Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ithafa Lase-Elahi

UDavide NoGoliyathi​—Ingabe Kwenzeka Ngempela?

UDavide NoGoliyathi​—Ingabe Kwenzeka Ngempela?

Abanye abantu bayazibuza ukuthi indaba kaDavide noGoliyathi iyiqiniso yini noma imane iyinganekwane nje. Ingabe nawe ufikelwe ukungabaza okunjalo njengoba bewufunda isihloko esandulele? Uma kunjalo, cabanga ngale mibuzo emithathu elandelayo.

1 | Kungenzeka yini indoda ibe amamitha angu-2,9 ubude?

IBhayibheli lithi ubude bukaGoliyathi ‘babuyizingalo eziyisithupha nobubanzi besandla.’ (1 Samuweli 17:4) Isilinganiso sengalo okukhulunywa ngayo lapha singamasentimitha angu-44,5; kanti ububanzi besandla bungamasentimitha angu-22,2 ubude. Uma kuhlanganiswa kukhipha amamitha angaba ngu-2,9. Abanye bathi akunakwenzeka ukuthi uGoliyathi wayemude kangako, kodwa cabanga ngalokhu: Esikhathini sethu, amarekhodi abonisa ukuthi umuntu omude kunabo bonke wayengamamitha angaphezu kwangu-2,7. Ingabe akunakwenzeka ngempela ukuthi uGoliyathi wayemude ngamasentimitha angaba ngu-20 kunalo muntu? Wayengowesizwe samaRefa, esasinamadoda ayaziwa ngokuba makhulu ngokungavamile. Incwadi ethile yaseGibhithe yangekhulu le-13 B.C.E. iyakhuluma ngamadoda empi esabekayo ayengamamitha angaphezu kwangu-2,4 ubude, esifundeni saseKhanani. Ngakho nakuba ubude bukaGoliyathi babungavamile, babuyinto engenzeka.

2 | Ingabe uDavide wayengumuntu wangempela?

Kunesikhathi lapho izazi zazizama ukuveza indaba yeNkosi uDavide njengeyinganekwane nje, kodwa sekunzima ukukwenza lokho. Abavukubuli baye bathola umbhalo oqoshiwe wasendulo okhuluma “ngendlu kaDavide.” Ngaphezu kwalokho, uJesu Kristu wakhuluma ngoDavide njengomuntu wangempela. (Mathewu 12:3; 22:43-45) Kukhona nezinhlu zozalo ezimbili eziningiliziwe eziveza ubufakazi bokuthi uJesu unguMesiya nokuthi uvela ozalweni lweNkosi uDavide. (Mathewu 1:6-16; Luka 3:23-31) Ngokusobala, uDavide wayengumuntu wangempela.

3 | Ingabe izenzakalo ezichazwe kule ndaba zenzeka endaweni engokoqobo?

IBhayibheli lithi impi yenzeka ethafeni eliphansi lase-Elahi. Ukuze licacise ngokwengeziwe, linezela nangokuthi amaFilisti ayekanise egqumeni phakathi namadolobha amabili, iSoko ne-Azeka. Ama-Israyeli ayekanise egqumeni ngaphesheya kwethafa. Ingabe kwakuyizindawo ezingokoqobo lezi?

Phawula okushiwo othile osanda kuvakasha kule ndawo: “Indoda eyayisibonisa indawo—​nakuba yayingelona ikholwa—yasiyisa ethafeni lase-Elahi. Sanyuka ngendlela eyasiyisa onqenqemeni lwentaba. Njengoba sibuka ngale kwethafa, yathi masifunde eyoku-1 Samuweli 17:1-3. Yabe isikhomba ngale kwethafa, yathi: ‘Laphaya, ngakwesobunxele, kunamanxiwa aseSoko.’ Iphenduka, yaphinde yathi, ‘Laphaya, kwesokudla, kunamanxiwa ase-Azeka. AmaFilisti ayekanise ndawana-thile phakathi kwala madolobha emagqumeni abheke ngakini. Ngakho, kungenzeka ukuthi simi lapho kwakukanise khona ama-Israyeli.’ Ngacabanga ngoSawule noDavide bemi khona kanye kule ndawo engangimi kuyo. Sabe sesehla, lapho sesifike ethafeni, sawela emfuleni onengxenye eningi eyomile, egcwele amatshe. Ngavele ngambona ngeso lengqondo uDavide egoba ecosha amatshe amahlanu abushelelezi, elilodwa lawo elabulala uGoliyathi.” Njengezivakashi eziningi, leso sivakashi sahlabeka umxhwele ngokuzwa imininingwane enembile eseBhayibhelini.

Asikho isisekelo sokungabaza ukwethembeka kwalo mlando. Unabantu bangempela nezindawo ezingokoqobo. Okubaluleke nakakhulu ukuthi uyingxenye yeZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe, ngakho uvela kuNkulunkulu weqiniso, Lowo “ongenakuqamba amanga.”​—Thithu 1:2; 2 Thimothewu 3:16.