ISITESHI SOKUSAKAZA SE-JW

Isiteshi Sokusakaza Nge-Roku Se-JW

IsiZulu
Isiteshi Sokusakaza Nge-Roku Se-JW
https://cms-imgp.jw-cdn.org/img/p/802013055/univ/art/802013055_univ_sqr_xl.jpg

Isiteshi Sokusakaza Nge-Roku Se-JW

Isiteshi Sokusakaza Nge-Roku Se-JW

Isiteshi sokusakaza se-JW sinikeza umndeni izinhlelo ze-TV eziqinisa ukholo. Bukela izinhlelo ezisakazwayo ezenziwe ezindlini zokusaka ze-JW, kanye nama-video athile athathwe engosini ethi jw.org. Bukela esinye seziteshi Ezidlalayo esisakaza ama-video amahora angu-24 ngosuku, noma udlale ama-video owakhethayo nganoma yisiphi isikhathi usebenzisa ingxenye ethi Ama-video Athandwayo. Yiya engxenyeni ethi Okulalelwayo ukuze ulalele izinhlelo ezihlukahlukene ezilalelwayo, ezihlanganisa umculo, amadrama kanye nokufundwa kweBhayibheli okusadrama.

Ngena engosini ethi tv.jw.org usebenzisa i-computer, i-tablet noma umakhalekhukhwini wohlobo lwe-smartphone noma ubukele kuyi-TV yakho usebenzisa i-Roku.

 

KULE NGXENYE

Faka Uhlelo Lwe-Computer LweSiteshi Sokusakaza Nge-Roku Se-JW

Landela lezi zinyathelo ukuze ufake uhlelo lwe-computer lweSiteshi Sokusakaza Nge-Roku Se-JW.

Isiteshi Sokusakaza Nge-Roku Se-JW: Bukela Ama-Video Athandwayo Nge-Roku

Thola i-video, lawula ukudlala kwe-video futhi ubukele ama-video amuva aveziwe.

Lalela Izinto Ezilalelwayo Nge-Roku

Lalela olunye lwezinhlelo zezinto ezilalelwayo noma uzilalelele zonke. Lawula indlela ezidlala ngayo.

Imibuzo Evame Ukubuzwa​—I-JW Broadcasting (Roku)

Thola izimpendulo zemibuzo evame ukubuzwa.