Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukubuka Okwezwe

Ukubuka Okwezwe

“Ekuqaleni kuka-2011, kwakunabantu abayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-5,4 emhlabeni wonke ababenomakhalekhukhwini.”—I-UN CHRONICLE, E-U.S.A.

Eminyakeni eyishumi edlule, “izinhlekelele ziye zabulala abantu abangaphezu kuka-780 000, amaphesenti angu-60 abo abulawa ukuzamazama komhlaba.”—I-LANCET, EBRITHANI.

“Eminyakeni engu-20 edlule, abantu baseRussia abangaba ngu-800 000 bazibulala.”—I-ROSSIISKAYA GAZETA, ERUSSIA.

EPhilippines, okuyizwe lapho isehlukaniso singavumelekile khona, inani elikhulu labesifazane abaneminyaka engu-15 kuya kwabanengu-49 ubudala abakipitile, “laphindeka ngaphezu kwezikhathi ezimbili phakathi kuka-1993 no-2008.”—I-PHILIPPINE STAR, EPHILIPPINES.

Cishe abantu abangaba amaphesenti angu-80 “abahlala [eRepublic of] Georgia baguliswa ukubhema kwabanye abantu.” Enhloko-dolobha iTbilisi, izingane “ezingamaphesenti angu-87,7 ziyagula ngenxa yabantu ababhemayo.”—I-TABULA, EGEORGIA.

Ukuya E-Asia Ukuze Ulashwe

Ziyanda iziguli ezivela ezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba eziya kwamanye amazwe ukuze zithole ukwelashwa okusezingeni eliphakeme, ngokuvamile ngemali encane kakhulu kunaleyo ebezingayikhokha ezibhedlela zendawo. I-Business World ibika ukuthi kulindeleke “iziguli zakwamanye amazwe” eziyisigidi ngonyaka ePhilippines ngo-2015, futhi kulindeleke inani elifanayo eNingizimu yeKorea ngo-2020. Ezinye izindawo ezithandwa kakhulu izwe laseNdiya, iMalaysia, iSingapore neThailand. Akubona abaseNtshonalanga kuphela abafuna usizo lodokotela bezifo zamathambo nezenhliziyo. AmaShayina amaningi acebile nawo avakashela odokotela abalungisa ubuso ephethe izithombe “zabantu abadumile afuna ukufana nabo,” kusho omunye umbiko.

Abenza Imisebenzi Eminingi Ngesikhathi Esisodwa Abayenzi Kahle

Ezobuchwepheshe zivame ukucindezela izisebenzi ukuba zenze imisebenzi emibili noma ngaphezulu eyinkimbinkimbi ngesikhathi esisodwa futhi ziphendule imibuzo ngokushesha. Kodwa “izisebenzi ezenza izinto eziningi ngesikhathi esisodwa azizenzi kahle,” kusho uClifford Nass, umqondisi weCommunication Between Humans and Interactive Media Laboratory, eYunivesithi yaseStanford, e-U.S.A. Kubikwa ukuthi abenza imisebenzi eminingi ngesikhathi esisodwa bavame ukucindezeleka, baphazanyiswa kalula izinto ezingabalulekile, abacabangi kahle futhi ngaleyo ndlela abayiboni imininingwane ebalulekile. UNass usikisela lokhu: “Lapho uqala ukwenza into, yenza yona kuphela imizuzu engu-20, ungenzi okunye. Lokhu kukuqeqeshela ukuba ugxilise ingqondo, ucabangisise.”