Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Yokwenza Izinqumo Ezihlakaniphile

Indlela Yokwenza Izinqumo Ezihlakaniphile

Indlela Yokwenza Izinqumo Ezihlakaniphile

INKULULEKO yokuzikhethela iyisipho esivela kuNkulunkulu. Ngaphandle kwayo, besingafana namarobhothi nje, singabi namandla okulawula izenzo zethu. Nokho, ngayo, sibhekana nezinselele. Njengoba sinenkululeko yokuzikhethela, kumelwe senze izinqumo njengoba siqhubeka siphila.

Yiqiniso, izinqumo eziningi azisho lutho. Ezinye, ezifana nokukhetha umsebenzi wokuziphilisa noma ukuthi kumelwe yini ushade, zingalithinta lonke ikusasa lethu. Ezinye futhi zithinta nabanye abantu. Izinqumo ezithile ezenziwa abazali zinethonya elikhulu ezinganeni zabo. Ngaphezu kwalokho, kumelwe silandise kuNkulunkulu ngezinqumo eziningi esizenzayo.—Roma 14:12.

Isidingo Sosizo

Abantu abanawo umlando omuhle uma kuziwa endabeni yokwenza izinqumo. Esinye sezinqumo zokuqala zabantu emlandweni saholela enhlekeleleni. U-Eva wanquma ukudla isithelo uNkulunkulu ayesenqabele ngokucacile. Ukukhetha kwakhe okwakusekelwe esifisweni sobugovu, kwaholela ekubeni umyeni wakhe azibandakanye naye, bangamlaleli uNkulunkulu futhi umphumela waba ukuhlupheka okukhulu kwesintu. Ezimweni eziningi, abantu basasekela izinqumo zabo kakhulu ezifisweni zobugovu kunasezimisweni zokulungile. (Genesise 3:6-19; Jeremiya 17:9) Futhi lapho sibhekene nezinqumo ezingathi sína, sivame ukukuqaphela ukulinganiselwa kwethu.

Khona-ke, akumangazi ukuthi lapho benza izinqumo ezibalulekile, abaningi bafuna usizo emithonjeni ephakeme kunabantu. IBhayibheli lilandisa isenzakalo lapho uNebukadinesari owayephakathi nomkhankaso wempi, kwadingeka ukuba enze isinqumo esithile. Nakuba ayeyinkosi, wabona isidingo sokuxhumana nemimoya ‘ngokubhula.’ Ngakho, ukulandisa kuthi: “[Inkosi] ixhakazisa imicibisholo, ibuza amatherafi, ibheka esibindini.” (Hezekeli 21:21) Ngokufanayo nanamuhla, abaningi baya kubabikezeli benhlanhla nezazi zezinkanyezi futhi bafune usizo kwabanemimoya nangezinye izindlela. Kodwa konke lokhu kuyakhohlisa futhi kuyadukisa.—Levitikusi 19:31.

Ukhona onokwethenjelwa ngokuphelele, osesize abantu ukuba benze izinqumo ezihlakaniphile kuwo wonke umlando. Lowo nguJehova uNkulunkulu. Ngokwesibonelo, ezikhathini zasendulo, uNkulunkulu wanikeza isizwe sakhe i-Urimi neThumimi—cishe lezo izinto ezingcwele ezaziphonswa lapho isizwe sibhekene nezimo ezibaluleke kakhulu. Esebenzisa i-Urimi neThumimi, uJehova wayenikeza izimpendulo eziqondile emibuzweni futhi esiza abadala bakwa-Israyeli ukuba baqiniseke ukuthi izinqumo zabo zivumelana nentando yakhe.—Eksodusi 28:30; Levitikusi 8:8; Numeri 27:21.

Cabanga ngesinye isibonelo. Lapho uGideyoni ejutshwa ukuba ahole amabutho akwa-Israyeli ayolwa nabakwaMidiyani, kwadingeka anqume ukuthi wayeyolamukela yini lelo lungelo eliphakeme noma cha. Efuna isiqinisekiso sokuthi uJehova wayeyomsekela, uGideyoni wacela isibonakaliso esiyisimangaliso. Wathandazela ukuba uboya abubeke ngaphandle ebusuku bumanziswe amazolo kodwa indawo ebuzungezile yome. Ngobusuku obulandelayo, wacela ukuba uboya bome kuthi indawo ebuzungezile ibe manzi té amazolo. Ngomusa uJehova wanikeza uGideyoni lezo zibonakaliso ayezicelile. Ngenxa yalokho, uGideyoni wenza isinqumo esifanele, futhi ngokusekela kwaphezulu, waqotha imbokodo nesisekelo enqoba izitha zika-Israyeli.—AbAhluleli 6:33-40; 7:21, 22.

Kuthiwani Namuhla?

Nanamuhla uJehova usazinikeza izinceku zakhe usizo lapho zibhekene nezinqumo ezibalulekile. Kanjani? Ingabe nathi kumelwe sicele izibonakaliso ‘zezivivinyo zoboya’ kuJehova njengoGideyoni ukuze asibonise isinqumo esifanele? Omunye umbhangqwana wawuzibuza ukuthi kufanele yini uyokhonza lapho kunendingeko enkulu khona yabashumayeli boMbuso. Bahlela ukwenza isivivinyo ukuze sibasize ekwenzeni isinqumo. Bakhangisa ukuthi babedayisa indlu yabo ngenani elithile. Uma indlu yabo ithengwa ngosuku oluthile ngenani abalifunayo noma ngaphezulu, lokho babeyokuthatha njengophawu lokuthi uNkulunkulu wayefuna ukuba bathuthe. Uma indlu ingathengwa, babeyophetha ngokuthi uNkulunkulu wayengafuni bathuthe.

Leyo ndlu ayithengwanga. Ingabe lolo kwakuwuphawu lokuthi uJehova wayengafuni ukuba lo mbhangqwana uyokhonza lapho kunendingeko enkulu khona? Kungaba ukugabadela ukusho sigomele ukuthi yini uJehova ayenzela izinceku zakhe noma angazenzeli yona. Asinakusho namuhla ukuthi uJehova akangeneli neze ukuze abonakalise intando yakhe kithi. (Isaya 59:1) Nokho, asinalo ilungelo lokulindela ukungenela okunjalo ezinqumweni zethu ezinkulu, empeleni okuwukushiyela kuJehova ukuba asenzele lezo zinqumo. Ngisho noGideyoni, engxenyeni enkulu yokuphila kwakhe, kwadingeka ukuba azenzele izinqumo ngaphandle kwezibonakaliso eziyisimangaliso ezivela kuJehova!

Noma kunjalo, iBhayibheli liyasho ukuthi isiqondiso saphezulu siyatholakala. Libikezela ngesikhathi sethu, lithi: “Nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: ‘Nansi indlela; hambani ngayo,’ noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.” (Isaya 30:21) Lapho sibhekene nokukhetha okubalulekile, kuyafaneleka impela ukufuna ukuqiniseka ukuthi izinqumo zethu ziyavumelana nentando kaNkulunkulu futhi zibonisa ukuhlakanipha kwakhe okuphakeme. Kanjani? Ngokuhlola iZwi lakhe futhi silivumele libe ‘yisibani ezinyaweni zethu nokukhanya endleleni yethu.’ (IHubo 119:105; IzAga 2:1-6) Ukuze senze lokhu, kudingeka sihlakulele umkhuba wokungenisa ulwazi olunembile lweBhayibheli. (Kolose 1:9, 10) Futhi lapho sibhekene nesinqumo, kudingeka sicwaninge ngokucophelela zonke izimiso zeBhayibheli eziphathelene naleyo ndaba. Ukucwaninga okunjalo kuyosenza sikwazi ‘ukuqiniseka ngezinto ezibaluleke ngokwengeziwe.’—Filipi 1:9, 10.

Kufanele futhi sikhulume noJehova ngomthandazo, siqiniseka ukuthi uyosizwa. Yeka ukuthi kududuza kanjani ukuchazela uNkulunkulu wethu onothando ngesinqumo okumelwe sisenze nezinto esicabanga ukuthi singase sizenze! Khona-ke, ngokuqiniseka singacela isiqondiso ekwenzeni isinqumo esifanele. Ngokuvamile, umoya ongcwele uyosikhumbuza izimiso zeBhayibheli ezisebenzayo, noma ungase usisize siwuqonde ngokucace kakhudlwana umbhalo ohlobene nesimo sethu.—Jakobe 1:5, 6.

Futhi uJehova usilungiselela abavuthiwe ebandleni esingaxoxa nabo ngezinqumo zethu. (Efesu 4:11, 12) Nokho, lapho sixoxa nabanye, akumelwe silandele inkambo yalabo abaya kubantu abahlukahlukene kuze kube yilapho ekugcineni bethola lowo osho abafuna ukukuzwa. Bese belandela iseluleko sakhe. Futhi kufanele sikhumbule isibonelo esiyisixwayiso sikaRehobowamu. Lapho ebhekene nesinqumo esingathi sína, wathola iseluleko esihle ezimpungeni ezazikhonza noyise. Nokho, kunokulandela iseluleko sazo, waxoxa nezinsizwa akhula nazo. Elandela iseluleko sazo, wenza isinqumo esiwubuwula kakhulu futhi ngenxa yalokho walahlekelwa yingxenye enkulu yombuso wakhe.—1 AmaKhosi 12:1-17.

Lapho ufuna iseluleko, sifune kulabo abanokuhlangenwe nakho ekuphileni, abayazi kahle imiBhalo futhi abazihlonipha ngokujulile izimiso zokulunga. (IzAga 1:5; 11:14; 13:20) Lapho kungenzeka, zinike isikhathi uzindla ngezimiso ezihilelekile nangakho konke ukwaziswa okutholile. Njengoba uqala ukubona izinto ngokukhanyiselwa yiZwi likaJehova, cishe isinqumo esifanele siyocaca kakhudlwana.—Filipi 4:6, 7.

Izinqumo Esizenzayo

Kulula ukwenza ezinye izinqumo. Lapho beyalwa ukuba bayeke ukufakaza, abaphostoli babazi ukuthi kwakumelwe baqhubeke beshumayela ngoJesu, futhi ngokushesha batshela iSanhedrini ngesinqumo sabo sokulalela uNkulunkulu kunabantu. (IzEnzo 5:28, 29) Ezinye izinqumo zingase zidinge ukuba udle amathambo engqondo ngoba asikho isiqondiso seBhayibheli esiqondile esihlobana nendaba. Noma kunjalo, izimiso zeBhayibheli ngokuvamile ziyokusiza uqonde ukuthi yisiphi isinqumo esingcono okufanele usenze. Ngokwesibonelo, nakuba izinhlobo eziningi zokuzijabulisa ezikhona namuhla zazingekho ngesikhathi sikaJesu, kunamaqiniso acacile eBhayibheli aphathelene nalokho okujabulisa uJehova nalokho okumcasulayo. Ngakho-ke, noma yimuphi umKristu ozitika ngokuzijabulisa okukhuthaza ubudlova, ukuziphatha okubi noma ukuvukela wenzé isinqumo esibi.—IHubo 97:10; Johane 3:19-21; Galathiya 5:19-23; Efesu 5:3-5.

Ngezinye izikhathi, izinqumo ezimbili zingase zibe ezifanele. Ukukhonza lapho kunendingeko enkulu khona yilungelo elimangalisayo futhi kungaholela ezibusisweni ezinkulu. Kodwa uma umuntu ngesizathu esithile enquma ukungakhonzi lapho, usengawenza umsebenzi omuhle ebandleni lakubo. Ngezinye izikhathi, singase sibhekane nesinqumo esiyosinika ithuba lokubonisa ukuthi ukuzinikela kwethu kuJehova kujule kangakanani noma ukuthi yini ebaluleke kakhulu ekuphileni kwethu. Ngaleyo ndlela, uJehova usivumela ukuba sisebenzise inkululeko yethu yokuzikhethela ukuze sibonise ukuthi yini ngempela esezinhliziyweni zethu.

Ngokuvamile, izinqumo zethu zithinta nabanye. Ngokwesibonelo, amaKristu ekhulu lokuqala ajabulela ukukhululeka ezicini eziningi zoMthetho ezenqabelayo. Ngokwesibonelo, lokhu kwakusho ukuthi ayengakwamukela noma akwenqabe ukudla okwakungahlanzekile ngaphansi koMthetho. Noma kunjalo, akhuthazwa ukuba acabangele onembeza babanye lapho enquma ukuthi ayisebenzise yini le nkululeko. Amazwi kaPawulu ngale ndaba angasebenza ezinqumweni eziningi esizenzayo: “Gwemani ukuba izimbangela zokukhubeka.” (1 Korinte 10:32) Isifiso sokungafuni ukukhuba abanye singase sisisize ezinqumweni eziningi esizenzayo. Kakade, ukuthanda umakhelwane kungumyalo wesibili omkhulu.—Mathewu 22:36, 39.

Umphumela Wezinqumo Zethu

Izinqumo ezenziwe ngonembeza omuhle nezisekelwe ezimisweni zeBhayibheli ziyoba nomphumela omuhle ekugcineni. Yiqiniso, okwangaleso sikhathi zingase ziphumele ekudeleni okuthile. Lapho abaphostoli betshela iSanhedrini ngesinqumo sabo sokuqhubeka beshumayela ngoJesu, baqale babhaxabulwa ngaphambi kokuba bakhululwe. (IzEnzo 5:40) Lapho amaHeberu amathathu—oShadiraki, uMeshaki no-Abedi Nego—enquma ukungasikhulekeli isithombe segolide sikaNebukadinesari, abeka ukuphila kwawo engozini. Ayekulungele ukubhekana neqiniso lokuthi isinqumo sawo sasingase sisho ukufa kwawo. Kodwa ayazi ukuthi ayeyokwamukelwa nguNkulunkulu athole nesibusiso sakhe.—Daniyeli 3:16-19.

Uma sibhekana nobunzima ngemva kokwenza isinqumo esiqotho, asikho isidingo sokucabanga ukuthi isinqumo esisenzile besingalungile. ‘Isikhathi nethuba’ kungase kuyithinte kabi imiphumela ngisho neyezinqumo ezenziwe kuqondwe okuhle kodwa. (UmShumayeli 9:11) Ngaphezu kwalokho, ngezinye izikhathi uJehova uvumela ukuhlupheka ukuba kuvivinye ukujula kokuzinikela kwethu kuye. UJakobe kwadingeka abambane nengelosi ubusuku bonke ngaphambi kokuba athole isibusiso. (Genesise 32:24-26) Nathi kungase kudingeke silwe nokuhlupheka, ngisho nalapho senza into enhle. Noma kunjalo, lapho izinqumo zethu zivumelana nentando kaNkulunkulu, singaqiniseka ukuthi uyosisiza sikhuthazele futhi ekugcineni uyosibusisa—2 Korinte 4:7.

Ngakho, lapho wenza isinqumo esibalulekile, ungenciki kokwakho ukuhlakanipha. Funa izimiso zeBhayibheli ezisebenzayo. Khuluma noJehova ngaleyo ndaba. Lapho kungenzeka, khuluma namaKristu avuthiwe okanye nawo. Bese uba nesibindi. Sebenzisa inkululeko yakho yokuzikhethela oyinikwe nguNkulunkulu ngendlela eqotho. Yenza isinqumo esihlakaniphile futhi ubonise uJehova ukuthi inhliziyo yakho ilungile.

[Isithombe ekhasini 28]

Hlola iZwi likaNkulunkulu ngaphambi kokwenza izinqumo ezibalulekile

[Izithombe ekhasini 28, 29]

Khuluma noJehova ngezinqumo okumelwe uzenze

[Isithombe ekhasini 30]

Ungaxoxa ngezinqumo zakho ezinkulu namaKristu avuthiwe