Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kwesobunxele: Udade oyi-colporteur ushumayela eKorea ngo-1931; Kwesokudla: Bashumayela ngolimi lwezandla eKorea namuhla

INGXENYE 2

Ukushumayela NgoMbuso—Ukusakaza Izindaba Ezinhle Emhlabeni Wonke

Ukushumayela NgoMbuso—Ukusakaza Izindaba Ezinhle Emhlabeni Wonke

AWUSEBENZI namhlanje. Uvuka ekuseni ulungiselele ukuya ensimini. Umathintanyawo kancane ngoba uzizwa ukhathele. Ungathanda ukuphumula. Ube usuthandaza, bese unquma ukuthi uzoya ensimini. Wabiwa nodade osekhulile othembekile futhi ukukhuthazela nomusa wakhe kukuthinta inhliziyo. Njengoba nixoxa nabantu ngeqiniso endlini ngendlu, uyakhumbula ukuthi abafowenu nodadewenu emhlabeni wonke baxoxa ngesigijimi esifanayo, basebenzisa izincwadi ezifanayo, bonke baqeqeshwa ngendlela efanayo. Lapho ufika ekhaya, kuphelile ukukhathala. Uyajabula ngokuthi awuhlalanga ekhaya!

Njengamanje inkonzo yobuKristu iwumsebenzi oyinhloko woMbuso kaNkulunkulu. UJesu wabikezela ukuthi umsebenzi wokushumayela uyokwenziwa ezindaweni eziningi kakhulu kulezi zinsuku zokugcina. (Math. 24:14) Sigcwaliseke kanjani lesi siprofetho? Kule ngxenye, sizofunda ngabantu, izindlela namathuluzi konke obekulokhu kubalulekile enkonzweni yobuKristu esiza izigidi emhlabeni zibone ukuthi uMbuso kaNkulunkulu ungokoqobo.

KULE NGXENYE

ISAHLUKO 6

Abantu Abashumayelayo—Izikhonzi Zizinikela Ngokuzithandela

Kungani uJesu ayeqiniseka ngokuthi wayeyoba nabantu abanjengebutho abazinikele ngokuzithandela ekushumayeleni ezinsukwini zokugcina? Ungabonisa kanjani ukuthi ufuna kuqala uMbuso?

ISAHLUKO 7

Izindlela Zokushumayela—Basebenzisa Zonke Izindlela Ukuze Bafinyelele Abantu

Funda ngezindlela ezintsha abantu bakaNkulunkulu abazisebenzisile ukuze bafinyelele abantu abaningi ngangokunokwenzeka ngezindaba ezinhle ngaphambi kokufika kokuphela.

ISAHLUKO 8

Amathuluzi Okushumayela—Ukukhiqiza Izincwadi Zensimu Yomhlaba Wonke

Umsebenzi wethu wokushumayela ufakazela kanjani uJesu uyasisekela? Yimaphi amaqiniso ngezincwadi zethu afakazela ukuthi uMbuso ungokoqobo kuwe?

ISAHLUKO 9

Imiphumela Yokushumayela—“Amasimu . . . Asemhlophe Alungele Ukuvunwa”

UJesu wafundisa abafundi bakhe izifundo ezimbili ezibalulekile ngesivuno esikhulu esingokomoya. Zisithinta kanjani namuhla?