Eksodusi 7:1-25
7 UJehova wabe esethi kuMose: “Bheka, ngikwenze waba njengoNkulunkulu* kuFaro futhi u-Aroni umfowenu uzoba umprofethi wakho. +
2 Wena kumelwe umtshele zonke izinto engizokuyala ngazo, u-Aroni umfowenu nguye ozokhuluma noFaro, uFaro uzowakhulula ama-Israyeli ezweni lakhe.
3 Mina ngizovumela inhliziyo kaFaro ibe nenkani, + ngizozandisa nezibonakaliso nezimangaliso zami ezweni laseGibhithe. +
4 Kodwa uFaro ngeke anilalele, ngizobeka isandla sami phezu kweGibhithe ngikhiphe abantu bami, ama-Israyeli, ngamaqembu ahleliwe,* ezweni laseGibhithe ngezahlulelo ezinkulu. +
5 AbaseGibhithe nakanjani bayokwazi ukuthi nginguJehova + lapho ngelulela isandla sami eGibhithe, ngikhipha ama-Israyeli phakathi kwabo.”
6 UMose no-Aroni benza lokho uJehova ayebayale ngakho; benza kanjalo nje.
7 UMose wayeneminyaka engu-80 ubudala, u-Aroni eneminyaka engu-83 ngesikhathi bekhuluma noFaro. +
8 Manje uJehova wathi kuMose no-Aroni:
9 “Uma uFaro ethi kini, ‘Yenzani isimangaliso,’ ubothi ku-Aroni, ‘Thatha induku yakho uyiphonse phansi phambi kukaFaro.’ Izoba inyoka enkulu.” +
10 Ngakho uMose no-Aroni baya kuFaro benza njengoba nje uJehova ayeyalile. U-Aroni wayiphonsa phansi induku yakhe phambi kukaFaro nezinceku zakhe, yaba inyoka enkulu.
11 Nokho, uFaro wabiza amadoda ahlakaniphile nabathakathi, abapristi baseGibhithe abenza imilingo + nabo benza into efanayo ngomlingo wabo. *+
12 Ngamunye waphonsa phansi induku yakhe, izinduku zabo zaba izinyoka ezinkulu; kodwa induku ka-Aroni yazigwinya izinduku zabo.
13 Noma kunjalo, inhliziyo kaFaro yaba nenkani, + akazange abalalele, njengoba nje uJehova ayeshilo.
14 UJehova wathi kuMose: “Inhliziyo kaFaro ayishintshi. + Wenqabile ukukhulula abantu.
15 Kusasa ekuseni uzokwenza lokhu: Lapho uFaro eza eMfuleni iNayile, kufanele ume osebeni loMfula iNayile ukuze uhlangane naye, uphathe induku eyaphenduka inyoka. +
16 Kumelwe uthi kuye, ‘UJehova uNkulunkulu wamaHebheru ungithume kuwe, + uthi: “Khulula abantu bami ukuze bangikhonze ehlane,” kodwa awuzange ulalele kuze kube manje.
17 Yilokhu uJehova akushoyo: “Uzokwazi ngalokhu ukuthi nginguJehova. + Bheka ngishaya amanzi oMfula iNayile ngale nduku esesandleni sami, azophenduka igazi.
18 Izinhlanzi eziseNayile zizofa, neNayile izonuka futhi abaseGibhithe ngeke bakwazi ukuphuza amanzi eNayile.”’”
19 Ngemva kwalokho uJehova wathi kuMose: “Yithi ku-Aroni, ‘Thatha induku yakho welulele isandla sakho phezu kwamanzi aseGibhithe, + phezu kwemifula yalo, phezu kwemisele yalo,* phezu kwamaxhaphozi alo, + naphezu kwawo wonke amadamu alo, ukuze abe igazi.’ Kuzoba khona igazi kulo lonke izwe laseGibhithe ngisho nasezitsheni zokhuni nezetshe.”
20 Ngokushesha uMose no-Aroni benza njengoba nje uJehova ayeyalile. U-Aroni waphakamisa induku washaya amanzi oMfula iNayile phambi kukaFaro nezinceku zakhe, wonke amanzi omfula aphenduka igazi. +
21 Izinhlanzi ezazisemfuleni zafa, + umfula waqala ukunuka, abaseGibhithe babengasakwazi ukuphuza amanzi eNayile, + kwakunegazi kulo lonke izwe laseGibhithe.
22 Noma kunjalo, abapristi baseGibhithe abenza imilingo benza into efanayo ngobuciko babo obuyimfihlo, + ngakho inhliziyo kaFaro yaqhubeka inenkani, futhi akabalalelanga, njengoba nje uJehova ayeshilo. +
23 UFaro wabuyela endlini yakhe, akazange akunake nalokhu.
24 Bonke abaseGibhithe bamba nxazonke zeNayile befuna amanzi okuphuza, ngoba babengakwazi ukuphuza amanzi eNayile.
25 Kwadlula izinsuku eziyisikhombisa ngemva kokuba uJehova eshaye iNayile.

