IsiZulu
UNkulunkulu Uzizwa Kanjani Lapho Ekubona Usosizini?
https://cms-imgp.jw-cdn.org/img/p/2018173/univ/art/2018173_univ_sqr_xl.jpg
wp18 No. 3 k. 16

UNkulunkulu Uzizwa Kanjani Lapho Ekubona Usosizini?

UNkulunkulu Uzizwa Kanjani Lapho Ekubona Usosizini?

Abanye abantu bacabanga ukuthi uNkulunkulu akaluboni usizi ababhekene nalo futhi akanandaba.

CABANGA NGALOKHO OKUSHIWO IBHAYIBHELI

  • UNkulunkulu uyabona futhi unendaba

    “UJehova wabona ukuthi ububi bomuntu babudlangile emhlabeni . . . , futhi wezwa ubuhlungu enhliziyweni yakhe.”—Genesise 6:5, 6.

  • UNkulunkulu uzoluqeda lonke usizi esibhekana nalo

    “Sekuyisikhashana nje, omubi abe engasekho; Ngokuqinisekile uyoyibheka indawo yakhe, futhi uyobe engekho. Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.” —IHubo 37:10, 11.

  • Lokho uNkulunkulu azokwenzela kona

    “‘Ngiyazi kahle imicabango engiyicabangayo ngani,’ kusho uJehova, ‘yimicabango yokuthula, hhayi eyenhlekelele, ukuba ngininike ikusasa nethemba. Ngokuqinisekile niyongibiza futhi nize nithandaze kimi, futhi ngiyonilalela.’” —Jeremiya 29:11, 12.

    “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.”—Jakobe 4:8.