Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Hlanganyela Enjabulweni Yokupha!

Hlanganyela Enjabulweni Yokupha!

Hlanganyela Enjabulweni Yokupha!

“Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunekhona ekwamukeleni.”—IZENZO 20:35.

1. UJehova ubonisa kanjani ukuthi ukupha kunenjabulo?

INJABULO yokwazi iqiniso nezibusiso eziba umphumela kuyizipho eziyigugu ezivela kuNkulunkulu. Labo asebemazi uJehova banezizathu eziningi zokujabula. Nokho, njengoba kujabulisa ukwamukela isipho, ukupha nako kuyajabulisa. UJehova unguMuphi wazo “zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele,” futhi ‘unguNkulunkulu ojabulayo.’ (Jakobe 1:17; 1 Thimothewu 1:11) Ubanikeza izimfundiso ezinempilo bonke abalalelayo, futhi kuyamjabulisa ukulalela kwalabo abafundisayo, njengoba nje nabazali bejabula lapho izingane zabo zisabela ekufundisweni ngothando.—IzAga 27:11.

2. (a) UJesu wathini ngokupha? (b) Iyiphi injabulo esiyitholayo lapho sifundisa abanye iqiniso leBhayibheli?

2 Ngokufanayo, lapho esemhlabeni, uJesu wakujabulela ukubona abantu besabela kahle ekufundiseni kwakhe. Umphostoli uPawulu wacaphuna uJesu ethi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunekhona ekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Injabulo esiyithola lapho sifundisa abanye iqiniso leBhayibheli ayikona nje ukwaneliseka ngenxa yokuthi othile uvumelana nezimfundiso zethu ezingokwenkolo. Ngaphezulu kakhulu kunalokho, ingeyokwazi ukuthi siphana ngokuthile okubaluleke ngempela nokuyohlala njalo. Ngokupha ngokomoya, singasiza abantu ukuba bazizuzise manje kuze kube phakade.—1 Thimothewu 4:8.

Ukupha Kuletha Injabulo

3. (a) Umphostoli uPawulu noJohane bayiveza kanjani injabulo yabo yokusiza abanye ngokomoya? (b) Kungani ukunikeza izingane zethu iqiniso leBhayibheli kuwukubonisa uthando?

3 Yebo, njengoba nje uJehova noJesu bekujabulela ukupha izipho ezingokomoya, namaKristu ayakujabulela. Umphostoli uPawulu wathola injabulo ngokwazi ukuthi wayesize abanye ukuba bafunde iqiniso leZwi likaNkulunkulu. Ebhalela ibandla laseThesalonika, wathi: “Liyini ithemba lethu noma injabulo noma umqhele wokwethaba—kanti eqinisweni akunina yini?—phambi kweNkosi yethu uJesu ekubeni khona kwayo? Ngokuqinisekile niyinkazimulo nenjabulo yethu.” (1 Thesalonika 2:19, 20) Ngokufanayo, lapho ekhuluma ngezingane zakhe ezingokomoya, umphostoli uJohane wabhala: “Anginaso isizathu esikhulu sokubonga kunalezizinto, ukuba ngizwe ukuthi abantwana bami baqhubeka behamba eqinisweni.” (3 Johane 4) Cabanga nangenjabulo ekhona ekusizeni izingane zethu ukuba zibe yizingane zethu ezingokomoya! Ukukhulisa kwabazali izingane “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova” kuwukubonisa uthando. (Efesu 6:4) Ngokwenza kanjalo, abazali babonisa ukuthi bayayikhathalela inhlalakahle yaphakade yezingane zabo. Lapho zisabela, abazali baba nenjabulo enkulu nokwaneliseka.

4. Yikuphi okuhlangenwe nakho okubonisa injabulo yokupha ngokomoya?

4 UDell uyisikhonzi esiyiphayona lesikhathi esigcwele nomama wezingane ezinhlanu. Uthi: “Ngiyiqonda kahle kakhulu imizwa esemazwini omphostoli uJohane ngoba ngibonga kakhulu ngokuthi ezine zezingane zami ‘zihamba eqinisweni.’ Ngiyazi ukuthi kuletha udumo nenkazimulo kuJehova lapho imikhaya inobunye ekukhulekeleni kweqiniso, ngakho ngizizwa nganeliseke ngokujulile lapho ngibona isibusiso sakhe emizamweni yami yokugxilisa iqiniso ezinganeni zami. Amathemba amangalisayo okuphila phakade ePharadesi nomkhaya wami angenza ngigcwale ithemba futhi angishukumisela ukuba ngikhuthazele naphezu kwezinkinga nezithiyo.” Ngokudabukisayo, enye yamadodakazi kaDell yasuswa ekuhlanganyeleni nebandla ngenxa yokuphishekela inkambo ephambene nobuKristu. Noma kunjalo, uDell uyazikhandla ukuze ahlale enesimo sengqondo esiqondile. Uthi: “Nginethemba lokuthi ngelinye ilanga indodakazi yami iyobuyela kuJehova ngokuthobeka nangobuqotho. Kodwa ngiyambonga uNkulunkulu ngokuthi iningi lezingane zami liyaqhubeka limkhonza ngokwethembeka. Injabulo engiyizwayo iye yaba umthombo wamandla ngempela kimi.”—Nehemiya 8:10.

Ukwakha Abangane Abahlala Njalo

5. Njengoba sizinikela emsebenzini wokwenza abafundi, yiluphi ulwazi olusinikeza ukwaneliseka?

5 UJesu wayala abalandeli bakhe ukuba benze abafundi abangamaKristu futhi babafundise ngoJehova nezimfuneko zakhe. (Mathewu 28:19, 20) Bobabili uJehova noJesu baye basiza abantu ngokungenabugovu ukuba bafunde indlela yeqiniso. Ngakho njengoba sizinikela emsebenzini wokwenza abafundi, siba nokwaneliseka kokwazi ukuthi silingisa isibonelo sikaJehova nesikaJesu, njengoba kwenza amaKristu okuqala. (1 Korinte 11:1) Lapho sibambisana ngale ndlela noNkulunkulu uMninimandla onke neNdodana yakhe ethandekayo, ukuphila kwethu kuba nenjongo yangempela. Yeka ukuthi kuyisibusiso kanjani ukubalwa phakathi ‘kwezisebenzi ezikanye noNkulunkulu’! (1 Korinte 3:9) Futhi akujabulisi yini ukuthi ngisho nezingelosi zinengxenye kulo msebenzi wokushumayela izindaba ezinhle?—IsAmbulo 14:6, 7.

6. Njengoba sihlanganyela ekupheni okungokomoya, obani ababa abangane bethu?

6 Eqinisweni, ngokuhlanganyela kulo msebenzi wokupha okungokomoya, singenza okungaphezu kokuba yizisebenzi ezikanye noNkulunkulu—singaba nobungane naye obuhlala phakade. Ngenxa yokholo lwakhe, u-Abrahama wabizwa ngomngane kaJehova. (Jakobe 2:23) Njengoba sizama ukwenza intando kaNkulunkulu, nathi singaba abangane bakaNkulunkulu. Uma sikwenza lokho, siba futhi abangane bakaJesu. Yena wathi kubafundi bakhe: “Nginibize ngokuthi ningabangane, ngoba zonke izinto engizizwe kuBaba nginazisile zona.” (Johane 15:15) Abaningi bayakujabulela ukubhekwa njengabangane babantu abakhulu noma bezikhulu eziphakeme, kodwa thina singabhekwa njengabangane babantu ababili abakhulu kunabo bonke endaweni yonke!

7. (a) Owesifazane othile wamakha kanjani umngane wangempela? (b) Ingabe kuye kwenzeka kuwe okuthi akufane?

7 Ngaphezu kwalokho, lapho sisiza abantu ukuba bazi uNkulunkulu, nalabo bantu baba abangane bethu, basenze sijabule ngokukhethekile. UJoan, ohlala e-United States, waqala ukutadisha iBhayibheli nowesifazane okuthiwa uThelma. Nakuba uThelma aphikiswa umkhaya ngenxa yesifundo sakhe, wakhuthazela waze wabhapathizwa ngemva konyaka. UJoan wabhala: “Ubudlelwane bethu abuphelanga lapho; kunalokho, bakhula baba ubungane osebuneminyaka engaba ngu-35 manje. Sekukaningi sihamba ndawonye siya enkonzweni nasemihlanganweni emikhulu. Ekugcineni, ngathuthela emzini omusha owawuqhele ngamakhilomitha angu-800. Kodwa uThelma usaqhubeka engibhalela izincwadi ezinothando nezifudumele kakhulu, engitshela ukuthi uyangithanda futhi engibonga ngokuba ngumngane wakhe nesibonelo kuye, engibonga nangokumfundisa iqiniso leBhayibheli. Ukuba nomngane oseduze nothandeka kangaka kuwumvuzo omuhle kakhulu wemizamo engayenza ukuze ngimsize afunde ngoJehova.”

8. Yisiphi isimo sengqondo esiqondile esiyosisiza enkonzweni?

8 Ithemba lokuthola umuntu ofuna ukufunda iqiniso lingasisiza sikhuthazele ngisho noma abantu abaningi esihlangana nabo bengabonisi sithakazelo esitheni eZwini likaNkulunkulu. Ukunganakwa okunjalo kungaba yinselele okholweni nasekukhuthazeleni kwethu. Nokho, isimo sengqondo esiqondile siyosisiza. UFausto waseGuatemala, wathi: “Lapho ngishumayela kwabanye, ngiye ngicabange ukuthi kungaba mnandi kanjani uma lowo muntu engikhuluma naye engaba ngumfowethu noma udadewethu ongokomoya. Ngiye ngicabange ukuthi okungenani umuntu oyedwa engihlangana naye angase agcine elamukele iqiniso leZwi likaNkulunkulu. Lowo mcabango uyangisiza ngiqhubeke ngishumayela futhi ungilethela injabulo yangempela.”

Ukuzibekelela Imicebo Ezulwini

9. UJesu wathini ngemicebo esezulwini, futhi yini esingayifunda kulokho?

9 Ukwenza izingane zethu noma abanye abantu babe ngabafundi akulula ngaso sonke isikhathi. Kungase kudinge isikhathi, ukubekezela nokukhuthazela. Nokho, khumbula ukuthi abaningi bazimisele ukusebenza kanzima ukuze bazibekelele insada yezinto ezibonakalayo, izinto ngokuvamile ezingabaletheli injabulo futhi ezingahlali phakade. UJesu watshela izilaleli zakhe ukuthi kungcono ukusebenzela izinto ezingokomoya. Wathi: “Yekani ukuzibekelela imicebo emhlabeni, lapho inundu nokugqwala kudla khona, nalapho amasela egqekeza khona ebe. Kunalokho, zibekeleleni imicebo ezulwini, lapho kungoni nundu nakugqwala khona, nalapho amasela engagqekezi ebe khona.” (Mathewu 6:19, 20) Ngokuphishekela imigomo engokomoya—ehlanganisa ukuhlanganyela emsebenzini obalulekile wokwenza abafundi—singaba nokwaneliseka kokwazi ukuthi senza intando kaNkulunkulu nokuthi uyosivuza. Umphostoli uPawulu wabhala: “UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe.”—Heberu 6:10.

10. (a) Kungani uJesu ayenemicebo engokomoya? (b) UJesu wazinikela kanjani, futhi lokho kwabazuzisa kakhulu ngayiphi indlela abanye?

10 Uma sizikhandla ukuze senze abafundi, sizibekela “imicebo ezulwini,” ngokuvumelana nalokho uJesu akusho. Lokhu kusinika injabulo yokwamukela. Uma sipha ngokungenabugovu, siyacetshiswa nathi. UJesu ngokwakhe wayekhonze uJehova ngokwethembeka izigidigidi zeminyaka. Cabanga imicebo ayesezibekelele yona ezulwini! Nokho, uJesu akafunanga ukuzanelisa yena. Umphostoli uPawulu wabhala: “[UJesu] wazinikela ngenxa yezono zethu ukuze asikhulule kulesisimiso sezinto esibi samanje ngokwentando kaNkulunkulu noBaba wethu.” (Galathiya 1:4) UJesu akagcinanga ngokuzinikela ngokungenabugovu enkonzweni yakhe, kodwa futhi wanikela ngokuphila kwakhe uqobo njengesihlengo ukuze nabanye babe nethuba lokuzibekelela imicebo ezulwini.

11. Kungani izipho ezingokomoya zingcono kunezezinto ezibonakalayo?

11 Ngokufundisa abantu ngoNkulunkulu, sibasiza babone ukuthi nabo bangazibekelela kanjani imicebo engabuni engokomoya. Yisiphi isipho esikhulu kunaleso ongaphana ngaso? Uma upha umngane iwashi elibizayo, imoto, noma ngisho umuzi, cishe lowo mngane uyobonga futhi ajabule, nawe futhi uyoba nenjabulo yokupha. Kodwa siyobe sinjani leso sipho ngemva kweminyaka engu-20? Engu-200? Engu-2 000? Ngakolunye uhlangothi, uma uzinikela ukuze usize umuntu ukuba akhonze uJehova, lowo muntu angazuza phakade kuleso sipho.

Ukucinga Labo Abafuna Iqiniso

12. Abaningi baye bazinikela kanjani ukuze basize abanye ngokomoya?

12 Ukuze bahlanganyele enjabulweni yokupha okungokomoya, abantu bakaJehova baye baya nasemaphethelweni omhlaba. Abayizinkulungwane baye bashiya imizi nemindeni yakubo, bangenela inkonzo yezithunywa zevangeli emazweni lapho kuye kwadingeka bajwayelane nolimi namasiko amasha akhona. Abanye baye bathuthela ezindaweni ezinesidingo esikhudlwana sabamemezeli boMbuso emazweni akubo. Abanye futhi baye bafunda olunye ulimi, bavula amathuba okushumayela kubantu abayizifiki endaweni yakubo. Ngokwesibonelo, ngemva kokukhulisa izingane ezimbili esezikhonza endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova, omunye umbhangqwana waseNew Jersey, e-U.S.A., waqala ukuphayona futhi wafunda ulimi lwesiShayina. Phakathi neminyaka emithathu, waqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-74 nabantu abakhuluma isiShayina ababefunda ekolishi eliseduze. Ingabe wena ungakwazi ukwandisa inkonzo yakho ngandlela-thile ukuze uthole injabulo eyengeziwe emsebenzini wokwenza abafundi?

13. Yini ongayenza uma ungathanda ukuba inkonzo yakho ithele kakhudlwana?

13 Mhlawumbe ulangazelela ukuqhuba isifundo seBhayibheli kodwa awukakwazi ukukwenza lokho. Kwamanye amazwe kunzima ukuthola abantu abanesithakazelo. Mhlawumbe abantu ohlangana nabo abanasithakazelo eBhayibhelini. Uma kunjalo, mhlawumbe ungavama kakhudlwana ukukhuluma ngesifiso sakho emthandazweni, wazi ukuthi uJehova noJesu Kristu bobabili banesithazelo esikhulu kulo msebenzi futhi bangakuqondisa kumuntu onjengemvu. Funa ukusikisela kulabo abanokuhlangenwe nakho kakhudlwana noma abanenkonzo ethela kakhudlwana ebandleni lenu. Sebenzisa ukuqeqeshwa nokusikisela okunikezwa emihlanganweni yobuKristu. Zuza eselulekweni sababonisi abajikelezayo nomkabo. Ngaphezu kwakho konke, ungayeki ukuzama. Indoda ehlakaniphile yabhala: “Hlwanyela imbewu yakho kusasa, ungaphumuzi isandla sakho nakusihlwa, ngokuba awazi ukuthi yiyiphi eyakuphumelela.” (UmShumayeli 11:6) Njengoba uhlwanyela, khumbula amadoda athembekile anjengoNowa noJeremiya. Nakuba baba mbalwa kakhulu abantu abasabela kahle kulokho ababekushumayela, inkonzo yabo yaphumelela. Ngaphezu kwakho konke, yamjabulisa uJehova.

Ukwenza Konke Ongakwenza

14. UJehova ubabheka kanjani labo abaye bagugela enkonzweni yakhe?

14 Kungenzeka ukuthi izimo zakho azikuvumeli ukuba wenze okuningi ngendlela ongathanda ngayo enkonzweni. Ngokwesibonelo, ukuguga kungase kukulinganisele kulokho ongakwenza enkonzweni kaJehova. Noma kunjalo, khumbula lokho okwabhalwa yindoda ehlakaniphile: “Ubumpunga bungumqhele wobuhle lapho butholakala endleleni yokulunga.” (IzAga 16:31, NW) UJehova uyakujabulela ukuphila okusetshenziswe enkonzweni yakhe. Ngaphezu kwalokho, imiBhalo ithi: “Noze niguge, [mina Jehova] nginguye, yebo, noze nibe yizimpunga, ngiyakunithwala; ngikwenzile lokhu, futhi ngiyakunetshatha, yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.” (Isaya 46:4) UBaba wethu osezulwini onothando uthembisa ukubasekela abantu bakhe abaqotho.

15. Uyakholwa yini ukuthi uJehova uyaziqonda izimo zakho? Ngani?

15 Mhlawumbe ubhekene nokugula, ukuphikiswa umngane womshado ongakholwa, imithwalo yomkhaya esindayo, noma enye inkinga enzima. UJehova uyakuqaphela ukulinganiselwa nezimo zethu, futhi uyasithanda ngenxa yemizamo yethu eqotho yokumkhonza. Lokho kunjalo nakuba lokho esikwenzayo kungase kube kuncane kunokwabanye. (Galathiya 6:4) UJehova uyazi ukuthi asiphelele, futhi akalindeli okungaphezu kwalokho esingakwenza. (IHubo 147:11) Uma senza konke esingakwenza, singaqiniseka ukuthi siyigugu emehlweni kaNkulunkulu nokuthi ngeke azikhohlwe izenzo zethu zokholo.—Luka 21:1-4.

16. Ibandla lonke lihlanganyela kanjani ekwenzeni umfundi?

16 Khumbula futhi ukuthi umsebenzi wokwenza abafundi ungumsebenzi weqembu. Akukho muntu owenza umfundi eyedwa, njengoba nje neconsi lamanzi lingasondli isitshalo. Yiqiniso, uFakazi othile angase amthole umuntu onesithakazelo futhi amqhubele isifundo seBhayibheli. Kodwa lowo osanda kuthakazela uthi angafika eHholo LoMbuso, asizwe yilo lonke ibandla ukuba abone iqiniso. Ukufudumala kobuzalwane kubonisa ukusebenza komoya kaNkulunkulu. (1 Korinte 14:24, 25) Izingane kanye nentsha baphendula ngamazwi ashukumisayo, benze osanda kuthakazela abone ukuthi intsha yethu ihlukile kweyezwe. Abagulayo, ababuthaka nasebegugile ebandleni bafundisa abasanda kuthakazela ukuthi ukukhuthazela kuhilelani. Kungakhathaliseki ubudala noma ukulinganiselwa esinako, sonke sifeza indima ebalulekile ekusizeni abasanda kuthakazela njengoba uthando lwabo ngeqiniso leBhayibheli lujula futhi bethuthukela obhapathizweni. Ihora ngalinye esilisebenza enkonzweni, impindelo ngayinye, ingxoxo ngayinye nomuntu onesithakazelo eHholo LoMbuso, kungase kubonakale kungabalulekile uma kukodwa, kodwa kuyingxenye yomsebenzi omkhulu uJehova awufezayo.

17, 18. (a) Ngaphezu kokuhlanganyela emsebenzini wokwenza abafundi, singahlanganyela kanjani enjabulweni yokupha? (b) Ngokuhlanganyela enjabulweni yokupha, silingisa bani?

17 Yebo, ngaphezu kokuhlanganyela emsebenzini obalulekile wokwenza abafundi, njengamaKristu sihlanganyela nasenjabulweni yokupha nangezinye izindlela. Singabekela eceleni izimali zokunikela ukuze sisekele ukukhulekela okumsulwa futhi sisize abaswele. (Luka 16:9; 1 Korinte 16:1, 2) Singafuna amathuba okubonisa abanye umoya wokungenisa izihambi. (Roma 12:13) Singalwela ‘ukusebenza okuhle kubo bonke, ikakhulukazi kulabo abahlobene nathi okholweni.’ (Galathiya 6:10) Futhi singapha abanye ngezindlela ezilula kodwa ezibalulekile—ngokubhala incwadi, ngokushaya ucingo, ngesipho, ngokufaka isandla kokuthile nangokukhuthaza ngamazwi.

18 Ngokupha, sibonisa ukuthi silingisa uBaba wethu osezulwini. Sibonisa nothando lwethu lobuzalwane, uphawu olubonakalisa amaKristu eqiniso. (Johane 13:35) Ukukhumbula lezi zinto kungasisiza sihlanganyele enjabulweni yokupha.

Ungachaza?

• UJehova noJesu baye basibeka kanjani isibonelo ekupheni ngokomoya?

• Singabakha kanjani abangane abahlala njalo?

• Yiziphi izinyathelo esingase sizithathe ukuze senze inkonzo yethu iphumelele kakhudlwana?

• Bangahlanganyela kanjani bonke ebandleni enjabulweni yokupha?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 13]

Abazali bathola injabulo enkulu nokwaneliseka lapho izingane zisabela ekuqeqeshweni

[Isithombe ekhasini 15]

Ngokwenza abafundi, singakha abangane bangempela

[Isithombe ekhasini 16]

UJehova uyasithwala lapho sesigugile

[Izithombe ekhasini 17]

Ngezindlela ezilula kodwa ezibalulekile, sithola injabulo ekupheni