Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Incwadi Eyisibonelo

Incwadi Eyisibonelo
  • Sebenzisa ikheli lakho. Uma unomuzwa wokuthi ngeke kube ukuhlakanipha ukusebenzisa ikheli lakho, ungasebenzisa eleHholo loMbuso uma abadala bekunika imvume. Nokho, UNGALOKOTHI usebenzise ikheli lehhovisi legatsha.

  • Bhala igama lo muntu ombhalelayo uma ulazi. Lokhu kuzokwenza kucace ukuthi lena akuyona incwadi yokukhangisa.

  • Bhekisisa ukuthi wonke amagama abhalwe kahle, umthetho wolimi uhlonishiwe nezimpawu zolimi zifakwe kahle. Incwadi kufanele ibukeke icocekile, ingaxikiziwe. Uma ibhalwe ngesandla, kufanele ifundeke kahle. Lapho ubhala akufanele usebenzise ulimi oluhlonipheke kakhulu noma olukhululeke ngokweqile.

Incwadi eyisibonelo engakwesokudla iwabonisa kahle la maphuzu. Akufanele isetshenziswe njengoba injalo ngaso sonke isikhathi lapho ubhalela othile ensimini yenu. Yenza kubonakale ukuthi uyibhaleleni incwadi yakho futhi kumelwe ivumelane nezimo namasiko endawo.