Amabalazwe EBhayibheli
Incwajana ethi ‘Bona Izwe Elihle’ inamabalazwe eBhayibheli anemininingwane eminingi, angakusiza ukuba uzuze nakakhulu lapho utadisha iBhayibheli. IBhayibheli likhuluma ngezindawo, amadolobha namazwe amaningi ahlukahlukene. Ukusebenzisa la mabalazwe kungakwenza ukujabulele ukufunda nokutadisha iBhayibheli. Incwajana ethi ‘Bona Izwe Elihle’ izokusiza wazi ukuthi izindawo okukhulunywa ngazo eBhayibhelini zazikuphi futhi uzibone ngeso lengqondo. Izokusiza nokuba uqonde ukuthi isimo sendawo sasiba namuphi umthelela ezenzakalweni eziseBhayibhelini.
Incwajana ethi ‘Bona Izwe Elihle’ igcwele amabalazwe amibalabala namashadi ezindawo ezihlukahlukene okukhulunywa ngazo eBhayibhelini. La mabalazwe anemidwebo, izithombe ezenziwe ngekhompyutha nezinye izinto eziningi ezizokusiza ukujabulele ukutadisha iBhayibheli.
La mabalazwe eBhayibheli azokusiza ukuba
uqonde izindawo ezihlukahlukene u-Abrahama, u-Isaka, noJakobe ababehamba kuzo
ubone indlela eyathathwa ama-Israyeli lapho ephuma eGibhithe eya eZweni Lesithembiso
ubone ukuthi izizwe ezaziyizitha zama-Israyeli zazikuphi
ubone izindawo uJesu ahamba kuzo phakathi nenkonzo yakhe
uqonde ukuthi imibuso okukhulunywa ngayo eBhayibhelini, njengowaseBhabhiloni, eGrisi, naseRoma, yayilawula indawo engakanani
La mabalazwe eBhayibheli ungawathola mahhala ku-Watchtower ONLINE LIBRARY.