Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

ISITESHI SOKUSAKAZA SE-JW

Lalela Izinto Ezilalelwayo Kuyi-TV.JW.ORG

Lalela Izinto Ezilalelwayo Kuyi-TV.JW.ORG

Ingxenye eneZinto Ezilalelwayo iqukethe izinto eziningi ongazilalela. Lalela uhlelo olulodwa noma zonke ezikhona kulolo hlu.

Chofoza Izinto Ezilalelwayo ukuze ubone ukuthi yiziphi ezikhona. Landela lezi zinyathelo ezingezansi ukuze uthole futhi ulalele izinhlelo ezinezinto ezilalelwayo:

 Lalela Uhlelo Olulodwa Noma Lonke Uhlu Lwezinhlelo

Izinhlelo zezinto ezilalelwayo zibekwe ngaphansi kwesihloko sohlu. Yehla ukuze uzibone zonke.

Kuyi-computer noma kuyi-tablet: Chofoza Umcibisholo Ongakwesobunxele noma Umcibisholo Ongakwesokudla ukuze ubone izinhlelo ezengeziwe kulolo hlu.

Kuyi-Smartphone: Kuvela uhlelo lokuqala lwezinto ezilalelwayo. Ukuze ubone ezengeziwe kulolo hlu, chofoza lapho kuthi khona See More.

Chofoza isithombe saleyo nto elalelwayo noma isihloko ukuze uyilalele. Isithombe noma isihloko salokho okukhethile sivela enhla nekhasi.

Chofoza uphawu lokuyidlala ukuze uqale ukudlala lokho okulalelwayo. (Phawula: Nasemishinini ye-iOS nakweye-Android kuyodingeka uchofoze ophawini lokuyidlala lapho selubonakala.)

  • Icebiso: Kunokudlala into eyodwa elalelwayo ngesikhathi, ungachofoza ingxenye ethi Zidlale Zonke ukuze udlale zonke izinto ezilalelwayo ezikhona ohlwini.

  • Chofoza u-Shuffle ukuze udlale zonke izinto ezilalelwayo ezikhona kulolo hlu.

    Phawula: Zizoma ukudlala uma sezidlale zonke ezikulolo hlu.

 Lawula Indlela Izinto Ezilalelwayo Ezidlala Ngayo

  • Chofoza u-Pause uma ufuna ime kancane.

  • Chofoza uphawu lokuyidlala uma usufuna ukuqhubeka.

  • Uma ufuna idlale kwenye indawo, ibeke lapho ofuna idlale khona, emuva noma phambili.

  • Uma ukhethe ingxenye ethi Zidlale Zonke noma i-Shuffle, cindezela uphawu lokubuyela emuva ukuze ulalele uhlelo oseludlulile.

  • Uma ukhethe ingxenye ethi Zidlale Zonke noma i-Shuffle, cindezela uphawu lokuya phambili ukuze uye ohlelweni olulandelayo.

  • Ukuze wehlise noma wenyuse umsindo, sebenzisa lokho ojwayele ukukusebenzisa ukuze wehlise noma ukhuphule umsindo kuyi-computer noma emshinini wakho wobuchwepheshe.