Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ithemba Ingabe Liyawenza Ngempela Umehluko?

Ithemba Ingabe Liyawenza Ngempela Umehluko?

Ithemba Ingabe Liyawenza Ngempela Umehluko?

WAYENEMINYAKA eyishumi kuphela ubudala, kodwa kwase kuwunyaka wonke uDaniel ephethwe umdlavuza. Odokotela base belahle ithemba, kanjalo nabanye ababesondelene nalo mfana. Kodwa uDaniel wabambelela ethembeni ayenalo. Wayekholelwa ukuthi uyokhula abe umcwaningi asize ekutholeni ikhambi lokwelapha umdlavuza ngelinye ilanga. Wayenethemba ikakhulukazi ngenxa yokuvakasha okwakusondela kukadokotela onguchwepheshe ekwelapheni uhlobo lomdlavuza ayenalo. Nokho, lapho lolo suku lufika, lo chwepheshe waphoqeleka ukuba angabe eseza ngenxa yesimo sezulu esibi. UDaniel wadangala. Ngokokuqala ngqa, wazizwa ecobekile. Washona ngemva kwezinsuku ezimbalwa.

Indaba kaDaniel yalandiswa yisisebenzi esithile sezempilo esacwaninga ngendima ithemba nokuphelelwa ithemba okunayo empilweni yomuntu. Kungenzeka nawe wake wezwa imibiko efanayo. Ngokwesibonelo, cabanga ngalo muntu osekhulile, usethunzini lokufa kodwa ufisa sengathi angaphila kuze kufike isenzakalo esithile esiyingqayizivele—kungaba ukuvakasha kothandekayo noma ukugubha isikhumbuzo esithile. Lapho leso senzakalo sesifikile sadlula, ukufa kulandela ngokushesha. Yini enethonya ezimweni ezinjalo? Ingabe ngempela ithemba lingaba namandla abanye abakholelwa ukuthi linawo?

Inani elandayo labacwaningi bezokwelapha libonisa ukuthi ukulindela okuhle, ithemba kanye neminye imizwelo emihle ngempela kunethonya elinamandla ekuphileni nasempilweni yomuntu. Kodwa abavumelani bonke kule ndaba. Abanye abacwaningi bathi imibono enjalo iyinkolelo-ze engahambisani nesayensi. Bancama ukukholelwa ukuthi ukugula okungokomzimba kubangelwa yizici ezingokomzimba kuphela.

Kuyiqiniso ukuthi ukungabaza ukubaluleka kwethemba akukusha. Eminyakeni eyizinkulungwane edlule, isazi sefilosofi esingumGreki u-Aristotle sacelwa ukuba sichaze ukuthi liyini ithemba futhi sathi: “Ukuphupha emini.” Kanti muva nje, ilungu lesigele saseMelika uBenjamin Franklin laphawula ngokubhuqa: “Umuntu ophila ngethemba uyofa esazilé ukudla.”

Pho, liyini-ke ngempela ithemba? Ingabe lihlale liwukuzikhohlisa nje, indlela abantu abafuna ngayo induduzo ngamaphupho ayize? Noma ingabe sikhona isizathu esizwakalayo sokubheka ithemba njengokuthile okungaphezu kwalokho—okuthile sonke esikudingayo ukuze sibe nempilo nenjabulo, okuthile okunesisekelo esingokoqobo nezinzuzo zangempela?