Lithini IBhayibheli?
Kwenzekani lapho sifa?
ABANYE ABANTU BAKHOLELWA ukuthi siyaqhubeka siphila sikwesinye isimo, kanti abanye bakholelwa ukuthi lapho sifa konke kuyaphela. Yini oyikholelwayo?
LOKHO OKUSHIWO IBHAYIBHELI
“Abafileyo bona abazi lutho.” (UmShumayeli 9:5) Lapho sifa, asibe sisaba khona.
OKUNYE ESIKUFUNDA EBHAYIBHELINI
Indoda yokuqala u-Adamu, yabuyela othulini lapho ifa. (Genesise 2:7; 3:19) Ngokufanayo, bonke abafayo babuyela othulini.—UmShumayeli 3:19, 20.
Abantu abafayo bathethelelwa zonke izono zabo. (Roma 6:7) Lapho umuntu efa akashushiswa kwenye indawo ngenxa yezono zakhe.
Ingabe abafileyo bangaphinde baphile?
UBUNGATHINI?
Yebo
Cha
Mhlawumbe
LOKHO OKUSHIWO IBHAYIBHELI
“Kuyoba khona uvuko.” —IzEnzo 24:15.
YINI ENYE ESINGAYIFUNDA EBHAYIBHELINI?
Ngokuvamile iBhayibheli lifanisa ukufa nokulala. (Johane 11:11-14) UNkulunkulu angamvusa umuntu ofile, njengoba nje nathi singavusa umuntu olele.—Jobe 14:13-15.
IBhayibheli lilandisa ngabantu abaningana abavuswa, ngaleyo ndlela lisinika isisekelo esiqinile sokukholelwa ukuthi abafileyo bayovuswa.—1 AmaKhosi 17:17-24; Luka 7:11-17; Johane 11:39-44.