AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | EKSODUSI 6-7

“Manje Uzokubona Engizokwenza KuFaro”

“Manje Uzokubona Engizokwenza KuFaro”

6:1, 6, 7; 7:4, 5

Ngaphambi kokuba uJehova alethe izishayo eGibhithe futhi akhulule ama-Israyeli ebugqilini, wawatshela ama-Israyeli lokho ayezokwenza. Ayezobona amandla kaJehova eboniswa ngezindlela ezazingakaze zibonwe, futhi nakanjani abaseGibhithe babezokwazi ukuthi ungubani uJehova. Lapho izithembiso zikaNkulunkulu zigcwaliseka, ukholo lwama-Israyeli lwaluqina, futhi lokhu kwasiza kwanciphisa amathonya aseGibhithe enkolo yamanga.

Le ndaba yeBhayibheli iluqinisa kanjani ukholo lwakho lokuthi izithembiso zesikhathi esizayo zizogcwaliseka?