Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Masisebenzeni Okuhle Kubo Bonke”

“Masisebenzeni Okuhle Kubo Bonke”

“Wozani Kimi, . . . Ngizonenza Niqabuleke”

“Masisebenzeni Okuhle Kubo Bonke”

UKUSHUMAYELA nokufundisa izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kwakuwumsebenzi oyinhloko kaJesu. (Marku 1:14; Luka 8:1) Njengoba abalandeli bakaJesu benesifiso sokumlingisa, babheka umsebenzi wokufundisa isigijimi seBhayibheli soMbuso kaNkulunkulu njengoza kuqala ekuphileni kwabo. (Luka 6:40) Kuyabakhuthaza ngempela oFakazi BakaJehova ukubona indlela isigijimi soMbuso esiletha ngayo ukuqabuleka okuhlala njalo kulabo abasamukelayo—njengoba kwakunjalo lapho uJesu esemhlabeni.—Mathewu 11:28-30.

Ngaphezu kokufundisa iZwi likaNkulunkulu, uJesu wenza neminye imisebenzi emihle, enjengokuphulukisa abagulayo nokondla abalambile. (Mathewu 14:14-21) Ngokufanayo, oFakazi BakaJehova benezela emsebenzini wabo wokufundisa iBhayibheli ngokusiza abantu abaswele. Empeleni, imiBhalo ihlomisela amaKristu “yonke imisebenzi emihle” futhi iwakhuthaza ukuba enze “okuhle kubo bonke.”2 Thimothewu 3:16, 17; Galathiya 6:10.

‘Abafowethu Balunika Usizo’

Ngo-September 1999, eTaiwan kwagadla ukuzamazama komhlaba okwadala umonakalo. Ngemva nje kwezinyanga ezimbalwa, izimvula eziyizikhukhula neqhwa kwadala inhlekelele engokwemvelo embi kakhulu kwezake zenzeka emlandweni waseVenezuela. Muva nje, izikhukhula ezinkulu zicekele phansi izwe laseMozambique. Kuzo zontathu lezi zehlakalo, oFakazi BakaJehova batheleka ngokushesha endaweni yenhlekelele bephathele izisulu ukudla, amanzi, imithi, izingubo zokugqoka, amatende nezinto zokupheka. Izisebenzi zokuzithandela ezinolwazi lwezokwelapha zasungula izindawo ezisazibhedlela ukuze zelaphe abalimele, kwathi ezinolwazi lokwakha zakhela abashiywe dengwane izindlu.

Izisulu zenhlekelele zathintwa usizo olufike ngesikhathi ezaluthola. UMalyori, okhaya lakhe lacekelwa phansi iqhwa eVenezuela uthi: “Lapho siludinga ngempela usizo, abafowethu balunika.” Ngemva kokuba izisebenzi zokuzithandela zakhele umkhaya wakhe ikhaya elisha, uMalyori wababaza: “Asisoze sakwazi ukumbonga ngokwanele uJehova ngakho konke asenzele kona!” Futhi lapho izisulu zezikhukhula zaseMozambique zithola okhiye bezindlu zazo ezakhiwe kabusha, lonke iqembu lakhamuluka lahlabelela ingoma yoMbuso ethi “UJehova Uyisiphephelo Sethu.” *

Ukusiza abaswele kwakuqabula nasezisebenzini zokuzithandela. UMarcelo owayesebenza njengomhlengikazi enkanjini yababaleki eMozambique waphawula: “Kwakujabulisa ukuba wusizo kubazalwane abaye bahlupheka kangaka.” UHuang isisebenzi sokuzithandela eTaiwan waphawula: “Kwakujabulisa kakhulu ukuhambisela abazalwane abantulayo ukudla namatende. Kwakuqinisa ukholo.”

Isimiso Sokusiza Ngokuzithandela Esinemiphumela

Umsebenzi wokuzithandela uye waletha nokuqabuleka okungokomoya emashumini ezinkulungwane zeziboshwa emhlabeni wonke. Kanjani? Eminyakeni yamuva, oFakazi BakaJehova baye bahambisa izincwadi zeBhayibheli kubantu abangaphezu kuka-30 000 ababoshwe emajele angaba ngu-4 000 e-United States kuphela. Ngaphezu kwalokho, lapho kungenzeka khona, oFakazi ngokwabo bavakashela emajele ukuze bafunde neziboshwa iBhayibheli baqhube nemihlangano yobuKristu. Ingabe ziyazuza iziboshwa?

Ezinye iziboshwa ezifunda iBhayibheli zihlanganyela izimfundiso zeZwi likaNkulunkulu eziqabulayo nezinye iziboshwa. Umphumela ukuthi sekunamaqembu eziboshwa emajele amaningi emhlabeni wonke akhulekela uJehova ndawonye. “Iqembu lethu liyakhula,” kubika isiboshwa esisejele lase-Oregon, e-U.S.A., ngo-2001. “Sinabamemezeli boMbuso abangu-7 abaqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-38. Kuba nabantu abangaphezu kuka-25 enkulumweni yeningi naseSifundweni Se-Nqabayokulinda, futhi saba nabangu-39 eSikhumbuzweni [sokufa kukaKristu]. Kunabanye abathathu abazobhapathizwa maduzane nje!”

Izinzuzo Nezinjabulo

Izikhulu zamajele ziye zaqaphela ukuthi luyaphumelela lolu hlelo lwezisebenzi zokuzithandela. Okuhlaba izikhulu umxhwele kunakho konke, inzuzo ehlala njalo yalolu hlelo lokusiza. Omunye umbiko uyaphawula: “Eminyakeni eyishumi selokhu lolu hlelo luqhubeka, akukho nesisodwa isiboshwa esikhululiwe nesasibhapathizwe ejele njengomunye woFakazi BakaJehova esiye sabuya ejele—uma kuqhathaniswa namaphesenti angu-50 kuya kwangu-60 eziboshwa zamanye amaqembu.” Ngenxa yemiphumela etholwe izisebenzi zokuzithandela zoFakazi, umfundisi wasejele lase-Idaho wathi encwadini ayibhalela indlunkulu yoFakazi BakaJehova: “Nakuba mina ngokwami ngingavumelani nezinkolelo zenu, inhlangano yenu ingihlaba umxhwele kakhulu.”

Ukusiza labo abasejele kubonakala kuvuza nasezisebenzini zokuzithandela. Ngemva kokuba nomhlangano neqembu leziboshwa ezahlabelela ingoma yoMbuso ngokokuqala ngqá, isisebenzi sokuzithandela sabhala: “Kwakukhuthaza ukubona abesilisa abangu-28 behlanganyela ekuhlabeleleni izindumiso kuJehova. Babehlabelela kakhulu! Yeka ilungelo okuyilo ukuba sesenzakalweni esinjalo!” Isisebenzi sokuzithandela esasivakashele ijele elise-Arizona sathi: “Yeka isibusiso okube yiso ukuhlanganyela kulo msebenzi okhethekile!”

Emhlabeni wonke izisebenzi zokuzithandela ezingoFakazi zivumelana noJesu owathi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunekhona ekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Zifakazela nokuthi ukulandela iseluleko seBhayibheli sokwenza okuhle kubo bonke kuqabula ngempela.—IzAga 11:25.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 7 Bheka ingoma 85 encwadini ethi Hubani Izindumiso ZikaJehova, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Isithombe ekhasini 8]

EVenezuela

[Isithombe ekhasini 8]

ETaiwan

[Isithombe ekhasini 8]

EMozambique