NASA Photo

HLALANI NILINDILE!

Ukhona Yini Uhulumeni Ohlala Njalo Ongabusa Umhlaba Wethu?—⁠Lithini IBhayibheli?

Ukhona Yini Uhulumeni Ohlala Njalo Ongabusa Umhlaba Wethu?—⁠Lithini IBhayibheli?

 Ohulumeni emhlabeni wonke namuhla bayashintshashintsha. Ngisho namazwe okubonakala sengathi imibuso yawo iqinile futhi kuwahambela kahle, ohulumeni bawo bathola imibiko ebangela amahloni yalokho okwenziwa osopolitiki okuhlanganisa imiphumela yovoto engabazisayo, ukuhlukana phakathi kwamaqembu ezepolitiki kanye neziyaluyalu emiphakathini.

 IBhayibheli lithi kunohulumeni owodwa ohlala njalo. Cishe wake wezwa ngalo hulumeni. UJesu wakhuluma ngawo emthandazweni wakhe oyisibonelo.

  •   “Khona-ke, kumele nithandaze ngale ndlela: “‘Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho. UMbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni njengasezulwini.’”—Mathewu 6:9, 10.

 Lithini iBhayibheli ngalo Mbuso?

UMbuso—⁠ohlala njalo

 Lo Mbuso uyabusa ezulwini.

 Lo Mbuso uyobusa esikhundleni sayo yonke imibuso yohulumeni babantu.

  •   IBhayibheli lithi: “Lo mbuso. . . uyophihliza yonke le mibuso [yabantu] uyiqede, wona wodwa ume kuze kube phakade.”—Daniyeli 2:44.

 Lo Mbuso ngeke neze ubhujiswe futhi uJesu Kristu uyiNkosi yawo.

  •   IBhayibheli lithi: “Ubukhosi bakhe bungubukhosi obumi kuze kube phakade obungayikudlula, nombuso wakhe awusoze wachithwa.”Daniyeli 7:13, 14.

 Lo Mbuso uyokwenza kube nokuthula nokulondeka emhlabeni.

  •   IBhayibheli lithi: “Bayohlala kube yilowo nalowo ngaphansi kwesihlahla sakhe samagilebhisi nangaphansi kwesihlahla sakhe somkhiwane, akekho oyobenza besabe.”Mika 4:4, I-Good News Translation.

Funda okwengeziwe ngalo Mbuso

 Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, wachitha isikhathi sakhe esiningi “eshumayela izindaba ezinhle zoMbuso.” (Mathewu 9:35) Wabikezela nokuthi:

  •   “Lezi zindaba ezinhle zoMbuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke ukuze kube ubufakazi ezizweni zonke, ngemva kwalokho ukuphela kuyofika.”—Mathewu 24:14.

 Namuhla, izindaba ezinhle zombuso zishunyayelwa emazweni angaphezu kuka-240. Siyakumema ukuba ufunde okwengeziwe ngalo hulumeni nokuthi ukubusa kwawo kuyokusiza kanjani.

 Sicela ubukele le vidiyo Uyini UMbuso KaNkulunkulu?