Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lapho Uphethwe Isifo Esibi

Lapho Uphethwe Isifo Esibi

“Lapho ngithola ukuthi nginomdlavuza ephashini nasethunjini, ngazitshela ukuthi ngizofa. Kodwa lapho ngifika ekhaya ngacabanga, ‘Akukhona lokho ebengikulindele, kodwa kuzomelwe ngithole indlela yokubhekana nakho.’”—ULinda, oneminyaka engu-71.

“Nginesifo esibuhlungu esihlasela izinzwa ezisohlangothini lwesinxele ebusweni bami. Ngezinye izikhathi izinhlungu zingibangela ukucindezeleka okukhulu. Izikhathi eziningi ngangibona sengathi akekho onginakile, ngaze ngacabanga nokuzibulala.”—U-Elise, oneminyaka engu-49.

UMA nawe uphethwe isifo esibi noma siphethe umuntu omthandayo, uyazi ukuthi kuyisimo esicindezela kangakanani. Ngaphezu kokubhekana nesifo, kudingeka ubhekane nemizwa okunzima ukuyilawula. Ungase wesabe futhi ukhathazeke nakakhulu lapho kufanele ubonane nodokotela, lapho kunzima ukuthola noma ukukhokhela ukwelashwa nalapho ukulashwa kukugulisa. Ukukhathazeka nobuhlungu obuhambisana nokuphathwa isifo esibi kungaqeda amandla.

Singalutholaphi usizo? Abaningi baye bathola ukuthi ukuthandaza kuNkulunkulu nokufunda izingxenye zeBhayibheli ezikhuthazayo kuye kwabaduduza kakhulu. Olunye usizo singaluthola emndenini nakubangane abasithandayo.

OKUYE KWASIZA ABANYE

Nasi iseluleko esivela kuRobert, oneminyaka engu-58: “Yiba nokholo kuNkulunkulu, yena uzokusiza ukwazi ukubhekana nokugula kwakho. Thandaza kuJehova. Mtshele indlela ozizwa ngayo. Mcele akuphe umoya ongcwele. Mcele akuphe amandla ukuze ukwazi ukubambisana nomndeni wakho, futhi ukwazi ukubekezelela ukugula.”

Uqhubeka athi: “Kuyasiza ukuba nomndeni okusekelayo. Usuku ngalunye ngithola ucingo oluvela kothile ofisa ukwazi ukuthi nginjani. Ngithola izikhuthazo nakubangane abasezindaweni ezihlukahlukene. Konke lokhu kungenza ngizizwe ngingcono, kunginike amandla okuqhubeka ngiphila.”

Phawula lokhu okushiwo uLinda, okungakusiza nawe lapho uvakashela umuntu ogulayo: “Ogulayo usuke efisa ukuphila ngendlela evamile, ngakho angase angathandi ukukhuluma ngokugula kwakhe ngaso sonke isikhathi. Kungakuhle ukuxoxa ngezinto ebenivame ukuxoxa ngazo.”

Amandla avela kuNkulunkulu, induduzo evela eBhayibhelini kanye nosizo lomndeni nabangane, kungasisiza siqiniseke ngokuthi zikhona izizathu zokuqhubeka siphila, ngisho nalapho siphethwe isifo esibi.