Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Inkolelo-ze Eyodwa Iholela Kwenye

Inkolelo-ze Eyodwa Iholela Kwenye

“XWAYANI.” Lesi sixwayiso sashiwo umphostoli uPawulu encwadini ayibhalela amaKristu ayephila ngasekupheleni kwekhulu lokuqala C.E. Wayethi axwaye ini? Wanezela: “Mhlawumbe kungase kube khona oyomuka nani njengezisulu zakhe ngefilosofi nangenkohliso eyize ngokwesiko labantu.”—Kolose 2:8.

Naphezu kwaleso sixwayiso sikaPawulu, kusukela maphakathi nekhulu lesibili C.E. amanye amaKristu aqala ukusebenzisa imibono yezazi zefilosofi zasendulo ukuze achaze izinkolelo zawo. Ayekwenzelani lokho? Ayefuna ukwamukelwa izifundiswa zoMbuso WaseRoma, ngaleyo ndlela azitholele abalandeli abengeziwe.

UJustin Martyr, omunye walawo maKristu owayaziwa kakhulu, wayekholelwa ukuthi uMkhulumeli kaNkulunkulu wayezibonakalise ezazini zamafilosofi ezingamaGreki eminyakeni eminingi ngaphambi kokufika kukaJesu. Ngokusho kwakhe kanye nabanye ababefundisa izimfundiso ezifanayo, amafilosofi nezinganekwane ezafakwa ebuKristwini zenza lolu hlobo lwenkolo lwathandeka kakhulu emhlabeni.

Uhlobo lobuKristu lukaJustin Martyr lwaphumelela kakhulu ekuzuzeni abalandeli. Nokho, ukwamukelwa kwenkolelo-ze eyodwa kwaholela ekusungulweni kwezinye futhi kwakheka lokho manje abaningi abakholelwa ukuthi kuyimfundiso yobuKristu. Ukuze uzibone kahle lezi zinkolelo-ze, qhathanisa lokho okushiwo izincwadi ezithile kanye nalokho okufundiswa yiBhayibheli ngempela ezihlokweni ezilandelayo.