FUNDA KUJESU
Ubudlova Abulona Ikhambi Lokuxazulula Izinkinga
Abantu abaningi namuhla bakholelwa ukuthi udlame noma ubudlova buyikhambi lapho kuphakama izingxabano noma lapho izinkinga zidinga ukuxazululwa. Kodwa leyo ndlela yokucabanga ihluke kakhulu ezimfundisweni nasesibonelweni sikaJesu Kristu. Cabanga ngalokho akusho nalokho akwenza.
Lokho uJesu akusho
ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni eyaziwa kakhulu, uJesu wafundisa ukuthi intukuthelo, ulaka nodlame akuzona izindlela zokuxazulula ukungaboni ngaso linye. Cabanga ngalezi zibonelo ezimbalwa.
“Zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumele nizenze kubo.” (Mathewu 7:12; Luka 6:31) Lo mthetho wokuziphatha, ovame ukubizwa ngokuthi uMthetho Wegolide, a usikhuthaza ukuba siphathe abanye ngendlela ebesingathanda ukuphathwa ngayo. Njengoba engekho ofuna ukuphathwa ngobudlova, akufanele yini sizame ukuphatha bonke abantu ngenhlonipho nangomusa, ngisho nalapho singavumelani nabo?
“Lowo okushaya esihlathini esisodwa, mnike nesinye.” (Mathewu 5:38, 39; Luka 6:29) UJesu wayengafundisi abantu ukuthi kufanele bazicelele ukuhlukunyezwa. Kunalokho, wayelungisa umbono oyiphutha, okungenzeka wawufundiswa abaholi benkolo abathile, wokuthi ukuziphindiselela kwakwamukelekile. Wayetshela abalandeli bakhe ukuthi akufanele baziphindiselele kodwa kufanele baphendule ngomoya ophansi lapho bephathwa kabi. b
“Qhubekani nithanda izitha zenu.” (Mathewu 5:43, 44; Luka 6:27) UJesu wafundisa ukuthi kufanele sibe nomusa kulabo abasizondayo noma abasiphatha kabi. Wayengasho ukuthi kufanele sivumelane nabo lapho benza izinto ezingalungile. c Nokho, ngokubabonisa umusa labo abasizondayo, singase sidambise intukuthelo yabo, sibenze bazole futhi nabo basibonise umusa.
Lokho uJesu akwenza nalokho asazokwenza
UJesu wafundisa ukuthi ubudlova abuyona indlela yokuxazulula izinkinga futhi naye wayekwenza lokho ayekushumayela kubantu. Ngobusuku aboshwa ngabo, omunye wabalandeli bakhe walwela ukumvikela kodwa uJesu wathi: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngoba bonke abaphatha inkemba bayofa ngenkemba.” (Mathewu 26:52) UJesu wabonisa uthando ezitheni zakhe ngokuthethelela labo abamphatha kabi, waze wabathandezela!—Luka 23:33, 34; 1 Petru 2:23.
IBhayibheli lithembisa ukuthi uJesu njengeNkosi Yokuthula, ngokushesha uzobuqeda bonke ubudlova. (Isaya 9:6, 7) Ukuze ufunde okwengeziwe ngaleli kusasa elimangalisayo, funda lesi sihloko esithi “Indlela Izimpi Nezingxabano Ezinodlame Eziyoqedwa Ngayo.”
a Ukuze uthole okwengeziwe, funda isihloko esithi “Uyini UMthetho Wegolide?”
b Ukuze uthole okwengeziwe, funda isihloko esithi “Kusho Ukuthini Ukuthi “Iso Ngeso”?”
c Ukuze uthole okwengeziwe, funda isihloko esithi “What Does It Mean to ‘Love Your Enemies’?”

