INDLELA IMINIKELO YENU ESETSHENZISWA NGAYO

Indlela Yokunyathelisa Eyenziwe Yaba Lula Ukuze Kusizwe “Bonke Abantu”

Indlela Yokunyathelisa Eyenziwe Yaba Lula Ukuze Kusizwe “Bonke Abantu”

OKTHOBA 1, 2025

 UJehova uNkulunkulu ufuna “zonke izinhlobo zabantu zithole ulwazi olunembile lweqiniso.” (1 Thimothewu 2:3, 4) Nokho, abafowethu nodadewethu nabantu esibashumayezayo bakhuluma izilimi eziningi ezihlukahlukene. Unyaka ngamunye, siphrinta izincwadi namapheshana okungaphezu kwezigidigidi ezimbili ngalezo zilimi. Yini esiyenzile ukuze sikhiqize izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ngezilimi eziningi kangaka, kuyilapho sisebenzisa iminikelo ngokuhlakanipha?

Izindawo Zokunyathelisa Ezimbalwa, Nemishini Engcono Kakhulu

 Phakathi nawo-1980, sasiphrinta omagazini emazweni angaphezu kwangu-40. Kusukela ngaleso sikhathi, siye sahlela indlela esiwenza ngayo umsebenzi wokuphrinta futhi manje sekuphrintwa kuphela emazweni angu-9. Phakathi naleyo nkathi, inani lezilimi okutholakala ngazo izincwadi zethu njalo, likhule ngamaphesenti angaphezu kuka-500! Kwenzeka kanjani ukuba siphrinte izincwadi zethu ngezilimi eziningi kangaka, kodwa sibe sinezindawo ezimbalwa zokunyathelisa? Esinye isizathu siwukuthi manje sesinemishini yohlobo oluphambili.

 Le mishini emisha isivumela ukuba siphrinte izincwadi eziningi ngesikhathi esincane. Kanti imishini yethu emidala kwakudingeka sichithe isikhathi esiningi siyilungisa, lapho sisuka komunye umsebenzi wokuphrinta siya komunye. Manje, njengoba sesinale mishini emisha engcono kakhulu, ukwenza umsebenzi wokuphrinta sekushesha izikhathi eziphindwe kane. Sesiyakwazi ukuqeda imisebenzi eminingi, ngisho nomsebenzi wokuphrintela izilimi ezikhulunywa abantu abambalwa ngokushesha. Noma kunjalo umsebenzi ngamunye usadinga amapuleti okuphrinta amasha. Phakathi nezinyanga ezingu-12 ezidlule, sisebenzise imali ecishe ibe ngu-R35,520,000 sithenga amapuleti okuphrinta kuphela. Ngakho, lapho senza imisebenzi emincane sisebenzisa imishini yezobuchwepheshe engadingi amapuleti okuphrinta. Le mishini yokuphrinta ihlanganisa nobuchwepheshe be-lazer, obuphrinta izincwadi ezimbalwa ngaphandle kwezindleko eziningi.

Ukushintsha amapuleti okunyathelisa lapho kwenziwa umsebenzi wokuphrinta

 Kule minyaka emithathu edlule, sisebenzise imali engu-R177,600,000 sithuthukisa imishini yethu yokuphrinta neyokuhlanganisa amakhasi ezincwadi emhlabeni wonke. Ake sikhulume ngendlela esetshenziswa ngayo leyo mishini ukuze kukhiqizwe amaBhayibheli. Esikhathini esidlule kwakwenziwa izinto ezingaphezu kuka-40 ukuze kukhiqizwe iBhayibheli ngemva kokuba seliphrintiwe okuhlanganisa ukuthunga amakhasi, ukusika, ukulipholisha nokulenza libe lihle. Ngaphezu kwalokho, kwakudingeka sizipakishele thina amaBhayibheli bese siwadlulisela esigabeni esilandelayo. Namuhla, ziyishumi kuphela izinto okudingeka zenziwe ngoba yonke eminye imisebenzi yenziwa imishini yethu, kanti futhi kuneminye imishini ethatha amaBhayibheli iwadlulisele esigabeni esilandelayo. Manje imisebenzi eminingi obekudingeka yenziwe ukuze kukhiqizwe iBhayibheli seyinciphe ngamaphesenti angu-55. Egatsheni laseJapan, umshini ohlanganisa amakhasi ezincwadi wawukhiqiza amaBhayibheli angu-2,000 njalo ngemva kwamahora angu-8. Manje, ngalawo mahora, kukhiqizwa amaBhayibheli acishe abe ngu-35,000!

Amabhakhodi asetshenziselwa ukukhomba, ukuqoqa, nokuhlela ingxenye ngayinye yeBhayibheli

Songa Imali Ngokugcina Iphepha Elincane Nezincwadi Ezimbalwa

 Intuthuko okukhulunywe ngayo ngenhla iye yasisiza songa iminikelo. Ngokwesibonelo, ngenxa yokuthi sesiyakwazi ukwenza imisebenzi yokuphrinta emincane futhi senze ushintsho emishinini yethu izikhathi eziningi, kuye kwanciphisa izincwadi okudingeka sizigcine. UGary, okhonza egatsheni lase United States uyavuma, “Ukuphrinta izincwadi eziyinani elincane ekuqaleni kwakubonakala kuwukumosha imali,” “Kubonakala kungcono kakhulu ukuphrinta inani elikhulu lezincwadi kodwa izikhathi ezimbalwa.” UGary uyaqhubeka: “Ngonyaka wokuqala siqale ukuphrinta imisebenzi emincane izikhathi eziningi, izindleko zamapuleti okuphrinta nephepha zanyuka ngo-R1,065,600. Nokho, ngonyaka ofanayo songa imali engaphezu kuka-R26,640,000 eyayizoba izindleko ezihambisana nokugcina iphepha nezincwadi eziphrintiwe!” Leyo minikelo eyongiwe ibe isisetshenziselwa ukwenza izinto ezibalulekile njengokwakhiwa kwamaHholo OMbuso nokusiza lapho kuvele khona izinhlekelele.

 Ukugcina izincwadi ezimbalwa nephepha kusisiza sibe nezindawo zokugcina izinto ezengeziwe emahhovisi ethu egatsha. Lawo magatsha abe esesebenzisa leyo ndawo eyengeziwe ukuze enze ezinye izidingo zaseBethel. Ngaphezu kwalokho, ukuphrinta ezindaweni ezimbalwa kusiza ekunciphiseni imisebenzi yokwakha obekuzodingeka yenziwe. Ngokwesibonelo, umsebenzi wokuphrinta egatsheni laseBritain wathathelwa indawo yigatsha laseYurophu emaphakathi kanye nezinye izindawo zokuphrinta ngo-2018. Lokhu kwanciphisa izindleko zokwakha ebezingaba yizigidi zamadola egatsheni elisha eliseChelmsford, eNgilandi.

“Awuzange Ungikhohlwe!”

 Okubaluleke nakakhulu ukuthi le ndlela esesiphrinta ngayo izincwadi zethu isiza abantu abaningi basondele kuJehova. Manje sesiyakwazi ukuphrinta izincwadi ngezilimi eziningi ngisho nalapho kudingeka amakhophi ambalwa ezincwadi. Ngokwesibonelo, kunabantu abangaba ngu-35,000 abakhuluma isiWallis abahlala eNew Caledonia naseFutuna. Kodwa ngo-Agasti 2024, kwakhululwa iNew World Translation of the Holy Scriptures ngolimi lwesiWallis. Omunye ummemezeli okhuluma isiWallis okuthiwa uSelafina uyalandisa, “Ngangijwayele ukufunda iBhayibheli elinamagama esiFrench futhi ngangingawaqondi. Ngakho lapho sithola iBhayibheli lesiWallis ngafikelwa izinyembezi, ngathandaza, “‘O Jehova, awuzange ungikhohlwe! UnguNkulunkulu ongakhethi.’”

INguqulo Yezwe Elisha ephelele isiyatholakala ngesiWallisian

 Nakuba bengaphansi kuka-5000 abantu abakhuluma isiSanga eDemocratic Republic of the Congo incwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade! isiyatholakala ngalolo limi. UJosué osebandleni lolimi lwesiSanga uthi “Kwakudingeka ngizikhandle ukuze ngichaze futhi ngicacise izinkulumo ezithile kumfundi weBhayibheli noma kunjalo ngezinye izikhathi abafundi babengayiqondi le ncwadi ukuthi ithini. Siyajabula ukuthola le ncwadi ngolimi lwesiSanga! Manje abafundi sebeyaqonda ukuthi yini efundiswa iBhayibheli futhi akusadingeki ngilokhu ngichaza kabanzi.”

Kuqhutshwa isifundo seBhayibheli eHonduras, kusetshenziswa incwadi ethi, Phila Kuze Kube Phakade! ngesiGarifuna, okuwulimi olukhulunywa abantu cishe abangu-120,000

 Namuhla sinyathelisa futhi sisakaza ukudla okungokomoya kubantu abengeziwe nangezilimi eziningi kakhulu kunangaphambili. Iminikelo yenu, kuhlanganise naleyo eniyenza kuwebhusayithi ethi donate.jw.org, iye yasisiza ukuba senze kanjalo. Siyanibonga ngokuba nesandla esivulekile.