Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

I-JW Broadcasting

I-JW Broadcasting

Isiteshi sokusakaza se-JW sinikeza umndeni izinhlelo ze-TV eziqinisa ukholo. Bukela izinhlelo ezisakazwayo ezenziwe ezindlini zokusaka ze-JW, kanye nama-video athile athathwe engosini ethi jw.org. Bukela esinye seziteshi Ezidlalayo esisakaza ama-video amahora angu-24 ngosuku, noma udlale ama-video owakhethayo nganoma yisiphi isikhathi usebenzisa ingxenye ethi Ama-video Athandwayo. Yiya engxenyeni ethi Okulalelwayo ukuze ulalele izinhlelo ezihlukahlukene ezilalelwayo, ezihlanganisa umculo, amadrama kanye nokufundwa kweBhayibheli okusadrama.

Ngena engosini ethi tv.jw.org usebenzisa i-computer, i-tablet noma umakhalekhukhwini wohlobo lwe-smartphone noma ubukele kuyi-TV yakho usebenzisa i-Roku.

 

KULE NGXENYE

Bukela Ezidlala Ngokuqhubekayo Kuyi-TV.JW.ORG

Funda indlela yokusebenzisa isiteshi se-Internet kuyi-computer, kuyi-tablet, noma emshinini wobuchwepheshe. Funda nokuthi ungasishintsha kanjani isiteshi noma indlela yokusebenzisa uhlu lwezinhlelo zeziteshi.

Bukela Ama-video Athandwayo Kuyi-TV.JW.ORG

Dlala i-video ekhona noma nini. Thola i-video, lawula ukudlala kwe-video—yimise kancane, yibuyisele emuva noma uyise phambili. Dlala wonke ama-video asohlwini.

Lalela Izinto Ezilalelwayo Kuyi-TV.JW.ORG

Lalela ukufundwa kweBhayibheli okusadrama nomculo. Ungalalela okukodwa noma lonke uhlu lwezinto ezilalelwayo.

Indlela Yokushintsha Indlela Izinto Ezime Ngayo Kuyi-Computer, I-Tablet Noma Kumakhalekhukhwini Wohlobo Lwe-Smartphone

Khetha indlela ofuna i-video idlale ngayo, faka noma ukhiphe amagama avela kuyi-video, khetha isiteshi osithandayo.

Imibuzo Evame Ukubuzwa​—I-JW Broadcasting (Iwebusayithi)

Thola izimpendulo zemibuzo evame ukubuzwa.