Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 SONDELA KUNKULUNKULU

‘Ugcwalisa Izinhliziyo Zethu’

‘Ugcwalisa Izinhliziyo Zethu’

Ingabe uJehova uyasikhathalela ngempela, noma akanandaba nokuhlupheka kwabantu emhlabeni? Iyasiduduza indlela iBhayibheli eliwuphendula ngayo lo mbuzo. Ngempela uNkulunkulu uyabakhathalela bonke abantu futhi ufuna sikujabulele ukuphila. Nsuku zonke uvumela abantu—ngisho nabangabongi—ukuba bazuze ebuhleni bakhe obuchichimayo Cabanga ngala mazwi omphostoli uPawulu.—Funda izEnzo 14:16, 17.

Ekhuluma nabantu basemzini waseListra ababengamkhonzi uNkulunkulu, uPawulu wathi: “Ezizukulwaneni ezidlule [uNkulunkulu] wavumela zonke izizwe ukuba ziqhubeke ngezindlela zazo, nakuba, empeleni, engazishiyanga engenabufakazi ngoba wenza okuhle, eninika izimvula ezivela ezulwini nezinkathi ezinezithelo, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokudla nangokwenama okukhulu.” Ayesho ukuthini la mazwi kwababelalele uPawulu?

Kwakulula ngabantu baseListra ukuba bawaqonde amazwi kaPawulu. Babewumphakathi okhonze ukulima futhi behlala ezweni elivundile nelinamanzi. Kodwa, njengoba nje uPawulu abakhumbuza, uNkulunkulu uyena uMthombo wemvula nezinkathi zenala. Ngakho-ke, njalo nje lapho bethola inala yesivuno futhi bejabulela isidlo esimnandi, babesuke bezuza ebuhleni bukaNkulunkulu.

Amazwi uPawulu awasho kubantu baseListra asifundisa izifundo ezibalulekile ngoJehova uNkulunkulu.

UJehova usinika inkululeko yokuzikhethela. Phawula ukuthi uJehova wavumela abantu beZizwe ukuba ‘baqhubeke ngezindlela zabo.’ Enye incwadi yabahumushi beBhayibheli ithi le nkulumo ingase isho ukuthi “ukwenza into abayithandayo” noma “ukwenza abacabanga ukuthi kungcono.” UJehova akaphoqi muntu ukuba amkhonze. Usinikeze inkululeko yokuzikhethela—ikhono lokukhetha indlela esifuna ukuphila ngayo.—Duteronomi 30:19.

UJehova ufuna ukuba simazi. UPawulu uthi uNkulunkulu akazange ‘azishiye engenabufakazi.’ Incwadi ephawulwe ngenhla ithi le nkulumo ingahunyushwa nangokuthi “ubabonise ngokucacile abantu ukuthi unguNkulunkulu onjani.” Indalo kaNkulunkulu inikeza ubufakazi obucacile ‘bezimfanelo zakhe ezingabonakali,’ ezihlanganisa ubuhle, ukuhlakanipha, amandla nothando. (Roma 1:20) UJehova uye wasitshela okuningi ngaye eBhayibhelini. (2 Thimothewu 3:16, 17) Akucaci-ke yini ukuthi ufuna ukuba simazi?

Nsuku zonke uNkulunkulu uvumela abantu—ngisho nalabo abangabongi—ukuba bazuze ebuhleni bakhe obuchichimayo

UJehova ufuna sijabule. UPawulu wathi ‘ugcwalisa izinhliziyo zethu ngokudla nangokwenama okukhulu.’ Ngisho nesoni esingenandaba noJehova singadla size sisuthe futhi sithole injabulo ethile ekuphileni. Nokho, uNkulunkulu ufuna sibe nenjabulo yangempela nehlala njalo. Lokhu kungenzeka kuphela uma sifunda iqiniso ngaye futhi silisebenzisa ekuphileni kwethu.—IHubo 144:15; Mathewu 5:3.

Sonke sizuza nsuku zonke ebuhleni bukaJehova. Funda okwengeziwe ngokuthi ungakubonisa kanjani ukumbonga uNkulunkulu ogcwalisa inhliziyo yakho “ngokudla nangokwenama okukhulu.”

Izahluko zeBhayibheli ongazifunda ngo-July

IzEnzo 11-28