Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 40

INGOMA 30 UBaba, UNkulunkulu Wami, NoMngane

UJehova “Upholisa Izinhliziyo Eziphukile”

UJehova “Upholisa Izinhliziyo Eziphukile”

“Upholisa izinhliziyo eziphukile; abophe amanxeba abo.”IHU. 147:3.

AMAPHUZU ABALULEKILE

UJehova ubakhathalela kakhulu labo abahlukumezekile ngokomzwelo. Lesi sihloko sizosibonisa indlela asiduduza ngayo nasisiza ngayo ukuba siduduze abanye.

1. UJehova uzizwa kanjani ngezinceku zakhe?

 YINI uJehova ayibonayo lapho ebuka izinceku zakhe ezisemhlabeni? Uyasibona lapho sijabule nalapho sisosizini. (IHu. 37:18) Ujabula kakhulu lapho esibona senza konke okusemandleni ukuze simkhonze naphezu kokubhekana nobuhlungu ngokomzwelo! Ngaphezu kwalokho, uyakulangazelela ukusisiza nokusiduduza.

2. Yini uJehova ayenzela labo abanezinhliziyo eziphukile, futhi yini esingayenza ukuze sizuze lapho esinakekela?

2 IHubo 147:3 lithi uJehova ‘ubopha amanxeba’ alabo abanezinhliziyo eziphukile. Leli vesi lichaza indlela uJehova abanakekela ngayo ngothando labo abalimele ngokomzwelo. Yini okumele siyenze ukuze sizuze lapho uJehova esinakekela? Cabanga ngalesi sibonelo. Udokotela onesipiliyoni unendima ayidlalayo ekusizeni umuntu olimele ukuba aphole. Kodwa ukuze umuntu olimele asizakale, kumele azilandele ngokucophelela iziqondiso zikadokotela. Kulesi sihloko, sizobona lokho uJehova akushoyo eZwini lakhe kulabo abahlukumezekile ngokomzwelo, sibone nokuthi singasisebenzisa kanjani iseluleko sakhe esinothando.

UJEHOVA USIQINISEKISA NGOKUTHI SIBALULEKILE KUYE

3. Kungani abanye bezizwa bengelutho?

3 Siphila ezweni elingenalo uthando futhi ngokudabukisayo abantu abaningi benziwe bazizwa bengelutho. Udade okuthiwa uHelen a uthi: “Ngakhulela emndenini ongenalo uthando. Ubaba wayenodlame futhi nsuku zonke wayengitshela ukuthi angilutho.” Mhlawumbe njengoHelen, uye waphathwa kabi, wagxekwa njalo noma wenziwa wazizwa ungathandeki. Uma kunjalo, ungase ukuthole kunzima ukukholelwa ukuthi ukhona umuntu okuthanda ngempela.

4. NgokweHubo 34:​18, yini uJehova asiqinisekisa ngayo?

4 Ngisho noma abanye beye bakuphatha kabi, ungaqiniseka ngokuthi uJehova uyakuthanda futhi ubalulekile kuye. “Useduze nalabo abaphukile enhliziyweni.” (Funda iHubo 34:18.) Uma uzizwa ‘udangele,’ khumbula ukuthi uJehova wabona izinto ezinhle kuwe futhi wakudonsela kuye. (Joh. 6:44) Uhlale ekulungele ukukusiza ngoba uyigugu kuye.

5. Yini esingayifunda endleleni uJesu ayephatha ngayo labo ababebukelwa phansi?

5 Singafunda ngendlela uJehova azizwa ngayo ngokucabanga ngesibonelo sikaJesu. Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, wayebaqaphela labo ababebukelwa phansi futhi wayebaphatha ngomusa. (Math. 9:​9-12) Lapho owesifazane owayenethemba lokuthi uzolashwa esifweni esibi esasimphethe ethinta ingubo kaJesu, uJesu wamduduza futhi wamncoma ngokholo lwakhe. (Marku 5:​25-34) Wabulingisa ngokuphelele ubuntu bukaBaba wakhe. (Joh. 14:9) Ngakho ungaqiniseka ngokuthi ubalulekile kuJehova futhi uyazibona izimfanelo zakho ezinhle, kuhlanganise nokholo lwakho nendlela omthanda ngayo.

6. Yini umuntu angayenza uma ehlushwa imizwa yokuzizwa engelutho?

6 Yini ongayenza lapho umuzwa wokuzizwa ungelutho ungapheli noma ulokhu ubuya? Funda amavesi eBhayibheli akuqinisekisa ngokuthi ubalulekile kuJehova futhi uzindle ngawo. b (IHu. 94:19) Uma ungakwazanga ukufinyelela umgomo othile noma udikibele ngenxa yokuthi awukwazi ukwenza okulingana nokwenziwa abanye, ungazibheki njengesehluleki. UJehova akalindele ukuba wenze okungaphezu kwamandla akho. (IHu. 103:​13, 14) Uma wahlukunyezwa esikhathini esidlule, ungazibeki icala ngalokho okwenziwa umuntu owakuhlukumeza. Kwakungafanele uphathwe ngaleyo ndlela! Khumbula ukuthi uJehova usola abantu abenza izinto ezimbi, hhayi izisulu. (1 Pet. 3:12) USandra owahlukunyezwa ngesikhathi eseyingane, uthi, “Ngihlale ngicela uJehova angisize ngibe nombono olinganiselayo ngami, ngizibheke ngendlela angibheka ngayo.”

7. Izinto esidlule kuzo zingaba kanjani wusizo enkonzweni kaJehova?

7 Ungalokothi ungabaze ukuthi uJehova angakusebenzisa ukuba usize abanye. Ukunike ilungelo lokuba yisisebenzi esikanye naye emsebenzini wokushumayela. (1 Kor. 3:9) Cishe izinto odlule kuzo zikwenze waba nozwela ngabanye futhi waqonda indlela okungenzeka bazizwa ngayo. Ungaba usizo ngempela kubo. UHelen, okukhulunywe ngaye ekuqaleni waluthola usizo futhi manje usekulungele kangcono ukusiza abanye. Uthi: “UJehova wenze mina muntu ‘ongelutho’ ngazizwa ngithandwa futhi ngiwusizo.” UHelen uyakujabulela ukukhonza njengephayona elivamile.

UJEHOVA UFUNA SIKWAMUKELE UKUTHI UYASITHETHELELA

8. U-Isaya 1:18 usiqinisekisa ngani?

8 Ezinye izinceku zikaJehova zisezwa ubuhlungu obukhulu ngenxa yezinto ezazenza esikhathini esidlule, kungaba ngaphambi kokuba zibhapathizwe noma ngemva kokubhapathizwa. Kodwa senza kahle ngokukhumbula ukuthi uJehova wenza ilungiselelo lesihlengo ngoba esithanda kakhulu. Ngokuqinisekile ufuna sisamukele lesi sipho. UJehova usiqinisekisa ngokuthi ‘sesizilungisile izindaba’ c zethu naye, uzithethelele ngokuphelele izono zethu. (Funda u-Isaya 1:18.) Simbonga kakhulu uJehova ngokuthi akasazikhumbuli izono esazenza esikhathini esidlule! Ngesikhathi esifanayo, akalokothi akukhohlwe okuhle esikwenzile esikhathini esidlule.—IHu. 103:​9, 12; Heb. 6:10.

9. Kungani kufanele senze konke esingakwenza ukuze sigxile esikhathini samanje nasesikhathini esizayo kunokugxila esikhathini esidlule?

9 Uma ukhathazwa yizinto owazenza esikhathini esidlule, yenza konke ongakwenza ukuze ugxile esikhathini samanje nasesikhathini esizayo kunokugxila ezintweni ezenzeka esikhathini esidlule. Cabanga ngesibonelo sikamphostoli uPawulu. Wayezisola ngokuthi wake wawashushisa ngonya amaKristu, kodwa wayazi ukuthi uJehova wayesemthethelele. (1 Thim. 1:​12-15) Ingabe lokho kwamenza walokhu ecabanga ngezono azenza esikhathini esidlule? Akungabazeki ukuthi akakwenzanga lokho, njengoba nje engazange elokhu ecabanga ngezinto azenza lapho esashisekela ubuJuda. (Fil. 3:​4-8, 13-15) Kunalokho, uPawulu waqhubeka eshiseka enkonzweni futhi wabheka phambili esikhathini esizayo. NjengoPawulu, ngeke ukwazi ukukushintsha okwenzeka esikhathini esidlule. Kodwa ungakwazi ukudumisa uJehova kuzo izimo obhekene nazo manje futhi ubheke phambili esikhathini esijabulisayo akuthembise sona.

10. Yini esingayenza uma izinto esizenze esikhathini esidlule zibazwise ubuhlungu abanye?

10 Kungenzeka ukhathazwa yizinto owazenza esikhathini esidlule ezazwisa abanye ubuhlungu. Yini engakusiza? Yenza konke ongakwenza ukuze ulungise umonakalo owenzekile, okuhlanganisa ukuxolisa ngokusuka enhliziyweni. (2 Kor. 7:11) Cela uJehova abasize labo abathintwe yizenzo zakho. Angasiza wena nalabo obazwise ubuhlungu ukuba nikhuthazele futhi niphinde nibe nokuthula.

11. Yini esingayifunda esibonelweni somprofethi uJona? (Bheka nesithombe esisekhasini 1.)

11 Funda emaphutheni owawenza esikhathini esidlule, uvumele uJehova akusebenzise ngendlela afuna ukukusebenzisa ngayo. Cabanga ngesibonelo somprofethi uJona. Kunokuba aye eNineve njengoba uNkulunkulu ayemyalile, wabaleka waya kwenye indawo. UJehova wamyala uJona futhi wafunda ephutheni lakhe. (Jona 1:​1-4, 15-17; 2:​7-10) UJehova akayekanga ukumsebenzisa. Wamnika elinye ithuba lokuba aye eNineve futhi kulokhu uJona walalela ngokushesha. Akazange avumele ukuzisola ngephutha alenza kumenze angasamukeli isabelo esivela kuJehova.—Jona 3:​1-3.

Ngemva kokuba umprofethi uJona esinde esiswini senhlanzi enkulu, uJehova waphinde wamyala ukuba aye eNineve ayomemezela umyalezo waKhe (Bheka isigaba 11)


UJEHOVA USIDUDUZA NGOMOYA ONGCWELE

12. UJehova usinika kanjani ukuthula lapho sehlelwe yinto ebuhlungu noma sishonelwe? (Filipi 4:​6, 7)

12 UJehova usiduduza ngomoya wakhe ongcwele lapho sehlelwe yinto ebuhlungu noma sishonelwe. Cabanga ngalokho okwenzeka kuRon noCarol. Ngokudabukisayo, indodana yabo yazibulala. Bathi: “Sake sabhekana novivinyo olunzima ngaphambili, kodwa lolu lwalunzima kunalo lonke. Kwakuthi njalo lapho kungalaleki ebusuku sithandaze kuJehova futhi sakuzwa ngempela ukuthula okuchazwe kweyabaseFilipi 4:​6, 7.” (Yifunde.) Uma ubhekene novivinyo olukuzwisa ubuhlungu obukhulu ungathululela isifuba sakho kuJehova ngomthandazo. Ungazinqumela wena ukuthi imithandazo yakho izoba mide kangakanani nokuthi uzothandaza kaningi kangakanani. (IHu. 86:3; 88:1) Qhubeka ulokhu ucela umoya ongcwele kuJehova. Akasoze azizibe izicelo zakho.—Luka 11:​9-13.

13. Umoya ongcwele ungasisiza kanjani siqhubeke sikhonza uJehova ngokwethembeka? (Efesu 3:16)

13 Wake wabhekana yini nesimo esinzima esakuqeda amandla? Umoya ongcwele ungakunika amandla okuqhubeka ukhonza uJehova ngokwethembeka. (Funda eyabase-Efesu 3:16.) Cabanga ngesibonelo sikadade okuthiwa uFlora. Yena nomyeni wakhe babeyizithunywa zevangeli lapho umyeni wakhe ephinga futhi badivosa. Uthi: “Ukungathembeki kwakhe kwangizwisa ubuhlungu obukhulu futhi ngangihlezi ngicabanga ngakho. Ngathandaza kuJehova ngicela umoya wakhe ongcwele ukuba ungisize ngikwazi ukukhuthazela. UJehova wanginika lokho engangikudinga ukuze ngiphole futhi ngikwazi ukubhekana nento ekuqaleni engangicabanga ukuthi ngeke ngikwazi ukubhekana nayo.” UFlora unomuzwa wokuthi uNkulunkulu umsizile ukuba amethembe nakakhulu futhi uzomsekela kulo lonke uvivinyo asazobhekana nalo. Uyenezela: “Amazwi eHubo 119:32 ayichaza kahle indlela uJehova angisize ngayo. Leli vesi lithi: ‘Ngizoyifuna ngokulangazela indlela yemiyalo yakho ngoba uyenzela indawo enhliziyweni yami.’”

14. Singawuvumela kanjani umoya kaNkulunkulu usebenze kithi?

14 Ngemva kokucela umoya ongcwele kuJehova, yini ongayenza ukuze wenze ngokuvumelana nesicelo sakho? Yenza izinto ezizokwenza umoya kaNkulunkulu usebenze kuwe. Lezo zinto zihlanganisa ukuya emihlanganweni yebandla nokushumayeza abanye. Gcwalisa ingqondo yakho ngemicabango kaJehova ngokufunda iZwi lakhe nsuku zonke. (Fil. 4:​8, 9) Njengoba ulifunda, funda kubalingiswa abaseBhayibhelini ababhekana novivinyo bese uzindla ngendlela uJehova abasiza ngayo bakhuthazela. USandra, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wabhekana nezimo eziningi ezinzima ekuphileni kwakhe. Uthi: “Indaba kaJosefa ingithinta inhliziyo ngempela. Akazange avumele uvivinyo abhekana nalo nokuphathwa ngendlela engenabulungisa kulimaze ubuhlobo bakhe noJehova.”—Gen. 39:​21-23.

UJEHOVA USEBENZISA ESIKHOLWA NABO UKUZE ASIDUDUZE

15. Obani abangasiduduza, futhi bangasisiza kanjani? (Bheka nesithombe.)

15 Lapho sibhekene nobunzima, esikholwa nabo bangaba “umthombo wenduduzo enkulu.” (Kol. 4:11) Ngempela uJehova usebenzisa abafowethu nodadewethu ukuze asibonise ukuthi uyasithanda. Esikholwa nabo bangasiduduza ngokuzwelana nathi njengoba besilalele noma bangasisekela ngokuthi babe nathi. Bangasikhuthaza ngevesi eliseBhayibhelini noma bathandaze nathi. d (Roma 15:4) Ngezinye izikhathi, umfowethu noma udadewethu angase asikhumbuze imicabango kaJehova bese lokho kusisiza sibe nombono olinganiselayo. AmaKristu esikanye nawo angasisiza nangezindlela ezingokoqobo, njengokusenzela ukudla lapho sicindezelekile.

Abangani abavuthiwe nongathembela kubo bangakududuza kakhulu futhi bakusize (Bheka isigaba 15)


16. Yini okungase kudingeke siyenze ukuze abanye basisize?

16 Ukuze abanye basisize, kungase kudingeke sibacele ukuba basisize. Abafowethu nodadewethu bayasithanda futhi bayafuna ukusisiza. (IzAga 17:17) Kodwa bangase bangazi ukuthi sizizwa kanjani noma ukuthi yini esiyidingayo. (IzAga 14:10) Uma uzwa ubuhlungu ngokomzwelo, kulungele ukutshela abangani abavuthiwe indlela ozizwa ngayo. Batshele ukuthi yini engakusiza. Ungase ukhethe ukuthulula isifuba sakho kumdala oyedwa noma ababili okuthola kulula ukukhuluma nabo. Abanye odade bakuthole kududuza ukuxoxa nomunye udade ovuthiwe.

17. Yiziphi ezinye izinselele ezingasivimbela ukuba sithole isikhuthazo, futhi singazinqoba kanjani?

17 Melana nesifiso sokufuna ukuzihlukanisa. Ngenxa yobuhlungu obuzwayo, ungase ungabi naso isifiso sokuba nabanye abantu. Ngezinye izikhathi, abafowethu nodadewethu bangase bangayiqondi indlela ozizwa ngayo noma basho izinto ezikuzwisa ubuhlungu. (Jak. 3:2) Ungazivumeli izinselele ezinjengalezi zikuvimbele ukuba uthole isikhuthazo osidingayo. Umdala okuthiwa uGavin, onesifo sokucindezeleka, uthi: “Ngokuvamile ukuchitha isikhathi nabangani bami kusuke kuyinto yokugcina engifisa ukuyenza.” Noma kunjalo, uGavin akakuvumeli ukunqotshwa yileyo mizwa futhi kuyamzuzisa ukuchitha isikhathi nabanye. Udade okuthiwa u-Amy uthi: “Ngenxa yezinto engabhekana nazo esikhathini esidlule, ngikuthola kunzima ukuthemba abantu. Kodwa ngiyafunda ukubathanda nokubathemba abafowethu nodadewethu njengoJehova. Ngiyazi ukuthi lokhu kuyamjabulisa uJehova futhi nami kuyangijabulisa.”

THOLA INDUDUZO EZITHEMBISWENI ZIKAJEHOVA ZOKUSELAPHA

18. Yini esiyilangazelelayo esikhathini esizayo, futhi yini esingayenza manje?

18 Singabheka isikhathi esizayo ngokuqiniseka sazi ukuthi maduzane uJehova uzobelapha bonke ubuhlungu esibuzwayo emzimbeni nangokomzwelo. (IsAm. 21:​3, 4) Ngaleso sikhathi, izinto ezibuhlungu esibhekane nazo esikhathini esidlule ngeke “zifike nasenhliziyweni.” (Isaya 65:17) Njengoba sibonile, uJehova ‘ubopha amanxeba ethu’ ngisho kwamanje. Wasebenzise ngokugcwele amalungiselelo othando uJehova asenzele wona ukuze asiduduze futhi asisize. Ungakungabazi nakancane ukuthi ‘uyakukhathalela.’—1 Pet. 5:7.

INGOMA 7 UJehova Ungamandla Ethu

a Amagama ashintshiwe.

b Bheka ibhokisi elithi “ Ubalulekile KuJehova.”

c Ukuze ‘silungise izindaba’ zethu noJehova, kudingeka sibonise ukuthi siphendukile ngokuthi simcele asithethelele izono zethu futhi sishintshe indlela esiziphatha ngayo. Uma senze isono esikhulu, kudingeka sicele nosizo kubadala bebandla.—Jak. 5:​14, 15.

d Ngokwesibonelo, cabanga ngemiBhalo engaphansi kwesihloko esithi “Ukukhathazeka” nesithi “Induduzo” encwadini ethi ImiBhalo Ewusizo Ekuphileni KwamaKristu.