Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukunikeza Umyalezo Wenduduzo E-Italy

Ukunikeza Umyalezo Wenduduzo E-Italy

Siwuhlobo Olunokholo

Ukunikeza Umyalezo Wenduduzo E-Italy

UJEHOVA ‘unguNkulunkulu wenduduzo yonke.’ Ngokufunda ukumlingisa, izinceku zakhe ‘ziyakwazi ukududuza labo abakunoma iluphi uhlobo losizi.’ (2 Korinte 1:3, 4; Efesu 5:1) Lena ngenye yezinjongo eziyinhloko zomsebenzi wokushumayela owenziwa oFakazi BakaJehova.

Ukusiza Owesifazane Owayedinga Usizo

Eminyakeni yamuva ngokukhethekile, ubumpofu, impi nesifiso sokuthola ukuphila okungcono kuye kwenza abaningi bathuthela emazweni ami kahle. Kodwa akulula ukujwayela indawo entsha. UManjola wayehlala eBorgomanero nabantu bakubo base-Albania. Njengoba ayese-Italy ngokungemthetho, wayengabaza ukuxoxa noWanda, ongomunye woFakazi BakaJehova. Nokho, ekugcineni uWanda wahlela ukubonana noManjola, owasheshe wabonisa isithakazelo esikhulu ngokushesha sokutadisha iZwi likaNkulunkulu, nakuba inkinga yolimi yayikwenza kube nzima. Nokho, ngemva kokufika izikhathi ezimbalwa, uWanda akazange esathola muntu ekhaya. Kwase kwenzekeni? UWanda wathola ukuthi bonke abantu abebehlala kulowo muzi babebalekile ngoba omunye wabo—isoka likaManjola—wayefunelwa icala lokubulala!

Ngemva kwezinyanga ezine, uWanda waphinde wahlangana noManjola. “Njengoba ayesephaphathekile futhi ondile, wayebukeka njengomuntu owayebhekene nesikhathi esinzima ngempela,” kukhumbula uWanda. UManjola wachaza ukuthi isoka lakhe lalisejele futhi abangane ayefune usizo kubo babemdumaze kabi. Engasenathemba, wayethandaze kuNkulunkulu ecela usizo. Wabe esekhumbula uWanda, owayekhulume ngeBhayibheli. Wayengeve ejabula uManjola ngokuphinde ambone!

Isifundo seBhayibheli saphinde saqalwa, futhi ngokushesha uManjola waqala ukuba khona emihlanganweni yobuKristu. Waphumelela ukuthola imvume engokomthetho yokuhlala e-Italy. Ngemva konyaka, uManjola waba uFakazi obhapathiziwe. Eduduzwe yizithembiso zaphezulu, uye waphindela e-Albania ukuze ayohlanganyela umyalezo weBhayibheli oduduzayo nabantu basezweni lakubo.

Ukushumayela Ekamu Lezifiki

Amabandla amaningi ase-Italy aye enza amalungiselelo okufakaza ezifikini ezinjengoManjola. Ngokwesibonelo, ibandla eliseFlorence lenza amalungiselelo okuvakashela njalo ekamu lezifiki. Abahlali bakuleli kamu—abaningi babo abavela eMpumalanga Yurophu, eMacedonia naseKosovo—babebhekana nezinkinga ezihlukahlukene. Abanye babenezinkinga zezidakamizwa noma utshwala. Abanye babeziphilisa ngokweba izinto ezincane.

Ukushumayela kulo mphakathi kwakuyinselele. Nokho, umshumayeli wevangeli wesikhathi esigcwele okuthiwa uPaola wagcina ethintene noJaklina, intokazi yaseMacedonia. Ngemva kokuxoxa izikhathi ezimbalwa, uJaklina wakhuthaza umngane wakhe uSusanna ukuba ake ahlole iBhayibheli. USusanna naye wakhuluma nezinye izihlobo. Ngokushesha, kwase kunabahlanu kulowo mndeni ababetadisha iBhayibheli njalo, beya emihlanganweni yobuKristu, futhi besebenzisa abakufundayo. Naphezu kwezinkinga abanazo, bathola induduzo kuJehova naseZwini lakhe.

Indela Ithola Induduzo KuJehova

Edolobheni laseFormia, umshumayeli wevangeli wesikhathi esigcwele okuthiwa u-Assunta waxoxa nowesifazane owayehamba kanzima. Lona wesifazane wayeyindela yenkolo esiza abagulayo ezibhedlela nasemizini yabo.

U-Assunta wathi kule ndela: “Nawe uyahlupheka, angithi? Kuyadabukisa ukuthi sonke sinezinkinga okufanele sibhekane nazo.” Le ndela yavela yakhihla isililo yayisichaza ukuthi yayinezinkinga ezinkulu zempilo. U-Assunta wayikhuthaza, wathi uNkulunkulu weBhayibheli angayiduduza. Le ndela yathatha omagazini abasekelwe eBhayibhelini eyababoniswa ngu-Assunta.

Lapho bephinda bexoxa, le ndela, egama layo linguPalmira, yavuma ukuthi yayihlupheka kakhulu. Yayihlale isikhathi eside endaweni enakekelwa izindela. Lapho kudingeka ihambe okwesikhashana ngenxa yempilo, yenqatshelwa ukubuya. Nokho, uPalmira wazizwa enesibopho kuNkulunkulu ngenxa yezifungo ayezenzile eseyindela. Wayeye kubathandazi ukuze “elapheke” kodwa kwamcindezela kakhulu okwenzeka. UPalmira wavuma ukutadisha iBhayibheli, futhi waba khona emihlanganweni yobuKristu isikhathi esiwunyaka. Wabe esethuthela kwenye indawo, futhi badukelana noFakazi owayemfundela. Kwadlula iminyaka emibili ngaphambi kokuba u-Assunta aphinde amthole. UPalmira waphikiswa kakhulu umndeni wakubo nabefundisi. Nokho, waphinda wasiqala isifundo sakhe seBhayibheli, wathuthuka ngokomoya, futhi wabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova.

Yebo, abaningi bakhuthazwa isigijimi ‘sikaNkulunkulu onika induduzo.’ (Roma 15:4, 5) Ngakho, oFakazi BakaJehova base-Italy bazimisele ukuqhubeka belingisa uNkulunkulu ngokunika abanye lesi sigijimi esihle kakhulu senduduzo.