Izingoma Eziqanjiwe

Izingoma ezibonisa indlela esilazisa ngayo ifa lethu lobuKristu.

Ngizokulinda Jehova

Lindela uJehova ngokubheka ngale kwezindonga zasejele nangokuziqinisa ngezinto ezakha ukholo.

Isidingo Sokwazi UJehova

Ukwanelisa isidingo esinaso sokwazi uJehova kwenza sijabule ngempela.

Uthando Oluludlula Lonke

Yiziphi izibusiso ozozithola uma ulokhu uthuthuka ekukhonzeni uJehova?

Siza Ubatshele Ukuthi Uyabathanda

Bona indlela abantu abanezimo ezingafani abakwazi ngayo ukubonisa kuthi bayabathanda abanye ngamazwi nangezenzo.

Siyakubona Sisi

Siyabazisa odadewethu abathembekile abasemhlabeni wonke.

Indlela Yokuphila

Ukuzifunela izinto ezinkulu zikaJehova kusukela usemusha kusisiza sihlale endleleni eya ekuphileni.

Ithuba Ngalinye

Lapho sicabangisisa ngesipho sokuphila, sigwema ukulahla amathuba ayigugu okuba nabantu esibathandayo.

Linothando LukaJehova

IZwi likaNkulunkulu ligcwele amazwi amnandi anothando. Thola indlela lolo thando olukhuthaze lwasiza ngayo izinceku zikaNkulunkulu kuwo wonke umlando.

Kuyangijabulisa Ukwenza Intando Yakho (Ingoma YoMhlangano Wesifunda Ka-2025)

Njengoba silingisa isibonelo sikaJesu sokulalela ngenjabulo, nathi siyakujabulela ukwenza intando kaNkulunkulu.

Luseduze Lolo Suku

Sekuseduze sijabulele izibusiso zezwe elisha.

Ngibumbe Nkosi

Ukuvumela uJehova akubumbe kungakushintsha ngokuphelele ukuphila kwakho.

Ukulwela Ukuthula Ezweni Elibi

Ukulwela ukuba kube nokuthula kuyamkhazimulisa uJehova.

Nikani UJehova Inkazimulo

Ukuthanda uJehova nokumazisa kwenza sifise ukumdumisa.

Ngamandla Akho Jehova

Bona indlela uJehova ‘anika’ ngayo “abangenabani ikhaya.”

Masiphileni Ukuphila Okulula

Sizojabula ngempela uma sigxila ezintweni eziyisisekelo uJehova asinika zona.

Phumula

Ukubheka indalo kaNkulunkulu kusisiza kanjani siphumule ukuze sibhekane ngokuphumelelayo nezinkinga zokuphila?

“Ukuphila Kwangempela”

Zindla ngendlela ithemba lethu lekusasa elisenza ngayo sibe namandla okukhuthazelela izimo ezinzima.

“Izindaba Ezinhle”! (Ingoma YoMhlangano Wesifunda Ka-2024)

Kusukela ngekhulu lokuqala kuze kube namuhla, abantu baye bashumayela izindaba ezinhle ngenjabulo, bahlanganyela emsebenzini omkhulu kakhulu kunathi sonke—umsebenzi oqondiswa uJesu uqobho, esekelwa izingelosi ezihlukahlukene.

‘Ukuthula Okunjengomfula’

Ukuthula okuvela kuJehova kunjengomfula, kugobhoza phakade.

Ngiqinisa Ukholo Lwami

Qinisa ukholo lwakho, ukuze ungabi nakungabaza.

Ekhaya

Akukephuzi ukuba ubuye ekhaya.

Ngeke Sizigodle

Thembela kuJehova, ushumayele yize wesaba.

Usazi Ngabanye

UJehova usazi ngabanye futhi uyayiqonda indlela esizizwa ngayo ekujuleni kwezinhliziyo zethu.

Iz’nhlamv’ Ezimbili

UJehova uyajabula ngokuzidela neminikelo oyenzayo kwakho, kungakhathaliseki ukuthi kuncane noma kukhulu.

Soy’hubela Sonke Ngazwi Linye

Sinokuthula esithola ngenxa yokukhonza uJehova.

Sondelani Kimi

UNkulunkulu wamukela ngothando wonke umuntu othanda ukusondela kuye, kungakhathaliseki ukuthi unjani.

‘Ngeke Lwephuze!’ (Ingoma YoMhlangano Wesifunda Ka-2023)

Lingisa izinceku ezithembekile njengoba umlinde ngesineke uJehova.

Bambisis’ Uk’phila Okuphakade

Singakwazi ukujabula, siphile ukuphila okunenjongo manje naphakade.

Funda Emaphutheni

Uma ufunda ephutheni, uqina kakhulu kunakuqala.

Sibuye Sibe Abangane

Khohlwani ngokoniwa, nibuye nibe abangane!

Ngiyazi UJehova Unami

Ngosizo lukaJehova, singakunqoba ukwesaba.

NginoMalus’ Omuhle

Yizwa ngokuphila kwenceku ekhonza ngokwethembeka, elalela izwi likamalusi.

Ek’gcineni S’yoba Nok’thula! (Ingoma Yomhlangano Wesifunda Ka-2022)

Bheka ngale kwezinkinga, esikhathini esinokuthula esithenjiswe uNkulunkulu.

Siyaqinisana

Singakhuthazelela noma yiluphi uvivinyo ngenxa yokuthi simunye nabo bonke abafowethu futhi uJehova uyasisiza.

Umndeni KaJehova

Basekhona abantu kuleli zwe abasafuna iqiniso. Le vidiyo izokukhuthaza ukuba uqhubeke icinga abanjengezimvu.

Ziphe Is’khathi NoJehova

Ukuba matasa nezinto zikaJehova indlela engcono kakhulu yokuphila.

Zibone

Jabula ethembeni lezwe elisha.

Yenz’ UMbuso Uze Kuqala

Wasebezisele ukukhonza uJehova amandla akho. Awusoze wazisola!

“Jabulani”

Le ngoma yenjabulo isikhumbuza izizathu eziningi zokuba sijabule.

Nginokholo

Cabanga ngekusasa elihle ngokubabazekayo uNkulunkulu aligcinele isintu.

Singabant’ Abanobunye

Naphezu kovivinyo nosizi esibhekana nalo, sihlala sinobunye.

Qaph’ Inhliziyo

Ungakwazi ukunqoba ukucindezeleka ngosizo lukaJehova.

S’thandwa Sami

Sijabulele isipho sikaJehova somshado.

Ngeke S’hlehle

Ukholo oluqinile lwakhiwa ngezinto zokwakha zezinga eliphezulu.

Masiqhubekeni Sigijima

Yenza izinqumo ezihlakaniphile ukuze unqobe emncintiswaneni wokuphila.

Ungabi Namagqubu

Ukhona yini okuphathe kabi? Ukuzwa kunzima ukumthethelela? Thola ukuthi ungenze njani ukuba umthethelele, ungambambeli amagqubu.

S’yojabula Phakade

UJehova nguye osenza sijabule ngempela manje futhi uyohlale esenza sijabule.

Qinisekani

Siyaqiniseka ukuthi uJehova uyasithanda ngisho noma sibhekana noshushiso.

Njengezingane

Yini esingayenza ukuze sibe njengezingane endleleni esibonisa ngayo uthando?

Z’phonse kuJah

Qhubeka uncika kuJehova ukuze akuphe amandla nenduduzo lapho ucindezelekile.

Ngikuph’ Uk’phila Kwam

Sinikezela ukuphila kwethu kuJehova sibhapathizwe ngenxa yokuthi siyamthanda.

Uthand’ Ol’qotho

Uthando lukaJehova luqotho. Lokho kuyasiduduza futhi kusijabulise.

Sisezwen’ Elisha

Singazithonya izingqondo zethu ngalokho esikubona ngeso lengqondo. Le ngoma isisiza sigxile ezweni elisha.

UJah Uhlal’ Esisiza

UJehova uhlale ekulungele ukusisiza.

“Yilwa Ukulwa Okuhle Kokholo”

Singaqhubeka sithembekile kuJehova naphezu kwezinkinga nobunzima.

Singabandawonye

Siwumndeni kaJehova kungakhathaliseki ukuthi sikuphi.

Mbonge UNkulunkulu Ngendalo

Ziphe isikhathi sokuzindla ngendalo kaJehova bese uyambonga ngomthandazo.

Yiba Nesibindi Uqine

Ingoma esiyithandayo esisiza sikhuthazele.

Usuku Olulandelayo Luyoba Nezalo Izinkathazo

Singaba nokuthula nenjabulo naphezu kwezinkinga esibhekana nazo.

Konke Engingakunikela

Kufanele sizinikele ngomphefumulo wonke kuJehova.

Simunye

Nakuba siphila ezweni elibi, siyingxenye yabafowethu abanokuthula nobunye.

Ungancika Kim

Sinabangane esingancika kubo, sijabule nabo basisiza nalapho sibhekene nezikhathi ezinzima.

Ngiphe Isibindi

UJehova angasipha isibindi sokukhuthazelela noma yibuphi ubunzima esingabhekana nabo.

Abangane Beqiniso

Ungabatholaphi abangane beqiniso?

Ukufuna

Labo abafuna ngempela ukumazi uNkulunkulu nezinjongo zakhe bangamazi uma benza umzamo wokumfuna.

Ungesabi

Uma sibhekene nezikhathi ezinzima kudingeka sikhumbule ukuthi asisodwa.

Uthando Lobuzalwane

Abekho abantu emhlabeni abasizana njengabantu bakaJehova.

Angingedwa

Uma uNkulunkulu wethu kunguJehova, asisodwa.!

Sengenza Ushintsho

Ingabe uye wakhuthazwa ukuba wenze ushintsho?

Ngik’thanda Ngempela

Lapho uJehova esemshadweni wenu, uyaqina!

Ngikwethemba Nakakhudlwana

Ukufunda nokuzindla ngeZwi likaNkulunkulu kungasisiza sikwazi ukubhekana nezinkinga zokuphila.

Izinto Ezibalulekile

Kudingeka sibekele eceleni isikhathi sokwenza izinto ezibalulekile—ukuthandaza, ukutadisha nokwenza izinto ezibonisa ukuthi sizinikezele kuNkulunkulu

Indalo Iyamangalisa

Imisebenzi yezandla zikaJehova iyamangalisa futhi yenza sifune ukumculela.

Ngibheke

Sisebenzise kahle isikhathi osichitha nabafowethu nodadewethu.

Indawo Ezokunika Udumo

Siyakujabulela ukunikezela kuYe indawo ezokhazimulisa igama lakhe elikhulu.

Ng’yazigcina Izikhumbuzo Zakho

Masibonise ngamazwi nangezenzo ukuthi sizithanda ngempela izikhumbuzo zikaJehova.

Ukholo Luyasiza

Kudingeka umzamo ukuze siqinise ukholo lwethu, kodwa uJehova uzosivuza uma siwenza lowo mzamo.

Ngenza Ikusasa NoJehova

Jabulisa uNkulunkulu usuku ngalunye ngalokho okukhethayo.

Yima, Zindla, Uthandaze

Yini esingayenza lapho sinezinkinga?

IZwi Lakho Liyoma Phakade

Siyamdumisa uNkulunkulu ngokulondolozela isintu iZwi lakhe!

Ulwazi Lungamandla

Ukutadisha iZwi likaNkulunkulu lungasiza abasebasha basondelane noNkulunkulu.

Izinqumo

Kumelwe sibheke ukuthi izinqumo esizenzayo ziyithinta kanjani inkonzo yethu nabanye abantu.

Ususemnyango

Ukubheka phambili ePharadesi kungasisiza sikhuthazele.

Masithethelelane

Funa amathuba ekuphileni kwakho lapho ungalingisa khona uJehova, uthethelele abanye.

‘Ngenis’ Izihambi’

Yiziphi ezinye izindlela esingabonisa ngazo umoya wokungenisa izihambi?

Ngikunike Okuy’gugu

Akukho lula kubazali ukubona izingane zabo zithuthela kude nasekhaya.

UJehova Uyakwamukela

Umoya ongcwele kaNkulunkulu ungakusiza uthathe izinyathelo ezidingekayo ukuze ubuyele kuye.

Ukuthola Amagugu

Lapho sizitadishela futhi sikhulekela njengomkhaya singasondela nakakhulu kuJehova.

Manje Isikhathi

Umoya wokuphayona usenza siphane komakhelwane.

Ngiyajabula Ngokuthi Nginqobile

Yini engasiza abasebasha babhekane nokucindezelwa intsha yasesikoleni?

Ngizokunika Konke

Nikeza uNkulunkulu okusemandleni akho lapho usemusha.

Siyaxolisa, awekho amagama afana nalawo owakhethile.