AMACEBISO OKUTADISHA
Buyekeza Amaphuzu Ayinhloko
Kwake kwenzeka yini wakuthola kunzima ukukhumbula okuthile oqeda kukufunda? Lokho kuyenzeka kithi sonke ngezinye izikhathi. Yini engakusiza? Buyekeza amaphuzu ayinhloko.
Njengoba utadisha, damane uma kancane ukuze ucabange ngamaphuzu abalulekile. Phawula indlela umphostoli uPawulu abasiza ngayo ukuba benze lokho labo ababefunda incwadi yakhe, lapho ethi: “Manje nanti iphuzu eliyinhloko.” (Heb. 8:1) Ngalawo mazwi wayesiza labo ababelalele ukuba baqonde lokho ayekusho nokuthi iphuzu ngalinye lalihlobana kanjani nesihloko sakhe.
Ungase ubekele eceleni isikhathi esithile, mhlawumbe imizuzu eyishumi lapho uqeda ukufunda ukuze ucabange ngamaphuzu ayinhloko alokho obukufunda. Uma ungawakhumbuli, bheka izihlokwana noma imisho yokuqala—ngokuvamile umusho wokuqala wesigaba ngasinye—ukuze ukhumbule okufundile. Uma kukhona okusha okufundile, zama ukukuchaza ngamazwi akho. Njengoba ubuyekeza amaphuzu ayinhloko, ngeke ugcine ngokukhumbula okufundile, kodwa uyobona ngokucacile nokuthi okufundile kusebenza kanjani ekuphileni kwakho.