Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

I-JW BROADCASTING

Ongakwenza Kuyi-JW Broadcasting

Ongakwenza Kuyi-JW Broadcasting

Ezidlalayo

  • Esiteshini ngasinye, ama-video atholakala ngomzila onganqamuki kuye ngohlelo olwenziwe, amahora angu-24 ngosuku.

  • Bukela iziteshi ezihlukahlukene, kuhlanganise Izinhlelo ZaNyanga zonke, ama-Movie, Ezezingane, Ezentsha, Izinhlelo kanye Nezenzakalo.

  • Sebenzisa ingxenye yokuqukethwe yiziteshi ukuze ubone ukuthi yikuphi okuseza ezinhlelweni.

 

Ama-video Athandwayo

  • Umkhakha ngamunye uqukethe i-video eyodwa noma amaningana ongawabukela.

  • Bukela i-video eyodwa noma usebenzise ingxenye ethi Wadlale Wonke ukuze ubukele ama-video akulolo hlu.

  • Lawula ukudlala kwe-video (uyimise kancane, uyidlale, uyibuyisele emuva, uyise phambili, udlulele kwenye).

Izinto Ezilalelwayo

  • Kunezinto eziningi ezilalelwayo (umculo, ukufundwa kweBhayibheli okusadrama nokunye okuningi).

  • Lalela okukodwa kwezinto ezilalelwayo, noma uchofoze lapho kuthi khona Zidlale Zonke ukuze ulalele zonke ezikhona.

  • Chofoza u-Shuffle ukuze ulalele noma yikuphi okukhona.

Izinto Zobuchwepheshe Esidlala Kuzo

  • I-TV.JW.ORG: Iyadlala kuma-computer amaningi ane-Internet, kuma-tablet nakomakhalekhukhwini bohlobo lwe-smartphone abane-JavaScript. Uma i-computer yakho noma umshini wobuchwepheshe ukwazi ukudlala ama-video asengosini i-jw.org, kumelwe kukwazi ukudlala i-tv.jw.org.

  • Roku app: Roku 1, Roku 2, Roku 3, Roku Streaming Stick.