ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 41
INGOMA 13 UKristu, Isibonelo Sethu
Esikufunda Kokwenzeka Ezinsukwini Ezingu-40 Zokugcina UJesu Esemhlabeni
“Bambona phakathi nazo zonke izinsuku ezingu-40, ekhuluma ngoMbuso kaNkulunkulu.”—IZE. 1:3.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Indlela esingalingisa ngayo isibonelo uJesu asibeka ezinsukwini ezingu-40 zokugcina esemhlabeni.
1-2. Yini eyenzeka njengoba abafundi bakaJesu ababili babeya e-Emawuse?
NGUNISANI 16, 33 C.E. Abafundi bakaJesu bagajwe usizi nokwesaba. Ababili kubo bayasuka eJerusalema baye e-Emawuse, indawo eqhele ngamakhilomitha angaba ngu-11 uma usuka eJerusalema. La madoda adangele ngoba uJesu, umuntu abebemlandela, usanda kubulawa. Selishabalele ithemba abebenalo lokuthi uMesiya uzokwenza izinto ezinhle. Kodwa kube sekwenzeka into engalindelekile.
2 Bahlangana nendoda abangayazi bese ihambisana nabo. Abafundi bayixoxela ukuthi badumele ngalokho okwenzeke kuJesu. Le ndoda yabe isikhuluma ngezinto ababengasoze bazikhohlwa. ‘Iqala kuMose nakubo bonke abaProfethi,’ ibe isichaza ukuthi kungani uMesiya kwakudingeka ahlupheke futhi afe. Lapho la madoda amathathu efika e-Emawuse, le ndoda iyaziveza ukuthi ingubani—uJesu ovusiwe! Cabanga nje indlela abafundi abajabula ngayo lapho bethola ukuthi uMesiya uyaphila!—Luka 24:13-35.
3-4. Kwenzekani kubafundi bakaJesu, futhi sizofunda ngani kulesi sihloko? (IzEnzo 1:3)
3 UJesu wabonakala kubafundi bakhe izikhathi eziningana ezinsukwini ezingu-40 zokugcina esemhlabeni. (Funda izEnzo 1:3.) Phakathi naleso sikhathi, ukwesaba nosizi lwabalandeli bakaJesu kwaphela. Baba abashumayeli nabafundisi boMbuso abajabulayo, abazethembayo nabanesibindi. a
4 Singazuza ngokufunda ngalokho uJesu akwenza phakathi naleso sikhathi. Kulesi sihloko sizobona ukuthi uJesu wasisebenzisa kanjani lesi sikhathi ukuze (1) akhuthaze abafundi bakhe, (2) abasize bayiqonde kangcono imiBhalo, futhi (3) abaqeqeshele umsebenzi ababezowenza esikhathini esizayo. Ephuzwini ngalinye, sizobona ukuthi singasilingisa kanjani isibonelo sikaJesu.
KHUTHAZA ABANYE
5. Kungani abafundi bakaJesu babedinga isikhuthazo?
5 Abafundi bakaJesu babedinga isikhuthazo. Kungani? Yingoba abanye babeshiye imizi, imindeni namabhizinisi abo ukuze balandele uJesu ngokugcwele. (Math. 19:27) Abanye babekhishwa inyumbazane emphakathini ngoba base bengabafundi bakhe. (Joh. 9:22) Bazidela ngale ndlela ngenxa yokuthi babekholelwa ukuthi uJesu unguMesiya owayethenjisiwe. (Math. 16:16) Kodwa lapho ebulawa, amathemba abo ashabalala, baphela amandla.
6. Wenzani uJesu ngemva kokuvuswa kwakhe?
6 Akungabazeki ukuthi uJesu akabhekanga usizi lwabafundi bakhe njengophawu lokuba buthaka ngokomoya, kunalokho wayeqonda ukuthi kungokwemvelo ukuba badabuke lapho efa. Ngakho, ngalo kanye usuku avuswa ngalo, waqala ukubakhuthaza abangani bakhe. Ngokwesibonelo, wabonakala kuMariya Magdalena ngesikhathi ekhala ethuneni likaJesu. (Joh. 20:11, 16) Waphinde wabonakala kubafundi ababili okuxoxwe ngabo ekuqaleni kwalesi sihloko. Wabonakala nakumphostoli uPetru. (Luka 24:34) Yini esingayifunda esibonelweni sikaJesu? Cabanga ngokwenzeka lapho ebonakala okokuqala.
7. Njengoba kusho uJohane 20:11-16, yini uJesu abona uMariya eyenza ekuseni ngoNisani 16, futhi ngemva kwalokho wamenzelani uMariya? (Bheka nesithombe.)
7 Funda uJohane 20:11-16. Ekuseni ngovivi ngoNisani 16, abesifazane abambalwa baya ethuneni okwakungcwatshwe kulo isidumbu sikaJesu. (Luka 24:1, 10) Ake sigxile kulokho okwenzeka komunye walabo besifazane, uMariya Magdalena. Lapho uMariya efika ethuneni, walithola lingenalutho. Wagijima wayotshela uPetru noJohane, ngemva kwalokho wabalandela njengoba nabo begijimela ethuneni. Lapho la madoda eseqiniseka ukuthi akukho lutho ethuneni, abuyela ekhaya. Kodwa uMariya yena akabuyelanga ekhaya. Wahlala lapho, wakhala. Wayengazi ukuthi uJesu wayebukele. Wazibona izinyembezi zalona wesifazane othembekile, wathinteka ngokujulile. Ngakho, waziveza kuMariya wabe esenza into elula eyamkhuthaza kakhulu. Wakhuluma naye, wayesemnika isabelo esibalulekile—wathi akayotshela abafundi bakhe ukuthi usevusiwe.—Joh. 20:17, 18.
8. Singamlingisa kanjani uJesu?
8 Singamlingisa kanjani uJesu? Kuningi esingakwenza ukuze sikhuthaze abafowethu nodadewethu ukuba baqhubeke bekhonza uJehova uma njengoJesu sizazi izinto ezibacindezelayo bese sikhuluma nabo ngozwela. Cabanga ngokwenzeka kudade okuthiwa uJocelyn, owashonelwa udadewabo engozini yemoto. Uthi: “Kwaphela izinyanga eziningi inhliziyo yami ibuhlungu kakhulu.” Kodwa umzalwane othile nomkakhe bammemela emzini wabo, bamlalela ngendlela ebonisa ukuthi bayamzwela futhi bamqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu uyamkhathalela. UJocelyn uthi: “Ngazizwa ngicindezelekile, sengathi ngiminza olwandle oluthukuthele. Kodwa uJehova wabe esesebenzisa lo mzalwane nomkakhe ukuze angitakule. Bangisiza ngaphinde ngaba nesifiso sokuqhubeka ngikhonza uJehova.” Nathi singabakhuthaza abanye ngokubalalelisisa lapho besitshela okusezinhliziyweni zabo nangokukhuluma nabo ngendlela ebonisa ukuthi siyabazwela, sinomgomo wokubasiza baqhubeke bekhonza uNkulunkulu.—Roma 12:15.
SIZA ABANYE BAQONDE IMIBHALO
9. Iyiphi inselele abafundi bakaJesu ababhekana nayo, futhi wabasiza kanjani?
9 Abafundi bakaJesu balamukela iZwi likaNkulunkulu futhi bazama ukulisebenzisa ekuphileni kwabo. (Joh. 17:6) Noma kunjalo, ukufa kukaJesu esigxotsheni sokuhlushwa kwabashiya bedidekile. UJesu waqaphela ukuthi ukungabaza kwabo kwakungabangelwa ukuthi banezinhliziyo ezimbi kodwa kwakubangelwa ukuntula ukuqonda. (Luka 9:44, 45; Joh. 20:9) Ngakho, wabasiza ukuba bayiqonde imiBhalo. Cabanga ngendlela akwenza ngayo lokho lapho ebonakala kubafundi ababili endleleni eya e-Emawuse.
10. UJesu wabasiza kanjani abafundi bakhe ukuba baqonde ukuthi ngempela unguMesiya? (Luka 24:18-27)
10 Funda uLuka 24:18-27. Phawula ukuthi uJesu akazange abatshele ngaso leso sikhathi ukuthi ungubani. Kunalokho, wababuza imibuzo. Kungani? Mhlawumbe wayefuna bamtshele okwakusezingqondweni nasezinhliziyweni zabo. Ngempela bamtshela. Bamtshela ukuthi babelindele ukuba uJesu akhulule ama-Israyeli ekucindezelweni amaRoma. Ngemva kokuba sebemtshelile okwakubakhathaza, uJesu wasebenzisa imiBhalo ukuze abasize baqonde okwakwenzekile. b Kamuva ngalobo busuku, uJesu wachitha isikhathi echazela abanye abafundi la maqiniso. (Luka 24:33-48) Yini esiyifundayo kule ndaba?
11-12. (a) Sifundani endleleni uJesu afundisa ngayo amaqiniso eBhayibheli? (Bheka nezithombe.) (b) Umzalwane owayefundela uNortey iBhayibheli wamsiza kanjani?
11 Singamlingisa kanjani uJesu? Okokuqala, lapho ufundisa abantu iBhayibheli, buza imibuzo engeke ibacasule, ezobasiza baveze okusezingqondweni nasezinhliziyweni zabo. (IzAga 20:5) Lapho usuyiqonda indlela abazizwa ngayo, babonise ukuthi bangayithola kanjani imiBhalo esebenza ezimweni zabo. Yibe usugwema ukubatshela ukuthi benzeni. Kunalokho, basize bacabangisise ngalokho abakufunda emiBhalweni futhi babone ukuthi bangazisebenzisa kanjani izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwabo. Cabanga ngokwenzeka kumzalwane waseGhana okuthiwa uNortey.
12 Lapho uNortey eneminyaka engu-16, waqala ukufunda iBhayibheli. Kodwa ngokushesha umndeni wakubo wamphikisa. Yini eyamsiza? Umzalwane owayemfundela iBhayibheli wayesebenzise uMathewu isahluko 10 ukuze amchazele ukuthi amaKristu eqiniso azoshushiswa. UNortey uthi: “Lapho ushushiso luqala, ngangiqiniseka ukuthi ngithole iqiniso.” Lo mzalwane wamsiza nokuba acabangisise ngoMathewu 10:16 ukuze abe oqaphile futhi abonise inhlonipho lapho ekhuluma nabakubo ngezinkolelo zakhe. Ngemva kokubhapathizwa, uNortey wayefuna ukuphayona, kodwa ubaba wakhe wayefuna aye eyunivesithi. Kunokuba amtshele ukuthi enzeni, umzalwane owayemfundela wambuza imibuzo, wamsiza wacabangisisa ngezimiso zeBhayibheli. Waba yini umphumela? UNortey wanquma ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Ubaba wakhe wamxosha ekhaya. UNortey uzizwa kanjani ngalokho okwenzeka? Uthi: “Ngiyaqiniseka ukuthi ngenza isinqumo esihle.” Uma nathi sizinika isikhathi sokusiza abanye bacabangisise ngemiBhalo, singabasiza babe amaKristu avuthiwe.—Efe. 3:16-19.
SIZA AMADODA AFANELEKELE UKUBA ‘IZIPHO EZINGABANTU’
13. Yini uJesu ayenza ukuze aqiniseke ukuthi umsebenzi kaBaba wakhe uyaqhubeka wenziwa? (Efesu 4:8)
13 Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, wenza umsebenzi uBaba wakhe ayemnike wona. (Joh. 17:4) Kodwa akazange abe nesimo sengqondo sokuthi, ‘Uma ufuna into yenziwe kahle, kumele uzenzele wena.’ Phakathi nenkonzo yakhe yeminyaka emithathu nohhafu, waqeqesha abanye ukuba bakwazi ukwenza umsebenzi. Ngaphambi kokuba abuyele ezulwini, waphathisa abafundi bakhe umsebenzi wokunakekela izimvu zikaJehova eziyigugu nowokuhola emsebenzini wokushumayela nokufundisa. Abanye babo kungenzeka babeneminyaka ephakathi kuka-20 no-30. (Funda eyabase-Efesu 4:8.) UJesu wazisebenzisa kanjani izinsuku zakhe zokugcina ezingu-40 esemhlabeni ukuze asize la madoda azinikele, aqotho nakhuthele afanelekele ukuba ‘izipho ezingabantu’?
14. UJesu wabasiza kanjani abafundi bakhe ukuba bakhule ngokomoya phakathi nezinsuku zakhe zokugcina ezingu-40 esemhlabeni? (Bheka nesithombe.)
14 UJesu wanikeza abafundi bakhe iseluleko esingagwegwesi kodwa esinothando. Ngokwesibonelo, waphawula ukuthi abanye babenomkhuba wokungabaza, ngakho wabeluleka. (Luka 24:25-27; Joh. 20:27) Wagcizelela isidingo sokuba bagxile kakhulu emsebenzini wokwalusa kunokuba bagxile emisebenzini yabo yokuziphilisa. (Joh. 21:15) Wabakhumbuza nokuba bangakhathazeki ngokungafanele ngokuthi yimaphi amalungelo abanye abangase bawathole enkonzweni kaJehova. (Joh. 21:20-22) Walungisa nemibono eyiphutha ababenayo mayelana noMbuso futhi wabasiza ukuba bagxile ekushumayeleni izindaba ezinhle. (IzE. 1:6-8) Yini abadala abangayifunda kuJesu?
15-16. (a) Abadala bangamlingisa ngaziphi izindlela uJesu? Chaza. (b) Samsiza kanjani iseluleko uPatrick?
15 Abadala bangamlingisa kanjani uJesu? Kumele baqeqeshe futhi basize amadoda, kuhlanganise nalawo okungenzeka asemasha, ukuba afanelekele imisebenzi eyengeziwe. c Abadala abalindele ukuba labo ababaqeqeshayo bangawenzi amaphutha. Kufanele babanike iseluleko esinothando ukuze laba bazalwane abasebasha bathole ulwazi olwengeziwe bafunde nokuthobeka, ukwethembeka futhi bazimisele ukukhonza abanye.—1 Thim. 3:1; 2 Thim. 2:2; 1 Pet. 5:5.
16 Cabanga indlela iseluleko esamsiza ngayo umzalwane okuthiwa uPatrick. Ngesikhathi esemusha, wayenomkhuba wokudelela futhi wayengenamusa, ngisho nakodade imbala. Umdala ovuthiwe wabubona ubuthakathaka bukaPatrick, wabe esemnikeza iseluleko esinomusa kodwa esicacile. UPatrick uthi: “Kuyangijabulisa ukuthi wangeluleka. Kwakungidikibalisa ukubona abanye abazalwane bethola amalungelo enkonzo engangiwafisa. Kodwa iseluleko salo mdala sangisiza ngabona ukuthi kudingeka ngigxile ekukhonzeni abafowethu nodadewethu ngokuthobeka kunokugxila ekutholeni isikhundla noma ilungelo elithile ebandleni.” Ngenxa yalokho, uPatrick wamiswa njengomdala eneminyaka engu-23.—IzAga 27:9.
17. UJesu wabonisa kanjani ukuthi uyabethemba abafundi bakhe?
17 UJesu wanikeza abafundi bakhe umsebenzi wokushumayela nokufundisa. Kungenzeka ukuthi bazizwa bengasifanelekeli lesi sabelo. Noma kunjalo, uJesu akazange angabaze ukuthi babengawenza lo msebenzi futhi wabatshela ukuthi uyazi ukuthi bangawenza. Washo amazwi abonisa ukuthi uyabethemba ngempela, wathi: “Njengoba nje uBaba engithumile, nami ngiyanithuma.”—Joh. 20:21.
18. Abadala bangamlingisa kanjani uJesu?
18 Abadala bangamlingisa kanjani uJesu? Abadala abanolwazi baphathisa abanye imisebenzi. (Fil. 2:19-22) Ngokwesibonelo, abadala bangacela intsha ukuba isize ekuhlanzeni iHholo LoMbuso nasekuligcineni lisesimweni esihle. Ngemva kokubanikeza umsebenzi, bangabonisa ukuthi bayabethemba labo abakhethwe ukuba bawenze ngokuthi babaqeqeshe futhi bathembe ukuthi bazowenza kahle. Umzalwane osanda kuba umdala okuthiwa uMatthew uthi ubazisa ngempela abadala abamqeqesha kahle ukuba enze isabelo esithile bese beyamethemba ukuthi uzosenza asiqede. Uthi, “Kungisizile ukuthi lapho ngenza amaphutha, abadala bawabheke njengendlela engifunda ngayo, bese beyangisiza ngithuthuke.” d
19. Yini okufanele sizimisele ukuyenza?
19 UJesu wasebenzisa izinsuku zakhe zokugcina ezingu-40 esemhlabeni ukuze akhuthaze, afundise futhi aqeqeshe abanye. Kwangathi singazimisela ukulandela isibonelo sakhe eduze. (1 Pet. 2:21) Uzosisiza ukuba senze kanjalo. Phela wathembisa wathi: “Nginani zonke izinsuku kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.”—Math. 28:20.
INGOMA 15 Dumisani IZibulo LikaJehova!
a AmaVangeli nezinye izincwadi zeBhayibheli ziveza ukuthi ngemva kokuba evusiwe, uJesu wabonakala kaningi kwabanye, njengoMariya Magdalena (Joh. 20:11-18); kwabanye besifazane (Math. 28:8-10; Luka 24:8-11); kubafundi ababili (Luka 24:13-15); kuPetru (Luka 24:34); kubaphostoli kodwa uTomase engekho (Joh. 20:19-24); kubaphostoli, kuhlanganise noTomase (Joh. 20:26); kubafundi abayisikhombisa (Joh. 21:1, 2); kubafundi abangaphezu kuka-500 (Math. 28:16; 1 Kor. 15:6); kuJakobe umfowabo (1 Kor. 15:7); kubo bonke abaphostoli (IzE. 1:4); nakubaphostoli ababeseduze kwaseBhethaniya. (Luka 24:50-52) Ezinye izikhathi abonakala ngazo kungenzeka azibhalwanga eBhayibhelini.—Joh. 21:25.
b Ukuze uthole uhlu lweziprofetho eziphathelene noMesiya, iya ku-jw.org/zu ubheke isihloko esithi, “Ingabe Iziprofetho Ezabikezelwa NgoMesiya Zifakazela Ukuthi UJesu WayenguMesiya?”
c Kwezinye izimo, amadoda afanelekayo aneminyaka ephakathi kuka-25 kuya ku-30 angase amiswe njengababonisi besigodi. Noma kunjalo, lawo madoda kumele aqale akhonze njengabadala ukuze athole ukuqeqeshwa okudingekayo.
d Ukuze uthole amacebiso engeziwe okusiza abazalwane abasebasha bafanelekele ukwenza imisebenzi ethile, buyekeza INqabayokulinda ka-Agasti 2018, kk. 11-12, izig. 15-17, neka-Ephreli 15, 2015, kk. 3-14.
e INCAZELO YESITHOMBE: Ngemva kokuba umuntu ofundelwayo esethole usizo lokucabangisisa ngemiBhalo, unquma ukulahla imihlobiso kaKhisimusi.