IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA
Ngafunda Ukuzihlonipha Nokuhlonipha Abesifazane
-
UNYAKA AZALWA NGAWO: 1960
-
IZWE AZALELWA KULO: EFRANCE
-
UMLANDO: WAYENGUMLUTHA WEZIDAKAMIZWA, ENOBUDLOVA, ENGABAHLONIPHI ABESIFAZANE
UKUPHILA KWAMI:
Ngazalelwa eMulhouse, enyakatho-mpumalanga yeFrance, edolobheni elaziwa ngobudlova. Ngesikhathi ngikhula, imindeni eminingi yayilwa endaweni esasihlala kuyo. Emndenini wakithi, abesifazane babebukelwa phansi futhi kwakwethukela abesilisa becela uvo lwabo. Ngafundiswa ukuthi indawo yomuntu wesifazane isekhishini, nokunakekela indoda nabantwana.
Ngakhula kanzima. Ubaba washona lapho ngineminyaka eyishumi ngenxa yokuba umlutha wotshwala. Eminyakeni emihlanu kamuva, omunye umfowethu omdala wazibulala. Ngawo lowo nyaka, ngesikhathi kuliwa ekhaya, ngabona ilungu lomndeni libulawa, futhi ngashaqeka kakhulu. Amalungu omndeni angifundisa ukusebenzisa imimese nezibhamu nokulwa noma nini lapho kudingeka. Ngiphazamisekile, ngaqala ukudweba umzimba nokuphuza.
Lapho ngineminyaka engu-16, ngangiphuza amabhodlela obhiya ayishumi kuya kwangu-15 ngosuku, futhi kungakabiphi ngaqala ukusebenzisa izidakamizwa. Ukuze ngikwazi ukuthenga lezo zinto ngangithengisa izinsimbi ezilahliwe futhi ngaba isela. Lapho ngineminyaka engu-17 ngase ngike ngaboshwa. Ngaboshwa izikhathi ezingu-18 ngenxa yokweba nobudlova.
Lapho ngisanda kweva eminyakeni engu-20, isimo sami saba sibi nakakhulu. Ngangibhema amagqosha ensangu angu-20 ngosuku, ngibhema ne-heroin kanye nezinye izinto ezingekho emthethweni. Izikhathi eziningana, ngacishe ngafa ngenxa yokweqisa ekusebenziseni izidakamizwa. Ngaqala ukudayisa izidakamizwa okwakubangela ukuba ngihlale ngiphethe imimese nezibhamu. Ngesinye isikhathi, ngazama ukudubula umuntu, kodwa inhlamvu yavinjwa insimbi yebhande lakhe! Lapho ngineminyaka engu-24, umama washona futhi ngaba nolaka nakakhulu. Bethukile, abantu babebaleka beqe imigwaqo lapho bengibona. Ngenxa yezimpi, ngangivame ukuchitha izimpelasonto esiteshini samaphoyisa noma esibhedlela ngitishwa amanxeba.
Lapho ngineminyaka engu-28, ngashada. Njengoba ungase ulindele, angizange ngimphathe ngenhlonipho umkami. Ngangimthuka futhi ngimshaya. Akukho lutho esasilwenza sobabili. Ngangicabanga ukuthi kwanele ukumnika ubucwebe obebiwe. Kwabe sekwenzeka into engalindelekile. Umkami waqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ngemva kokufunda okokuqala, wayeka ukubhema, wenqaba ukwamukela imali eyebiwe futhi wabuyisa ubucwebe engangimnike bona. Ngathukuthela kakhulu. Ngamelana nokufunda kwakhe
iBhayibheli futhi ngangiphafuza intuthu kagwayi ebusweni bakhe. Ngangiphinde ngihlekise ngaye emphakathini.Ngobunye ubusuku, ngidakiwe, ngashisa indlu esasihlala kuyo. Umkami wasindisa mina nendodakazi yethu eneminyaka emihlanu kulawo malangabi. Lapho utshwala buphela emzimbeni, ngashaywa unembeza. Ekujuleni kwenhliziyo, ngaba nomuzwa wokuthi uNkulunkulu akasoze angithethelela. Ngakhumbula lokho okwashiwo umfundisi, ethi ababi baya esihogweni. Ngisho nodokotela wami wengqondo wathi kimi: “Kuphelile ngawe! Ayikho into engakusiza.”
INDLELA IBHAYIBHELI ELASHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:
Ngemva kokushisa indlu, sahlala nabazali bomkami. Lapho oFakazi bevakashela umkami, ngababuza, “UNkulunkulu angazithethelela yini zonke izono zami?” Bangibonisa eyoku-1 Korinte 6:9-11 eBhayibhelini. Lowo mBhalo unohlu lohlobo lokuziphatha okulahlwa uNkulunkulu, kodwa uyenezela: “Yilokho abanye kini ababeyikho.” Lawo mazwi angiqinisekisa ngokuthi ngingakwazi ukushintsha. OFakazi bangiqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu uyangithanda ngokungibonisa eyoku-1 Johane 4:8. Ngikhuthazekile, ngacela ukuba oFakazi bangifundele iBhayibheli kabili ngesonto futhi ngaqala ukuya emihlanganweni yabo yobuKristu. Ngangithandaza njalo kuJehova.
Ingakapheli nenyanga, nganquma ukuyeka ukusebenzisa kabi izidakamizwa notshwala. Ngokushesha ngezwa sengathi kunempi eqhubekayo emzimbeni wami! Ngangiphupha kabi ebusuku, ngiphathwa ikhanda namajaqamba ngiphinde ngihlushwe ezinye izinto ezibangelwa ukuyeka ukusebenzisa izidakamizwa. Nokho, ngesikhathi esifanayo ngezwa ukuthi uJehova ungibambe ngesandla futhi uyangiqinisa. Ngazizwa njengomphostoli uPawulu. Ngokuphathelene nosizo aluthola kuNkulunkulu, uPawulu wabhala: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.” (Filipi 4:13) Ngokuhamba kwesikhathi ngakwazi ukuyeka ukubhema ugwayi.—2 Korinte 7:1.
Ngaphandle kokungisiza ngilawule ukuphila kwami, iBhayibheli lathuthukisa nokuphila komndeni wami. Indlela engibheka ngayo umkami yashintsha. Ngaqala ukumhlonipha futhi ngasebenzisa igama elithi, “ngiyacela” nelithi, “ngiyabonga.” Ngaqala nokuba ubaba wangempela endodakazini yethu. Ngemva konyaka ngifunda iBhayibheli, nganikezela ukuphila kwami kuJehova futhi ngabhapathizwa, ngilandela isibonelo somkami.
INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO:
Ngiyaqiniseka ukuthi imithetho yeBhayibheli yasindisa ukuphila kwami. Ngisho namalungu omndeni wakithi angebona oFakazi ayaqaphela ukuthi ngabe ngafa kudala, ngibulawa izidakamizwa noma othile engilwa naye.
Izimfundiso zeBhayibheli ezibonisa izibopho zami njengobaba nomyeni zakushintsha ngokuphelele ukuphila komndeni wami. (Efesu 5:25; 6:4) Saqala ukwenza izinto ndawonye njengomndeni. Manje, kunokuvalela umkami ekhishini ngijabulela ukumsekela njengoba engumshumayeli wesikhathi esigcwele. Naye uyakujabulela ukungisekela njengoba ngikhonza njengomdala ebandleni.
Uthando nomusa kaJehova uNkulunkulu kuye kwakuthinta ngokujulile ukuphila kwami. Nginesifiso esijulile sokukhuluma ngezimfanelo zaKhe kubantu ababonakala bengenakusizakala, njengoba nami abaningi babengibheka kanjalo. Ngiyazi ukuthi iBhayibheli linamandla okusiza noma ubani ukuba aphile ukuphila okuhlanzekile nokunenjongo. IBhayibheli aligcinanga nje ngokungifundisa ukuhlonipha abanye, kokubili abesilisa nabesifazane, kodwa liye langisiza ukuba nami ngizihloniphe.