Eksodusi 7:1-25

  • UJehova uqinisa uMose (1-7)

  • Induku ka-Aroni iba inyoka enkulu (8-13)

  • Inhlupho 1: amanzi aphenduka igazi (14-25)

7  UJehova wabe esethi kuMose: “Bheka, ngikwenze waba njengoNkulunkulu* kuFaro futhi u-Aroni umfowenu uzoba umprofethi wakho. +  Wena kumelwe umtshele zonke izinto engizokuyala ngazo, u-Aroni umfowenu nguye ozokhuluma noFaro, uFaro uzowakhulula ama-Israyeli ezweni lakhe.  Mina ngizovumela inhliziyo kaFaro ibe nenkani, + ngizozandisa nezibonakaliso nezimangaliso zami ezweni laseGibhithe. +  Kodwa uFaro ngeke anilalele, ngizobeka isandla sami phezu kweGibhithe ngikhiphe abantu bami, ama-Israyeli, ngamaqembu ahleliwe,* ezweni laseGibhithe ngezahlulelo ezinkulu. +  AbaseGibhithe nakanjani bayokwazi ukuthi nginguJehova + lapho ngelulela isandla sami eGibhithe, ngikhipha ama-Israyeli phakathi kwabo.”  UMose no-Aroni benza lokho uJehova ayebayale ngakho; benza kanjalo nje.  UMose wayeneminyaka engu-80 ubudala, u-Aroni eneminyaka engu-83 ngesikhathi bekhuluma noFaro. +  Manje uJehova wathi kuMose no-Aroni:  “Uma uFaro ethi kini, ‘Yenzani isimangaliso,’ ubothi ku-Aroni, ‘Thatha induku yakho uyiphonse phansi phambi kukaFaro.’ Izoba inyoka enkulu.” + 10  Ngakho uMose no-Aroni baya kuFaro benza njengoba nje uJehova ayeyalile. U-Aroni wayiphonsa phansi induku yakhe phambi kukaFaro nezinceku zakhe, yaba inyoka enkulu. 11  Nokho, uFaro wabiza amadoda ahlakaniphile nabathakathi, abapristi baseGibhithe abenza imilingo + nabo benza into efanayo ngomlingo wabo. *+ 12  Ngamunye waphonsa phansi induku yakhe, izinduku zabo zaba izinyoka ezinkulu; kodwa induku ka-Aroni yazigwinya izinduku zabo. 13  Noma kunjalo, inhliziyo kaFaro yaba nenkani, + akazange abalalele, njengoba nje uJehova ayeshilo. 14  UJehova wathi kuMose: “Inhliziyo kaFaro ayishintshi. + Wenqabile ukukhulula abantu. 15  Kusasa ekuseni uzokwenza lokhu: Lapho uFaro eza eMfuleni iNayile, kufanele ume osebeni loMfula iNayile ukuze uhlangane naye, uphathe induku eyaphenduka inyoka. + 16  Kumelwe uthi kuye, ‘UJehova uNkulunkulu wamaHebheru ungithume kuwe, + uthi: “Khulula abantu bami ukuze bangikhonze ehlane,” kodwa awuzange ulalele kuze kube manje. 17  Yilokhu uJehova akushoyo: “Uzokwazi ngalokhu ukuthi nginguJehova. + Bheka ngishaya amanzi oMfula iNayile ngale nduku esesandleni sami, azophenduka igazi. 18  Izinhlanzi eziseNayile zizofa, neNayile izonuka futhi abaseGibhithe ngeke bakwazi ukuphuza amanzi eNayile.”’” 19  Ngemva kwalokho uJehova wathi kuMose: “Yithi ku-Aroni, ‘Thatha induku yakho welulele isandla sakho phezu kwamanzi aseGibhithe, + phezu kwemifula yalo, phezu kwemisele yalo,* phezu kwamaxhaphozi alo, + naphezu kwawo wonke amadamu alo, ukuze abe igazi.’ Kuzoba khona igazi kulo lonke izwe laseGibhithe ngisho nasezitsheni zokhuni nezetshe.” 20  Ngokushesha uMose no-Aroni benza njengoba nje uJehova ayeyalile. U-Aroni waphakamisa induku washaya amanzi oMfula iNayile phambi kukaFaro nezinceku zakhe, wonke amanzi omfula aphenduka igazi. + 21  Izinhlanzi ezazisemfuleni zafa, + umfula waqala ukunuka, abaseGibhithe babengasakwazi ukuphuza amanzi eNayile, + kwakunegazi kulo lonke izwe laseGibhithe. 22  Noma kunjalo, abapristi baseGibhithe abenza imilingo benza into efanayo ngobuciko babo obuyimfihlo, + ngakho inhliziyo kaFaro yaqhubeka inenkani, futhi akabalalelanga, njengoba nje uJehova ayeshilo. + 23  UFaro wabuyela endlini yakhe, akazange akunake nalokhu. 24  Bonke abaseGibhithe bamba nxazonke zeNayile befuna amanzi okuphuza, ngoba babengakwazi ukuphuza amanzi eNayile. 25  Kwadlula izinsuku eziyisikhombisa ngemva kokuba uJehova eshaye iNayile.

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “ngikwenze uNkulunkulu.”
NgesiHebheru, “amabutho ami.”
Noma, “ngobuciko babo bemilingo.”
Okuwukuthi, imisele evela eNayile.