Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Iseluleko Esihlakaniphile Sikamama

Iseluleko Esihlakaniphile Sikamama

Iseluleko Esihlakaniphile Sikamama

“Ndodana yami, yizwa ukulaya kukayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko.”—IzAga 1:8.

ABAZALI bethu—ubaba nomama—bangaba umthombo owusizo wesikhuthazo, ukusekela neseluleko. Incwadi yeBhayibheli yezAga isitshela ngenkosi ethile esencane, uLemuweli, eyathola “umyalezo onohlonze” ‘wokuyiqondisa’ ovela kunina. La mazwi alotshwe esahlukweni 31 sezAga, futhi nathi singazuza kulesi seluleko esihlakaniphile sikamama.—IzAga 31:1, qhathanisa ne-NW.

Iseluleko Esifanele Inkosi

Unina kaLemuweli uqala ngemibuzo eminingana ekhulisa isithakazelo sethu: “Yini, ndodana yami, yini, ndodana yesizalo sami, yini, ndodana yezithembiso zami, na?” Ukuphinda kwakhe kathathu enxusa kubonisa ukukhathalela kwakhe ukuba indodana yakhe iqaphele amazwi akhe. (IzAga 31:2.) Ukukhathalela kwakhe inhlalakahle engokomoya yengane yakhe ibekela abazali abangamaKristu isibonelo esihle namuhla.

Ngokuphathelene nenhlalakahle yendodana yakhe, yini engakhathaza umama ngaphezu kwemibuthano exokozelayo nokuzitika ngamanyala okuhilela izinto ezivame kakhulu njengewayini, abesifazane nomculo? Unina kaLemuweli ulibeka ngesihloko: “Unganiki abesifazane amandla akho.” Uthi ukuziphatha okuxekethile kuphakathi kwezinto ‘ezibhubhisa amakhosi.’—IzAga 31:3.

Ukuphuza ngokweqile akufanele kunganakwa. Uyaxwayisa: “Akusikho okwamakhosi, Lemuweli, akusikho okwamakhosi ukuphuza iwayini.” Inkosi izosikhipha kanjani isahlulelo esinengqondo nesibonisa ukuhluzeka futhi ‘ingakhohlwa izimiso, iguqule ukwahlulelwa kwabantwana bokuhlupheka’ uma ihlala idakiwe?—IzAga 31:4-7.

Ngokuphambene, ngokungahileleki ebubini obunjalo, inkosi iyokwazi ‘ukwahlulela ngokulunga, imele abahluphekayo nabampofu.’—IzAga 31:8, 9.

Nakuba intsha engamaKristu ingase ingabi “amakhosi” namuhla, iseluleko esihlakaniphile sikanina kaLemuweli siyasebenza nasesikhathini sethu, uma kungekhona ukuthi sisebenza kakhulu kuso. Ukusetshenziswa kabi kotshwala, ukusetshenziswa kukagwayi nokuziphatha kabi ngokobulili kudlangile entsheni namuhla, futhi kubalulekile ukuba intsha engamaKristu ilalele lapho abazali bayo beyinika ‘imiyalezo enohlonze.’

Umfazi Onekhono

Omama bakhathazeka kufanele ngekusasa lemishado yamadodana abo aseba madala. Unina kaLemuweli wabe esegxila ezimfanelweni zomfazi ofiselekayo. Akungabazeki ukuthi insizwa iyozuza kakhulu ngokucabangela umbono womuntu wesifazane kule ndaba ebalulekile.

Evesini 10, “umfazi [“onekhono,” NW]” ufaniswa namakhorali ayivela kancane nayigugu, ayetholakala ngomzamo omkhulu ngezikhathi zeBhayibheli. Ngokufanayo, ukuthola umfazi onekhono kudinga umzamo. Kunokugijimela ukushada ngokuphamazela, insizwa iyobe yenza kahle uma ithatha isikhathi sayo lapho ikhetha. Khona-ke, cishe iyolazisa kakhulu igugu elitholile.

Ngokuphathelene nomfazi onekhono, uLemuweli uyatshelwa: “Inhliziyo yendoda yakhe iyethemba kuye.” (Ivesi 11) Ngamanye amazwi, akufanele agcizelele ukuba umkakhe athole imvume yakhe kuyo yonke into. Yiqiniso, abangane bomshado kufanele baxoxisane ngaphambi kokuba benze izinqumo ezinkulu, njengalezo ezihilela ukuthenga izinto ezibizayo noma ukukhulisa izingane zabo. Ukuxoxa ngalezi zindaba kuyasiza ekuqiniseni isibopho sabo.

Yiqiniso, umfazi onekhono wenza izinto eziningi. Emavesini 13 kuya ku-27 kuneseluleko nezimiso amakhosikazi anoma yibuphi ubudala angazisebenzisa ukuze kuzuze imikhaya yawo. Ngokwesibonelo, njengoba amanani ezingubo zokugqoka nempahla yasendlini enyuka, umfazi onekhono ufunda ukwenza izinto ngezandla futhi abe ngowongayo ukuze umkhaya wakhe ugqoke ngendlela ekahle futhi ufaneleke. (Amavesi 13,19,21, 22) Ukuze anciphise izindleko zokudla, utshala angakutshala futhi athenge ngokucophelela.—Amavesi 14, 16.

Ngokusobala, lona wesifazane akadli “isinkwa sobuvila.” Usebenza kanzima futhi uyiqondisa ngempumelelo imisebenzi yakwakhe. (Ivesi 27) “Uyabhinca okhalweni amandla,” okusho ukuthi uzilungiselela ukwenza umsebenzi odinga amandla. (Ivesi 17) Uvuka lingakaphumi ilanga ukuze aqale usuku lwakhe lokusebenza, futhi usebenza ngenkuthalo kuze kube sebusuku. Kuba sengathi isibani esikhanyisa umsebenzi wakhe sihlale sikhanya.—Amavesi 15,18.

Ngaphezu kwakho konke, umfazi onekhono ungumuntu ongokomoya. Wesaba uNkulunkulu futhi amkhulekele ngenhlonipho ejulile nokwesaba okunenhlonipho. (Ivesi 30) Usiza nomyeni wakhe ekuqeqesheni izingane zabo ukuba zenze okufanayo. Ivesi 26 lithi, ufundisa izingane zakhe “ngokuhlakanipha nomthetho womusa usolimini lwakhe.”

Indoda Enekhono

Ukuze akhange umfazi onekhono, uLemuweli kuyodingeka afeze imithwalo yemfanelo yendoda enekhono. Unina kaLemuweli umkhumbuza ngeminingana yale mithwalo.

Indoda enekhono iyokhulunyelwa kahle “amalunga ezwe.” (IzAga 31:23) Lokho kuyosho ukuthi iyoba enekhono, ethembekile, enokwethenjelwa neyesaba uNkulunkulu. (Eksodusi 18:21; Duteronomi 16:18-20) Uma injalo, ‘iyokwaziwa emasangweni,’ lapho amadoda avelele ayehlangana khona ukuze asingathe izindaba zomuzi. Ukuze ‘yaziwe’ njengendoda eyesaba uNkulunkulu, kwakuyodingeka ibe enengqondo nesebenzelana ngokuzwana namadoda amadala “ezwe,” mhlawumbe okusho esifunda noma endawo.

Akungabazeki ukuthi njengoba ekhuluma esusela kokuhlangenwe nakho kwakhe siqu, unina kaLemuweli ukhumbuza indodana yakhe ngokubaluleka kokubonisa ukwazisa ngalowo ozoba umkakhe. Akukho muntu emhlabeni oyoba yigugu kakhulu kuye. Ngakho cabanga ngemizwa ejulile ephimbweni lakhe lapho evuma phambi kwabo bonke ethi: “Baningi abafazi abanekhono, kepha wena ubadlula bonke.”—IzAga 31:29, qhathanisa ne-NW.

Kusobala ukuthi uLemuweli wasazisa iseluleko esihlakaniphile sikanina. Ngokwesibonelo, siphawula ukuthi evesini 1, ubhekisela emazwini kanina njengawakhe. Ngakho-ke, wasifaka enhliziyweni yakhe ‘isiqondiso’ sikanina futhi wazuza eselulekweni sakhe. Kwangathi nathi singazuza kulo “myalezo onohlonze” ngokusebenzisa izimiso zawo ekuphileni kwethu.

[Izithombe ekhasini 31]

Umfazi onekhono akadli “isinkwa sobuvila”