INQABAYOKULINDA—EFUNDWAYO Okthoba 2014
Lo magazine uqukethe izihloko ezifundwayo ezizofundwa kusukela ngo-December 1 kuya ku-December 28, 2014.
Bazinikela Ngokuzithandela —ETaiwan
Bangaphezu kwekhulu oFakazi BakaJehova abathuthele lapha ukuze bakhonze lapho kunesidingo esikhulu sabamemezeli boMbuso. Funda ngokuhlangenwe nakho kwabo nangamacebiso endlela abaphumelele ngayo.
Yiba Nokholo Olungenakunyakaziswa EMbusweni
UJehova wasebenzisa uchungechunge lwezivumelwano eziyisithupha ukuze aqinisekise ukuthi uMbuso wakhe uyofeza injongo yakhe. Lezi zivumelwano zingaluqinisa kanjani ukholo lwethu?
Niyoba “Umbuso Wabapristi”
Izivumelwano ezintathu zokugcina ochungechungeni lwezivumelwano eziyisithupha zingasishukumisela ukuba sithembele eMbusweni kaNkulunkulu futhi sishumayele kwabanye izindaba zawo ezinhle.
INDABA YOKUPHILA
Izenzakalo Ezibalulekile Ekuphileni Kwami Enkonzweni YoMbuso
UMildred Olson usekhonze uJehova iminyaka engaphezu kwengu-75, kuhlanganise necishe ibe ngu-29 eyisithunywa sevangeli e-El Salvador. Yini emenza azizwe eyitshitshi?
Lazise Ilungelo Lakho Lokusebenza NoJehova!
Yini eshukumisela labo abakhulekela uJehova ukuba bahlehlise ukuphishekela izinto abazithandayo?
“Gcinani Izingqondo Zenu Zigxilé Ezintweni Zaphezulu”
Kungani labo abanethemba lokuphila phakade emhlabeni kufanele bagxilise izingqondo zabo ezintweni zasezulwini? Bangakwenza kanjani lokhu?

