Dlulela kokuphakathi

Umhloli Wezokuphepha Uncoma OFakazi

Umhloli Wezokuphepha Uncoma OFakazi

Ngemva kokuba umhloli wezokuphepha kahulumeni evakashele esakhiweni seHholo LoMbuso edolobheni laseSydney, e-Australia, wathi: “Lalingesinye sezakhiwo ezihamba phambili ngokuphepha engike ngazivakashela ngemva kwesikhathi eside.”

Umhloli wabhala: “Indawo okwakhiwa kuyo yayinakekelwa kahle . . . Yayihlanzekile futhi icocekile inezindawo ezikahle zokungena nokuphuma, zonke izintambo zikagesi zaziphanyekiwe ukuze zingahambi phansi, izinto zokucima umlilo zazisesimweni esifanelekayo . . . Bonke abantu babegqoke izingubo ezinemikhono emide, amabhulukwe amade, izigqoko ezivikela ikhanda kanye nezibuko. . . . Abantu endaweni yesakhiwo babenomusa.”

UVictor Otter, ongumqondisi esakhiweni, uthi: “OFakazi BakaJehova babheka ukuphepha njengento ebaluleke kakhulu. Lapho sisebenza ngendlela ephephile, sibonakalisa umbono kaNkulunkulu ngokuphila futhi sithuthukisa ukubambisana nenjabulo. Ngemva kokusebenza kanzima usuku lonke, ngokuvamile ngibuyela ekhaya ngimomotheka.”

IHholo LoMbuso elinezihlalo ezingu-127 laqedwa ngo-April 2012.