AMAZWE NABANTU
Ukuvakashela EKazakhstan
AMAKAZAKH angabantu ababengahlali endaweni eyodwa isikhathi eside. Ngisho nanamuhla, abanye abelusi abangamaKazakh bavame ukushintsha indawo bebheka amadlelo, kuye ngesikhathi sonyaka. Ehlobo baba semadlelweni asezindaweni eziphakeme, ezipholile. Ebusika livame ukukhithika, ngakho lapho sekuzongena ubusika, abelusi bayehla nemfuyo yabo, baye emadlelweni aphansi, afudumele.
Abanye abantu abangamaKazakh bahlala emadolobheni athuthukile. Noma kunjalo, amasiko abo amaningi, ukudla, nemisebenzi yezandla abayenzayo, kusabonisa indlela okhokho babo ababephila ngayo. AmaKazakh anezinkondlo eziningi, amaculo, kanye nezingoma ezidlalwa ngezinsimbi zomculo zakhona.
I-yurt iyindlu efana netende, esetshenziswa abantu abangahlali endaweni eyodwa isikhathi eside. Abaningi bayibheka njengophawu
olubonisa ukuthi abantu bayakwazi ukuhlala bengayiphazamisi imvelo. Abelusi basakuthanda ukuhlala kuma-yurt kanti namaKazakh ahlala emadolobheni ayawasebenzisa ama-yurt uma enemicimbi. Ama-yurt aphinde abe izindlu ezikahle zokuhlalisa izivakashi ezivela kwezinye izindawo. Ingaphakathi lalezi zindlu ngezinye izikhathi livame ukuhlotshiswa ngemisebenzi yezandla yabesifazane abangamaKazakh, eveza amakhono abo okuhlobisa nokweluka izindwangu, kanye nokwenza okhaphethi.Ingaphakathi le-yurt
Imindeni yamaKazakh ehlala emaphandleni iyawathanda amahhashi ayo. Ulimi lwesiKazakh lunamagama angu-21 noma ngaphezulu, achaza amahhashi ngokwehluka kwawo, kanye namagama angaphezu kwangu-30 achaza imibala ehlukahlukene yezikhumba zamahhashi. Uma uphiwe ihhashi elihle usuke uphiwe isipho esiyigugu nesibizayo. Emaphandleni, abafana bafunda ukugibela amahhashi besebancane kakhulu.
Ukudla komdabu kwaseKazakh kuhlale kunenyama, futhi ngokuvamile akufakwa izithako eziningi. Ezinye zeziphuzo amaKazakh azithanda kakhulu i-koumiss ne-shubat. I-koumiss yenziwa ngobisi lwehhashi futhi kuthiwa iyisiphuzo esinempilo. I-shubat yona yenziwa ngobisi lwekameli, kanti bayithanda imuncu.
Ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova elise-Almaty lihlale likulungele ukwamukela izivakashi nokuzibonisa indawo yalo.
Ingwe ehlala ezindaweni ezineqhwa ethanda ukucasha, ivame ukuhlala ezintabeni eziphakeme zaseKazakhstan ehlobo