Dlulela kokuphakathi

Amahhovisi Egatsha OFakazi BakaJehova Ahlanganisiwe

Amahhovisi Egatsha OFakazi BakaJehova Ahlanganisiwe

Kusukela ngo-September 2012 amahhovisi egatsha oFakazi BakaJehova angaphezu kuka-20 aseqondiswa amagatsha amakhulu.

Okunye futhi, sekuvulwe amagatsha amasha eSerbia naseMacedonia. Zimbili izizathu eziyinhloko zalolu shintsho.

1. Ezobuchwepheshe sezenze umsebenzi waba lula

Eminyakeni yamuva, ukuthuthuka kwezindlela zokuxhumana nezokunyathelisa kunciphise isidingo sezisebenzi kwamanye amagatsha. Njengoba base benciphile abantu ababekhonza emagatsheni amakhulu, kwavuleka indawo engasetshenziselwa ukuhlalisa abathile ababesebenza emagatsheni amancane kwamanye amazwe.

Manje, la magatsha asenenani elikhudlwana loFakazi abanolwazi olunzulu abanganakekela umsebenzi wokufundisa ngeBhayibheli. Ngokwesibonelo, umsebenzi wokushumayela eCosta Rica, e-El Salvador, eGuatemala, eHonduras, eNicaragua nasePanama usuqondiswa igatsha laseMexico. Ngenxa yalokho, aye avalwa amahhovisi egatsha kulawo mazwe ayisithupha.

OFakazi abangu-40 ababekulawo magatsha ayisithupha babelwa egatsheni laseMexico. Abanye abangaba ngu-95 baye bahlala emazweni abo, bangenela inkonzo yesikhathi esigcwele.

Abanye kulawo mazwe aseMelika Ephakathi baqala ukusebenza emahhovisi abahumushi, beqondiswa igatsha laseMexico. Ngokwesibonelo, oFakazi abangaba ngu-20 ePanama bahumusha izincwadi ngezilimi zendabuko. Endaweni eyayiyihhovisi legatsha laseGuatemala, abanye oFakazi abangu-16 manje bahumusha izincwadi ngezilimi ezine zendawo. Ngakho, eMelika Ephakathi, lokhu kuhlanganiswa kwamagatsha kunciphise isibalo sezisebenzi sasuka ku-300 saba ngu-75.

2. Kutholakala izisebenzi ezizochitha isikhathi esiningi zishumayela

Ngenxa yalokhu kuhlanganiswa kwamagatsha, izikhonzi ezifanelekayo ebezikhonza emagatsheni amane sezingagxila ekushumayeleni izindaba ezinhle.

UFakazi wase-Afrika, owabelwa emsebenzini wokushumayela, wabhala: “Ukwenza indlela yami yokuphila ivumelane nezimo ezintsha kwakuyinselele ezinyangeni zokuqala ezimbalwa. Kodwa ukuba sensimini nsuku zonke kuye kwanginikeza intokozo nezibusiso engingeziqhathanise nalutho. Ngikhuluma nje ngiqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-20, abanye babo bayeza nasemihlanganweni yebandla.”