Imagination World/stock.adobe.com
Umyalezo OseZwini LikaNkulunkulu Onikeza Ababaleki Ithemba!
Unyaka ngamunye, izigidi zabantu ziyaphoqeleka ukuba zibaleke zishiye amakhaya azo. Ingabe nawe ukuleso simo esinzima? Uma kunjalo, qiniseka ukuthi awuwedwa neze—uNkulunkulu ukunikeza ithemba lokuphila okungcono kakhulu, ongafunda ngakho emiBhalweni Engcwele.
UChristos Stylianides, ongukhomishani we-European Union, a uthi, “Ababaleki kanye nabantu abangenamakhaya abadingi usizo lwethu oluphuthumayo nje kuphela, kodwa badinga nokunikezwa ithemba ngekusasa.” b Abantu abanethemba baba nesizathu sokuba nombono omuhle ngekusasa. Ngaphezu kwethemba, ababaleki badinga induduzo ukuze balulame ngokomzwelo.
“Ngesikhathi ngibaleka ezweni lami, ngishiya umndeni wami emuva, ngazizwa sengathi ngiphucwe konke. Ngangesaba, ngidabukile futhi ngicindezekile.”—U-Emmanuel, waseHaiti.
Ingabe nawe uzizwa ngale ndlela? Uma nawe ubalekile washiya ikhaya lakho, udinga indawo ongaphendukela kuyo ukuze uthole induduzo nethemba. IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, lingakusiza kanjani?
Induduzo evela eZwini likaNkulunkulu
IBhayibheli lithi: “UJehova c . . . uyasithanda isifiki.”—Duteronomi 10:17, 18.
Lokhu kusho ukuthi awuwedwa. UJehova uNkulunkulu, uMbhali weBhayibheli, uyasiqonda isimo sakho, uyakuthanda futhi unendaba nenhlalakahle yakho.
IBhayibheli lithi: “UJehova useduze nabo bonke abambizayo.”—IHubo 145:18.
Lokhu kusho ukuthi uma uthandaza, uJehova uyakuzwa. Angakusiza ube nokuthula. Uzokunika nokuhlakanipha okungakusiza ubhekane kangcono nalesi simo.
IBhayibheli lithi: “UNkulunkulu weqiniso akakucabangi nokukucabanga ukwenza okubi. . . UMninimandla Onke akabuhlanekezeli ubulungisa.”—Jobe 34:10, 12.
Lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu akuyena obangela ukuba uhlupheke. Akakujezisi futhi akakuvivinyi ngokwenza ukuphila kwakho kube nzima.
Ithemba elitholakala eZwini likaNkulunkulu
IBhayibheli liyachaza ukuthi uNkulunkulu yini azosenzela yona esikhathini esizayo. Cabanga ngendlela leli themba elibasiza ngayo abantu abangababaleki, abashiye amakhaya abo.
IBhayibheli lithi: “[UNkulunkulu] uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zakudala sezidlulile.”—IsAmbulo 21:4.
Lokhu kusho ukuthi ngeke sisabhekana nokuhlupheka. UNkulunkulu uthembisa ukuthi uzozixazulula zonke izinkinga ezenza abantu baphelelwe ithemba.
“Maduze uNkulunkulu uzolungisa ukungabi nabulungisa nobubi obusizungezile. Lelo themba lingisiza ngigxile esikhathini esizayo lapho ukuhlupheka kuyobe kungasekho.”—UKarla, wase-El Salvador.
IBhayibheli lithi: “Izinto zesikhathi esidlule ngeke zikhunjulwe, ngeke zifike nasenhliziyweni.”—Isaya 65:17.
Lokhu kusho ukuthi ngeke sisazikhumbula zinto ezibuhlungu esabhekana nazo. UNkulunkulu uzoqinisekisa ukuthi awukhathazwa imicabango ecindezelayo yezinto ezibuhlungu owabhekana nazo.
“IBhayibheli lithembisa ukuthi ngeke sisazikhumbula nhlobo izinto ezibuhlungu nezinto ezasilahlekela. Lelo themba lingisiza ngibhekane kangcono nesimo esinzima ngoba ngiyazi ukuthi maduze konke lokho kuzoshintsha.”—UNatalia, wase-Ukraine.
IBhayibheli lithi: “UNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso . . . oyophihliza yonke le mibuso uyiqede.”—Daniyeli 2:44.
Lokhu kusho ukuthi uhulumeni wasezulwini uyobusa umhlaba. Lokhu kusho ukuthi uhulumeni wasezulwini uyobusa umhlaba. Maduze uNkulunkulu uzomisa owakhe uhulumeni oyobusa esikhundleni sabo bonke ohulumeni babantu. Lo hulumeni uyoletha ukuthula kwangempela nokulondeka, ubulungisa nokwaneliseka.—Mika 4:3, 4.
“Kunginika amandla ukwazi ukuthi izinkinga ezinjengokucindezelwa kwabantu, ubandlululo, ukusolana nokucwasa ngokwebala zingezesikhashana—uMbuso kaNkulunkulu maduze uzoziqeda zonke lezi zinkinga.”—UMustafa, waseMiddle East.
Thola induduzo emyalezweni weBhayibheli wethemba
Ukuhlakanipha okuseZwini likaNkulunkulu
Ukuhlakanipha kweBhayibheli okusebenzayo kungakusiza wamukele isimo obhekane naso. Kungakusiza nokuba uzisingathe kahle izimo esezishintshile, ezihlanganisa ukulahlekelwa izinto zakho eziyigugu. Bona ukuthi lezi zimiso ezilandelayo zibasiza kanjani ababaleki:
IBhayibheli lithi: “Ngisho nalapho umuntu enokuningi, ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.”—Luka 12:15.
Indlela la mazwi ahlakaniphile angakusiza ngayo ukuba ubhekane nesimo: Cishe uzizwa ushaqekile kakhulu futhi uzizwa ulahlekelwe okuningi. Kodwa uma uhlaba ikhefu futhi ucabangisise ngokuthi impilo yakho ibaluleke kangakanani kunezinto ozishiye emuva, uyokwazi kuba nombono ofanele ngaleso simo.
“Ukuphila kubaluleke ngaphezu kwezinto onazo. Ezimweni ezithile, impahla noma imali ngeke ikwazi ukukusiza.”—UNatalia, wase-Ukraine.
IBhayibheli lithi: “Ungasho ukuthi, “Kungani izinsuku zangaphambili zazingcono kunalezi?’”—UmShumayeli 7:10.
Indlela la mazwi ahlakaniphile angakusiza ngayo ukuba ubhekane nesimo: Lesi simo obhekene naso manje singase sibe nzima kakhulu kodwa ukuzama ukungasiqhathanisi nezimo zakho zangaphambili kuyokusiza ukuba ugweme ukuphatheka kabi.
“Ukusamukela njengoba sinjalo isimo engibhekene naso kuyangisiza ngibe nombono omuhle.”—U-Eli, waseRwanda.
IBhayibheli lithi: “Uma sinokudla nezingubo zokugqoka, siyokwaneliswa yilezi zinto.”—1 Thimothewu 6:8.
Indlela la mazwi ahlakaniphile angakusiza ngayo ukuba ubhekane nesimo: Zama ukwaneliswa izinto onazo eziyisidingo. Uma wenza kanjalo, ukucindezeleka kuyoncipha, okungakusiza ulawule indlela ozizwa ngayo.
“IBhayibheli liyangisiza ukuba ngibheke izinto ngendlela ehlukile, ngingagxili kulokho okusilahlekele. Mina nomkami siyajabula ngokuthi siyaphila futhi sisendaweni ephephile.”—U-Ivan, wase-Ukraine.
IBhayibheli lithi: “Zonke izinto, enifuna abantu bazenze kini, nani kumele nizenze kubo.”—Mathewu 7:12.
Indlela la mazwi ahlakaniphile angakusiza ngayo ukuba ubhekane nesimo: Cishe uyosebenzelana kangcono nabanye uma wenza okusemandleni akho ukuze ube nesineke nomusa. Imizamo yakho ingase yenze nabantu ukuba bangukucwasi futhi ikusize wamukeleke emphakathini.
“Abantu abaningi bayajabula lapho ubaphatha ngenhlonipho, ngomusa nangothando. Lokhu kwenza ube nobudlelwano obuhle nabantu bendawo.”—U-Angelo, waseSri Lanka.
IBhayibheli lithi: “Izicelo zenu zitsheleni uNkulunkulu ngomthandazo, ngokunxusa kanye nokubonga; ukuthula kukaNkulunkulu . . . kuyoqapha izinhliziyo zenu nemicabango yenu ngoKristu.”—Filipi 4:6, 7.
Indlela la mazwi ahlakaniphile angakusiza ngayo ukuba ubhekane nesimo: Thandaza kuNkulunkulu umtshele indlela ozizwa ngayo, ngezidingo zakho nangezinto ezikwesabisayo nezikukhathazayo. Imithandazo enjalo ingaqeda ukukhathazeka futhi ikuvimbele ukuba ungacindezelwa izimo zakho.
“Ngithandaza kuNkulunkulu noma nini lapho nginezinkinga futhi uyangiphendula. Engikufunde eBhayibhelini kunginikeze ukuthula kwangempela.”—UYol, waseSouth Sudan.
“Iseluleko esihle seBhayibheli singisiza ukuba ngithole ukuthula kwangaphakathi engikudingayo ukuze ngibhekane nalesi simo esinzima.”—UValentina, wase-Ukraine.
“Kuyangiqinisa ukwazi ukuthi uJehova uNkulunkulu usithembisa ukuphila okungcono kakhulu.”—U-Emmanuel, waseHaiti
Ungathanda yini ukufunda okwengeziwe ngezithembiso zeBhayibheli zenduduzo nethemba nokuthi kungani ungazethemba? Cela ukuvakashelwa mahhala oFakazi BakaJehova. Bangakujabulela ukukusiza.
a Phakathi kwababaleki, i-UN Refugee Agency, ihlanganisa nabantu abaye baphoqeleka ukuba bashiye amakhaya abo, babalekele kwenye indawo khona ezweni labo kukhona nalabo abafuna indawo yokukhosela, abaxoshwe emazweni abo babalekela kwamanye amazwe kodwa okungenzeka ukuthi umthetho awubavumeli ukuba babizwe ngababaleki.
b Ukhomishana we-European Union for Humanitarian Aid and Crisis Management.
c UJehova yigama likaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Bheka isihloko esithi “Ungubani UJehova?”

