INQABAYOKULINDA​—EFUNDWAYO Okthoba 2016

Lo magazini unezihloko ezifundwayo zika-November 28 kuya ku-December 25, 2016.

INDABA YOKUPHILA

Ukuphishekela Ukulingisa Izibonelo Ezinhle

Isikhuthazo esivela kumaKristu avuthiwe singasiza abanye babeke futhi bafinyelele imigomo ezuzisayo. UThomas McLain ulandisa indlela abanye abambekela ngayo izibonelo ezinhle nendlela aye waphishekela ukusiza ngayo abanye.

“Ningakukhohlwa Ukungenisa Izihambi”

UNkulunkulu uzibheka kanjani izihambi? Yini ongayenza ukuze usize noma ubani ovela kwelinye izwe azizwe esekhaya ebandleni okulo?

Londoloza Ingokomoya Lakho Njengoba Ukhonza Kwelinye Izwe

Ukulondoloza ingokomoya lakho nelomndeni wakho kumelwe kube yinto eza kuqala kuwo wonke amaKristu. Nokho, uma ukhonza ensimini esebenzisa olunye ulimi ubhekana nezinselele ezengeziwe.

Ingabe ‘Uyakulonda Ukuhlakanipha Okusebenzayo’?

Ukuphi umehluko phakathi kokuhlakanipha okusebenzayo nolwazi noqonda? Ukwazi umehluko kungakuzuzisa kakhulu.

Qinisa Ukholo Lwakho Ezintweni Ozithembayo

Singafunda ezibonelweni eziningi ezinhle zokholo, zasendulo nezanamuhla. Ungalugcina kanjani ukholo lwakho luqinile?

Bonisa Ukholo Lwakho Ezithembisweni ZikaJehova

Luyini ngempela ukholo? Okubaluleke nakakhulu, ungalubonisa kanjani?

Ingabe Bewazi?

Ngekhulu lokuqala yayingakanani inkululeko iRoma elaliyinika izikhulu ezingamaJuda ezazihlala eJudiya? Kuyiqiniso yini ukuthi endulo umuntu wayengahlwanyela ukhula ensimini yomunye umuntu?