AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | EKSODUSI 8-9

UFaro Oqhoshayo Ufeza Injongo KaNkulunkulu Engazi

UFaro Oqhoshayo Ufeza Injongo KaNkulunkulu Engazi

8:15, 18, 19; 9:15-17

Ofaro baseGibhithe babezibheka njengoNkulunkulu. Lokhu kusisiza siqonde ukuthi kungani uFaro ayengafuni kangaka ukulalela uMose no-Aroni, ngisho nabapristi bakhe abenza imilingo.

Uyalalela yini uma abanye bekunikeza amacebiso? Uyabonisa yini ukuthi uyabonga uma othile ekweluleka? Noma uhlale ucabanga ukuthi okushoyo akushayi eceleni? “Ukuziqhenya kwandulela ukuphahlazeka.” (IzA 16:18) Ave kubalulekile ukuqiniseka ukuthi asiqhoshi!