Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Bewazi?

Ingabe Bewazi?

Igama elithi “umthenwa” lisho ukuthini njengoba lisetshenziswe eBhayibhelini?

Isithombe Esiqoshiwe Sase-Asiriya Somthenwa

Ngezinye izikhathi leli gama lingase libhekisele kumuntu wesilisa owayetheniwe. Ezikhathini zeBhayibheli, amanye amadoda ayethenwa lapho ejeziswa noma lapho ethunjwa noma lapho enziwa izigqila. Amadoda ethenjwayo ayetheniwe ayeqapha izindlu zabesifazane ezigodlweni. Ngokwesibonelo, abathenwa uHegayi noShahashigazi babekhonza njengabaqaphi bamakhosikazi nezancinza zeNkosi yasePheresiya u-Ahashiveroshi, okucatshangwa ukuthi unguXerxes I.—Esteri 2:3, 14.

Nokho, akubona bonke abantu iBhayibheli elibabiza ngokuthi abathenwa ababethenwe ngokoqobo. Ezinye izazi zithi leli gama laliphinde lisetshenziswe ngomqondo obanzi ukuze libhekisele esikhulwini esasisebenza egcekeni lenkosi. Kubonakala lisebenza ngalo mqondo leli gama ku-Ebhedi-meleki, umngane kaJeremiya, nakumTopiya othile owashunyayezwa umvangeli uFiliphu. Kusobala ukuthi u-Ebhedi-meleki wayeyisikhulu esinesikhundla esiphakeme ngoba wayexhumana ngokuqondile neNkosi uZedekiya. (Jeremiya 38:7, 8) UmTopiya naye uchazwa njengomgcini-zimali wasebukhosini ‘owayeye eJerusalema eyokhulekela.’—IzEnzo 8:27.

Kungani abelusi ngezikhathi zeBhayibheli babehlukanisa izimvu ezimbuzini?

Lapho echaza isahlulelo sesikhathi esizayo uJesu wathi: “Lapho iNdodana yomuntu ifika enkazimulweni yayo,. . . iyohlukanisa abantu omunye komunye, njengoba nje umalusi ehlukanisa izimvu ezimbuzini.” (Mathewu 25:31, 32) Kungani abelusi babezihlukanisa lezi zilwane?

Izimvu nezimbuzi zazivame ukweluswa nokuklabiswa ndawonye phakathi nosuku. Kusihlwa zazivalelwa ukuze zivikelwe ezilwaneni zasendle, emaseleni nasemakhazeni. (Genesise 30:32, 33; 31:38-40) Lezi zinhlobo ezimbili zezilwane zazivalelwa ngokwahlukana ukuze kuvikelwe izimvu ezilungile, ngokukhethekile amazinyane kanye nezimvukazi ekulinyazweni izimbuzi ezinochuku. Umalusi wayephinde ahlukanise izimvu ezimbuzini lapho “zizala, zisengwa nalapho zigundwa,” ngokusho kwencwadi ethi All Things in the Bible. Ngakho umfanekiso kaJesu wawusebenzisa izinto ezazivamile kubantu kwa-Israyeli wasendulo.