Dlulela kokuphakathi

Sanquma Ukwenza Ukuphila Kwethu Kube Lula

Sanquma Ukwenza Ukuphila Kwethu Kube Lula

 UMadián noMarcela babejabulela ukuphila okuntofontofo eMedellín, eColombia. Umsebenzi kaMadián wawumholela kahle, yingakho babekwazi ukuhlala efulethini elihle. Kodwa kunokuthile okwabenza baphinde bahlaziya izinto eziza kuqala ekuphileni kwabo njengezinceku zikaJehova uNkulunkulu. Bayachaza: “Ngo-2006 saya emhlanganweni wesigodi othi ‘Gcina Iso Lakho Lilihle.’ Izinkulumo eziningi zagcizelela isidingo sokwenza ukuphila kwethu kube lula ukuze sikhonze uNkulunkulu ngokugcwele. Uma siphuma emhlanganweni, saqaphela ukuthi sasenza okuphambene nalokho. Sasithenga zonke izinto ezingenasidingo futhi sinesikweletu esikhulu okufanele sisikhokhele.”

 Izinkulumo emhlanganweni wesigodi zenza uMadián noMarcela baqala ukubona ukuthi babedinga ukwenza ushintsho, ngakho baqala ukuphila ukuphila okulula. Bathi: “Saqala ukunciphisa izindleko zethu. Sathuthela efulethini elincane, sadayisa imoto yethu, sathenga isithuthuthu.” Ngaphezu kwalokho, bayeka ukuya ezitolo ukuze bangalingeki ukuba bathenge izinto. Baqala ukuchitha isikhathi esithe xaxa bexoxa nomakhelwane ngeBhayibheli. Bazihlanganisa nanabangane babo abangamaphayona akhethekile ababekhonza uJehova uNkulunkulu ngentshiseko. a

 Ngokushesha, uMadián noMarcela banquma ukwandisa inkonzo yabo ngokuthuthela ebandleni elincane lasemaphandleni elalidinga usizo. Ukuze bakwazi ukuthutha, uMadián wasula emsebenzini. Umphathi wakhe wayecabanga ukuthi ikhanda lakhe lalidungekile. Ngakho uMadián wabonisana naye, ebuza: “Uhola imali eningi, kodwa ingabe ujabule?” Umphathi wavuma ukuthi wayengajabule, ngoba wayenezinkinga eziningi ezingaphezu kwamandla akhe. UMadián wabe esethi kuye: “Okubalulekile akukhona ukuthi uhola imali engakanani. Kodwa ukuthi yini ngempela ekwenza ujabule. Ukufundisa abantu ngoNkulunkulu kwenza mina nomkami sijabule, futhi sifuna ukujabula nakakhulu ngokunikela isikhathi esithe xaxa kulo msebenzi.”

 UMadián noMarcela bathole ukwaneliseka nenjabulo yangempela ngokwenza izinto ezijabulisa uNkulunkulu. Sebeneminyaka engu-13 manje bekhonza lapho kunesidingo khona emabandleni asenyakatho-ntshonalanga yeColombia. Manje bajabulela ilungelo lokukhonza njengamaphayona akhethekile.

a Amaphayona akhethekile akhethwe yihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova ukuba ayoshumayela izindaba ezinhle isikhathi esigcwele ezindaweni ezithile. Athola imadlana encane ukuze athenge izinto eziyisidingo.