HLALANI NILINDILE!
Kusho Ukuthini Ukuba UmKristu?—Lithini IBhayibheli?
Namuhla, abantu abaningi emhlabeni wonke bayaziqhenya ngokuzibiza ngokuthi bangamaKristu kodwa futhi babaphatha kabi abanye abantu. Abanye bazicabangela bona, abanalo iqiniso noma abanawo umusa. Abanye kungenzeka abathembekile kubantu abashade nabo. Indlela abaziphatha ngayo yenza abanye bazibuze: ‘Kusho ukuthini ngempela ukuba umKristu?’
Kusho ukuthini ngempela ukuba umKristu?
Kulula ukuba umuntu athi ungumKristu. Kodwa ukusho ngomlomo nje akwanele. IBhayibheli lithi, umKristu umuntu ongumfundi kaJesu Kristu. (IzEnzo 11:26) UJesu ngokwakhe wathi: “Uma nihlala ezwini lami, ningabafundi bami ngempela.” (Johane 8:31) Yiqiniso, akekho ongalalela amazwi kaJesu ngokuphelele. Kodwa umKristu kumele azisebenzise izimfundiso zikaJesu futhi abonise nangezinqumo azenzayo usuku nosuku. Cabanga ngalezi zibonelo.
AmaKristu abonisana uthando
Lokho uJesu akusho: “Ngininika umyalo omusha, wokuba nithandane; njengoba nje nami nginithandile, ukuba nani nithandane. Bonke bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami—uma nithandana.”—Johane 13:34, 35.
Lokho uJesu akwenza: UJesu wababonisa uthando bonke abantu kungakhathaliseki ukuthi izimo zabo zenhlalo zinjani nokuthi bavela kuphi. Welapha abagulayo, abalambile wabapha ukudla, waze wanikela ngokuphila kwakhe ngenxa yabantu.—Mathewu 14:14-21; 20:28.
Indlela amaKristu aziphatha ngayo: AmaKristu abonisana uthando ngokuba nesandla esivulekile, ukungakhethi nangokuthethelela abanye. Asiza nabantu abaswele futhi azimisele ukudela izinto zawo eziyigugu ukuze nje asize.—1 Johane 3:16.
AmaKristu athembekile
Lokho uJesu akusho: ‘Mina ngiyiqiniso.’—Johane 14:6.
Lokho uJesu akwenza: UJesu wayethembekile kukho konke akusho nalokho akwenza. Akazange akhohlise abanye ukuze benze lokho akufunayo noma asebenzise inkulumo edukisayo. Wayaziwa ngokwethembeka, ngisho nalapho ukwethembeka kwakhe kwakubangela ukuba aphikiswe.—Mathewu 22:16; 26:63-67.
Indlela amaKristu aziphatha ngayo: AmaKristu awawaqambi amanga. Ayayikhokha intela, awebi futhi abasebenzela ngokwethembeka abaqashi bawo. (Roma 13:5-7; Efesu 4:28) AmaKristu awabaqoli abanye, awakopeli ezivivinyweni noma aqambe amanga lapho egcwalisa isicelo somsebenzi.—Hebheru 13:18.
AmaKristu abonisa abanye umusa
Lokho uJesu akusho: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizoninika amandla. Bekani ijoka lami phezu kwenu nifunde kimi, ngoba ngimnene futhi ngithobekile, nizothola ukuqabuleka. Ngoba ijoka lami ngelomusa nomthwalo wami ulula.”—Mathewu 11:28-30.
Lokho uJesu akwenza: UJesu wayenomusa futhi kwakulula ukuba abantu beze kuye. Wayezivumela izingane zize kuye, eduduza abacindezelekile futhi ebaphatha ngenhlonipho abanye abantu.—Marku 10:13-15; Luka 9:11.
Indlela amaKristu aziphatha ngayo: AmaKristu awakhulumi nabanye ngokhahlo nangendelelo kodwa akhuluma ngomusa. (Efesu 4:29, 31, 32) Ayabakhathalela abanye futhi enza konke angakwenza ukuze anikeze usizo.—Galathiya 6:10.
AmaKristu ahlala ethembekile kubantu ashade nawo
Lokho uJesu akusho: “Lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye makungahlukaniswa muntu.”—Marku 10:9.
Lokho uJesu akwenza: Nakuba uJesu engakaze ashade, wabakhuthaza abantu abashadile ukuba bathembeke kubantu abashade nabo. (Mathewu 19:9) Waxwayisa ngezinto ezingabangela ukuba umuntu aphinge nezinto ezingaqeda umshado.—Mathewu 5:28.
Indlela amaKristu aziphatha ngayo: AmaKristu ayakugwema ukuziphatha okungahlambalaza umshado. (Hebheru 13:4) Abashadile baphathana ngothando nangenhlonipho.—Efesu 5:28, 33.

