eyimizila ekahle kakhulu yokuhambisa izinto, kanti eminye igudle ugu. Abantu abaningi abahlala e-comarca baziphilisa ngobadlana abaluthola ngokutshala
ikhofi ezintabeni, ngokudoba, noma ngokulima. Abaningi bangamalungu amasonto obuKristu. Nokho, kunalabo ababambelele enkolweni yomdabu ebizwa ngokuthi iMama Tata. Abanye baya kuma-sukias (abathandazi) ukuze belashwe lapho begula noma benomuzwa wokuthi bahlaselwa imimoya emibi. Nakuba abaningi bekhuluma iSpanishi, ulimi abaluqonda kangcono isiNgobere.Ukuzikhandla Ukuze Kufinyelelwe Izinhliziyo
OFakazi BakaJehova bayaqaphela ukuthi kubalulekile ukusiza abantu ukuba bafunde iqiniso ngendlela engathinti izingqondo zabo kuphela kodwa nezinhliziyo zabo. Lokhu kungabashukumisela ukuba benze izinguquko ezidingekayo ekuphileni kwabo ukuze kuvumelane nezimiso zeBhayibheli. Ngakho, izikhonzi ezingamaphayona akhethekile ezabelwa ezingxenyeni ezingu-8 zale ndawo ziye zafunda isiNgobere zisizwa oFakazi bendawo abakhuluma lolo limi.
Amabandla angu-14 kule ndawo abonisa ukuthi kuzoba nokwanda okuphawulekayo. Ngokwesibonelo, eminyakeni embalwa edlule, umbhangqwana ongamaphayona akhethekile, uDimas noGisela, wabelwa ebandleni elincane elinabamemezeli abangaba ngu-40 elisogwini lwaseTobobe. Kwakungelula kubo ukujwayela ukuhamba kaningi ngesikebhe beyoshumayela kubantu abathobekile abahlala ngasoGwini Lwase-Atlantic. UDimas noGisela bathola ukuthi ulwandlekazi oluzolile lungathukuthela ngokushesha lube namagagasi ayingozi. Izingalo namaqolo abo kwakuvame ukuba buhlungu ngemva kokugwedla besuka kwenye indawo beya kwenye. Enye inselele ababhekana nayo kwakuwukufunda ulimi lwendawo. Nokho, ukuzidela nokubekezela kwabo kwavuzwa ngo-2001 lapho kuba khona abantu abangaba ngu-552 eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu.
Ngaphesheya kwechweba laseTobobe kunendawo okuthiwa iPunta Escondida. Ngaphambili, uma isimo sezulu sisihle, kwakuba neqembu elincane labamemezeli elaligwedla isikebhe njalo liwele ichweba liyohlanganyela imihlangano eTobobe, futhi imibiko yabonisa ukuthi kwakunamathuba amaningi okuba kwakhiwe ibandla elisha kule ndawo. Ngenxa yalokho, uDimas noGisela bacelwa ukuba bathuthele ePunta Escondida. Ingakapheli iminyaka emibili, iqembu lasePunta Escondida laba ibandla elishisekayo elinabamemezeli abangu-28, elinesilinganiso sabantu abangu-114 ababa khona enkulumweni yeningi yamasonto onke. Ngo-2004 leli bandla elisha lajabula lapho kuba nenani labangu-458 eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu.
Ukunqoba Inselele Yokungakwazi Ukufunda Nokubhala
Ukunqoba ukungakwazi ukufunda nokubhala kuye kwasiza abaningi abanhliziyo-ziqotho ukuba babe nobuhlobo obuseduze noJehova. Yilokho okwenzeka kuFermina, owesifazane ohlala endaweni enezintaba e-comarca. Izithunywa zevangeli ezingoFakazi ezisebenza endaweni engayodwa lapho kuhlala khona uFermina zathola ukuthi uyasilalelisisa isigijimi soMbuso. Lapho ebuzwa ukuthi angathanda yini ukuba nesifundo seBhayibheli, waphendula ngokuthi angathanda ukufunda okwengeziwe. Nokho, kwakunenkinga. Wayekhuluma iSpanishi nesiNgobere, kodwa wayengakwazi ukuzifunda *
noma ukuzibhala. Esinye isithunywa sevangeli samethembisa ukuthi sizomfundisa ukufunda nokubhala, sisebenzisa incwajana ethi Apply Yourself to Reading and Writing.UFermina wayengumfundi owayezimisele kakhulu, ezilungiselela kahle izifundo zakhe, ewenza wonke umsebenzi ayenikwa wona ukuba awenze ekhaya futhi ekuprakthiza ngenkuthalo ukubiza amagama. Ngonyaka owodwa nje, wathuthuka ngokwanele ukuba akwazi ukutadisha incwajana ethi Ungaba Umngane KaNkulunkulu! * Lapho imihlangano isihleliwe, uFermina waqala ukuhlanganyela. Nokho, ngenxa yokuthi umkhaya wakhe wawumpofu, kwakunzima kakhulu ukuba azikhokhele yena nabantwana bakhe izindleko zokuya emihlanganweni. Elinye iphayona, elalisazi isimo uFermina ayebhekene naso, lasikisela ukuba acabange ngokuthunga kanye nokudayisa izingubo zomdabu zabesifazane abangamaNgobe. UFermina wakwenza lokho. Nakuba ayenezinye izidingo zezinto ezibonakalayo, waqikelela ukuthi yonke imali ayeyithola ngokudayisa wayeyisebenzisela kuphela ukuya emihlanganweni yamaKristu. Manje yena nomkhaya wakhe sebethuthele kwenye indawo, futhi uyaqhubeka ethuthuka ngokomoya. Bayajabula ngokuthi abanqobanga kuphela ukungakwazi ukufunda nokubhala kodwa okubaluleke kakhulu ukuthi baye bafinyelela ekwazini uJehova.
Ukunqoba Inselele Yokushumayela Kubantu Abayizithulu
EPanama, imikhaya eminingi enamalungu ayizithulu ithambekele ekubeni izizwe inamahloni. Ngezinye izikhathi, abayizithulu abayitholi nhlobo imfundo. Njengoba ukuxoxa nabayizithulu kunzima kakhulu, iningi labo lizizwa linganakiwe futhi libandlululwa.
Ngakho, kuye kwacaca ukuthi kumelwe kwenziwe okuthile ukuze kufinyelelwe abayizithulu ngezindaba ezinhle. Ngenxa yesikhuthazo sombonisi ojikelezayo, iqembu elishisekayo lamaphayona kanye nabanye lanquma ukufunda uLimi Lwezandla LwasePanama. Ukuzikhandla kwabo kwavuzwa.
Ngasekupheleni kuka-2001, kwamiswa iqembu lolimi lwezandla ePanama City. Kwakuba khona abangaba ngu-20 emihlanganweni. Njengoba abazalwane nodade babethuthuka ekuqondeni lolu limi, bakwazi ukufinyelela abaningi ababeqala ngqá “ukuzwa” iqiniso leBhayibheli ngolimi lwabo. OFakazi abaningi abanabantwana abayizithulu nabo baqala ukuhlanganyela kule mihlangano futhi bathola ukuthi abantwana babo baziqonda kalula nangokwengeziwe izimfundiso zeBhayibheli futhi baba nentshiseko ngokwengeziwe ngeqiniso. Ngokuvamile, abazali bafunda lolu limi futhi ngaleyo ndlela bakwazi ukukhulumisana kangcono nabantwana babo. Abazali bakwazi ukusiza izingane zabo ngokomoya futhi bathola ukuthi imikhaya yabo iyaqina.
Okuhlangenwe nakho kuka-Elsa nendodakazi yakhe, u-Iraida, kukubonisa ngokucacile lokhu.UFakazi ohlanganyela neqembu lolimi lwezandla wezwa ngo-Iraida wabe esemvakashela futhi wamshiyela incwajana ethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade! * U-Iraida wakujabulela kakhulu lokho akwazi ukukufunda ngezwe elisha esebenzisa izithombe. Kwaqalwa isifundo seBhayibheli ngale ncwajana. Lapho sebeqedile ukuyifunda, bafunda ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? * Ngaleso sikhathi, u-Iraida waqala ukucela unina ukuba amsize alungiselele futhi amchazele nokwaziswa ekuqukethe.
U-Elsa wayenezinkinga ezimbili: Njengoba ayengeyena uFakazi, wayengalazi iqiniso elitholakala eBhayibhelini futhi engalwazi nolimi lwezandla. Wayetshelwe ukuthi kwakungafanele axoxe nendodakazi yakhe ngolimi lwezandla kodwa iyona okwakufanele ifunde ukukhuluma. Ngenxa yalokho, umama nendodakazi yakhe babengaxoxi kangako. Njengoba ayeshukunyiswa isicelo sika-Iraida sosizo, u-Elsa wacela ukufundelwa uFakazi othile ebandleni. Wathi: “Ngacela ukufundelwa ngenxa yendodakazi yami, ngoba angikaze ngiyibone ijabule kanje.” U-Elsa wahlanganyela nendodakazi yakhe esifundweni sayo wafunda nolimi lwezandla. Njengoba u-Elsa ayeba nesikhathi esiningi nendodakazi yakhe, ukukhulumisana ekhaya kwaba ngcono. U-Iraida waqala ukubakhethisisa abangane futhi waqala ukuhlanganyela nebandla. Manje bobabili umama nendodakazi baba khona njalo emihlanganweni yamaKristu. Muva nje u-Elsa wabhapathizwa futhi u-Iraida uthuthukela ekubeni naye abhapathizwe. U-Elsa uthi yimá eqala ukwazi indodakazi yakhe futhi manje bayakwazi ukuxoxa ngezinto eziningi ezibalulekile futhi abazithandayo.
Iqembu lolimi lwezandla, elaba ibandla ngo-April 2003, manje selikhule laba abamemezeli boMbuso abangaba ngu-50. Abangaphezulu kwalokho baba khona emihlanganweni. Abangaphezu kwengxenye eyodwa kwezintathu bayizithulu. Kumiswe namanye amaqembu olimi lwezandla emadolobheni amathathu angaphandle kwePanama City namaphethelo. Nakuba kusenomsebenzi omningi okufanele wenziwe kule nsimu, akungabazeki ukuthi sekuye kwathathwa isinyathelo esikhulu sokunqoba isithiyo “sokungakhulumi” kwabantu abayizithulu abanhliziyo-ziqotho noMdali wabo onothando, uJehova uNkulunkulu.
Lokhu kuyafana nalokho okwenzeka ezweni lonke lasePanama. Nakuba benamasiko, izilimi nezizinda ezihlukahlukene, abaningi baye baba munye ekukhulekeleni owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso. Iqiniso leZwi likaJehova liye lazinqoba ngokuphumelelayo izithiyo zokukhulumisana kuleli zwe, abaningi abacabanga ukuthi “liyibhuloho elihlanganisa wonke umhlaba.”—Efesu 4:4.
[Imibhalo yaphansi]
^ par. 15 Ikhishwa oFakazi BakaJehova.
^ par. 16 Ikhishwa oFakazi BakaJehova.
^ par. 21 Ikhishwa oFakazi BakaJehova.
^ par. 21 Ikhishwa oFakazi BakaJehova.
[Amabalazwe ekhasini 8]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
ICARIBBEAN OCEAN
IPANAMA
ITobobe
IPACIFIC OCEAN
IPanama Canal
[Isithombe ekhasini 8]
Abesifazane abangamaKuna bebambe izindwangu ezifensiwe
[Isithombe ekhasini 9]
Isithunywa sevangeli sishumayeza owesifazane okhuluma isiNgobere
[Isithombe ekhasini 10]
OFakazi abangamaNgobe begibela isikebhe beya emhlanganweni okhethekile wosuku olulodwa
[Izithombe ekhasini 11]
Iqiniso leBhayibheli lifinyelela abantu bezilimi namasiko ahlukahlukene ePanama
[Isithombe ekhasini 12]
ISifundo Se-“Nqabayokulinda” ngolimi lwezandla
[Isithombe ekhasini 12]
U-Elsa nendodakazi yakhe, u-Iraida, bexoxa kamnandi
[Imithombo Yezithombe ekhasini 8]
Ship and Kuna women: © William Floyd Holdman/Index Stock Imagery; village: © Timothy O’Keefe/Index Stock Imagery