Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 11

Indlela Ongathola Ngayo Amandla EmiBhalweni

Indlela Ongathola Ngayo Amandla EmiBhalweni

‘UNkulunkulu usisiza ukuba sikhuthazele.’—ROMA 15:5.

INGOMA 94 Ukubonga NgeZwi LikaNkulunkulu

AMAZWIBELA *

1. Yiziphi izilingo abantu bakaJehova abangase babhekane nazo?

INGABE ubhekene novivinyo? Mhlawumbe othile ebandleni ukuzwise ubuhlungu. (Jak. 3:2) Noma mhlawumbe osebenza nabo noma ofunda nabo bahlekisa ngawe ngenxa yokuthi ukhonza uJehova. (1 Pet. 4:3, 4) Noma kungenzeka amalungu omndeni azama ukukuvimba ungayi emihlanganweni noma ungakhulumi nabanye ngokholo lwakho. (Math. 10:35, 36) Uma uvivinyo lunzima kakhulu, ungase uzizwe uphelelwa amandla. Kodwa nakhu ongaqiniseka ngakho: Kungakhathaliseki ukuthi ubhekana nayiphi inselele, uJehova uzokunika ukuhlakanipha okuzokusiza ubhekane nayo, namandla azokusiza uyikhuthazelele.

2. Ngokwencwadi yamaRoma 15:4, ukufunda iZwi likaNkulunkulu kungaba namuphi umphumela kithi?

2 EZwini lakhe, uJehova wafaka imininingwane ecacile ebonisa ukuthi abantu abanesono babhekana kanjani novivinyo olunzima. Kungani? Ukuze sifunde kubona. Yilokho uJehova ashukumisa umphostoli uPawulu ukuba akubhale. (Funda amaRoma 15:4.) Ukufunda ngalezi zinto kungasinika induduzo nethemba. Nokho, ukuze sizuze, kudingeka senze okungaphezu nje kokufunda iBhayibheli. Kumelwe sivumele imiBhalo ishintshe indlela esicabanga ngayo futhi ifinyelele izinhliziyo zethu. Yini esingayenza uma sifuna isiqondiso sokuthi singayisingatha kanjani inkinga ethile? Singasebenzisa lezi zindlela ezine zokutadisha: (1Thandaza, (2Bona ngeso lengqondo, (3Zindla, (4Sebenzisa okufundile. Ake sixoxe ngokuthi singazisebenzisa kanjani lezi zindlela. * Sizobe sesizisebenzisa ukuze sifunde kulokho okwenzeka ekuphileni kweNkosi uDavide nomphostoli uPawulu.

1. THANDAZA

Ngaphambi kokuba uqale ukufunda iBhayibheli, cela uJehova akusize ubone ukuthi ungazuza kanjani (Bheka isigaba 3)

3. Ngaphambi kokuba uqale ukufunda iBhayibheli, yini okufanele uyenze futhi kungani?

3 (1Thandaza. Ngaphambi kokuba uqale ukufunda iBhayibheli, cela uJehova akusize ukwazi ukubona ukuthi ungazuza kanjani kulokho okufundayo. Ngokwesibonelo, uma ufuna iseluleko sokuthi ungabhekana kanjani nenkinga ethile, cela uJehova akusize uthole izimiso eziseBhayibhelini ezingakuqondisa.—Fil. 4:6, 7; Jak. 1:5.

2. BONA NGESO LENGQONDO

Zibone uwumlingiswa oyinhloko endabeni eseBhayibhelini (Bheka isigaba 4)

4. Yini engakusiza wenze indaba eseBhayibhelini iphile?

4 (2) Bona ngeso lengqondo. UJehova usiphe isipho esimangalisayo sokukwazi ukubona ngeso lengqondo. Ukuze ukwazi ukuyenza iphile indaba eseBhayibhelini, zama ukubona ngeso lengqondo lokho okwakwenzeka futhi uzifake ezicathulweni zomlingiswa oyinhloko. Zama ukubona izinto ayezibona futhi uzizwe ngendlela okungenzeka naye wayezizwa ngayo.

3. ZINDLA

Cabangisisa ngalokho okufundayo nangendlela okusebenza ngayo kuwe (Bheka isigaba 5)

5. Kuyini ukuzindla futhi ungakwenza kanjani?

5 (3Zindla. Ukuzindla kusho ukucabangisisa ngalokho okufundayo nangokuthi kungasebenza kanjani kuwena. Kukusiza ukuqonde kangcono lokho okufundayo. Ukufunda iBhayibheli ngaphandle kokuzindla kungafana nokudla ukudla okungafakwanga izithako nakuba unazo endlini. Ukuzindla kufana nokufaka lezo zithako ukuze ukwazi ukujabulela ukudla okumnandi. Ukuze ukwazi ukuzindla, ungase uzibuze imibuzo efana nalena: ‘Yini umlingiswa oyinhloko kule ndaba ayenzile ukuze azisize? UJehova umsize kanjani? Ngingazisebenzisa kanjani izifundo engizitholile ukuze zingisize ngikwazi ukukhuthazelela uvivinyo?’

4. SEBENZISA OKUFUNDILE

Kusebenzise okufundile ukuze wenze izinqumo ezinhle, ube nokuthula futhi uqinise ukholo lwakho (Bheka isigaba 6)

6. Kungani kufanele sikusebenzise lokho esikufundile?

6 (4Sebenzisa okufundile. UJesu wathi uma singakusebenzisi lokho esikufundile, sifana nendoda eyakha indlu yayo esihlabathini. Iyazikhandla, kodwa idlala ngesikhathi sayo. Kungani sisho kanjalo? Yingoba lapho kufika isiphepho nezikhukhula, indlu yayo iyobhidlika. (Math. 7:24-27) Ngokufanayo, lapho sithandaza, sibona ngeso lengqondo futhi sizindla kodwa singakusebenzisi esikufundile, nathi sizobe sidlala ngesikhathi sethu. Lapho kufika izilingo noma ushushiso, ukholo lwethu luyobe lungaqinile ngokwanele. Ngakolunye uhlangothi, lapho sitadisha futhi sisebenzisa esikufundile, senza izinqumo ezinhle, siba nokuthula nokholo oluqinile. (Isaya 48:17, 18) Sisebenzisa lezi zindlela ezine esixoxe ngazo, ake sibone ukuthi singafundani kulokho okwenzeka ekuphileni kweNkosi uDavide.

UNGAFUNDANI ENKOSINI UDAVIDE?

7. Iyiphi indaba eseBhayibhelini esizoxoxa ngayo manje?

7 Ukhona yini umngane noma ilungu lomndeni elake lakuzwisa ubuhlungu? Uma kunjalo, kuzokusiza ukucabanga ngendaba ka-Absalomu, indodana yeNkosi uDavide, owazwisa uyise ubuhlungu wazama nokuthatha ubukhosi ngendluzula.—2 Sam. 15:5-14, 31; 18:6-14.

8. Yini ongayenza ukuze uJehova akusize?

8 (1Thandaza. Ucabanga ngalokho okwenzekile, tshela uJehova ukuthi uzizwa kanjani ngendlela ophathwe kabi ngayo. (IHu. 6:6-9) Zisho ngokuqondile izinto ezikukhathazayo. Cela uJehova akusize ubone izimiso ezingakuqondisa njengoba uzama ukubhekana nale nkinga.

9. Ungakufingqa kanjani okwenzeka kuDavide no-Absalomu?

9 (2Bona ngeso lengqondo. Cabanga ngezinto ezenzeka kule ndaba, nangendlela iNkosi uDavide eyathinteka ngayo. Indodana kaDavide u-Absalomu isebenza iminyaka eminingi ukuze ithandwe abantu. (2 Sam. 15:7) Lapho u-Absalomu ebona sengathi isikhathi sesifikile, uthumela izinhloli kulo lonke elakwa-Israyeli ukuze enze abantu bamamukele njengenkosi. Uze anxenxe umngane omkhulu nomeluleki kaDavide, u-Ahithofeli, ukuba amsekele kulokhu kudlubulunda. U-Absalomu ube esezibeka njengenkosi, ngemva kwalokho uzama ukubamba uDavide ambulale, okungenzeka wayegula kakhulu ngaleso sikhathi. (IHu. 41:1-9) Lapho uDavide ezwa ngaleli cebo, uyabaleka eJerusalema. Ekugcineni, ibutho lika-Absalomu litholana phezulu nebutho likaDavide. Ibutho lezidlubulundi liyanqotshwa, kubulawa no-Absalomu indodana kaDavide.

10. Yini eyayingase yenziwe iNkosi uDavide?

10 Manje, cabanga ngendlela okumelwe ukuba uDavide wazizwa ngayo njengoba konke lokhu kwenzeka. Wayemthanda u-Absalomu, emethemba no-Ahithofeli. Kodwa, bobabili laba bantu ababesondelene naye abazange babe qotho kuye. Bamphatha kabi kakhulu, baze ngisho bazama nokumbulala. UDavide wayengase ayeke ukubethemba abanye abangane bakhe, abasole ngokuthi nabo basohlangothini luka-Absalomu. Wayengase azicabangele yena kuphela futhi afune ukubaleka yedwa. Noma wayengase acabange ukuthi sekuphelile ngaye. Kodwa uDavide akakwenzanga konke lokho. Kunalokho, walunqoba lolu vivinyo. Yini eyamsiza wakwazi ukwenza kanjalo?

11. UDavide wasabela kanjani kulesi simo esinzima?

11 (3Zindla. Yini esingayifunda kule ndaba? Phendula lo mbuzo, “Yini uDavide ayenza ukuze azisize?” UDavide akazange atatazele, bese ngokuxhamazela enza izinqumo ezingahlakaniphile. Ngesikhathi esifanayo, akazange ahlehlise ukwenza izinqumo ngenxa yokwesaba. Kunalokho, wathandaza wacela usizo kuJehova. Wacela usizo nakubangane bakhe. Wakwenza ngokushesha lokho ayekunqumile. Nakuba uDavide ayephatheke kabi kakhulu, akazange ayeke ukwethemba abanye futhi akazange abe nenzondo. Waqhubeka ethembele kuJehova, ebathemba nabangane bakhe.

12. Yini uJehova ayenza ukuze asize uDavide?

12 UJehova wamsiza kanjani uDavide? Uma wenza ucwaningo, uzobona ukuthi uJehova wanika uDavide amandla ayewadinga ukuze akhuthazelele lesi silingo. (IHu. 3:1-8; umbhalo ongenhla) UJehova wazibusisa izinqumo zikaDavide. Wabasekela nabangane bakaDavide abaqotho ngesikhathi belwela ukuvikela inkosi yabo.

13. Ungamlingisa kanjani uDavide uma othile ekuzwisa ubuhlungu obukhulu? (Mathewu 18:15-17)

13 (4Sebenzisa okufundile. Zibuze, ‘Ngingamlingisa kanjani uDavide?’ Kuzodingeka usheshe ukuthatha isinyathelo ukuze uxazulule inkinga. Kuye ngezimo, iseluleko sikaJesu esikuMathewu isahluko 18 ungasisebenzisa ngokuqondile noma njengesimiso. (Funda uMathewu 18:15-17.) Kodwa akufanele wenze izinqumo ngokuxhamazela, ulawulwa imizwa. Kufanele uthandaze kuJehova, umcele akunike inhliziyo ezolile nokuhlakanipha okudingayo ukuze uxazulule le nkinga. Ungayeki ukubathemba abangane bakho. Kunalokho, zimisele ukwamukela usizo lwabo. (IzAga 17:17) Okubaluleke nakakhulu, lalela iseluleko uJehova akunika sona eZwini lakhe.—IzAga 3:5, 6.

UNGAFUNDANI KUPAWULU?

14. Eyesi-2 Thimothewu 1:12-16; 4:6-11, 17-22 ingase ikukhuthaze uma ubhekene naziphi izimo?

14 Ingabe ubhekene nokuphikiswa amalungu omndeni? Noma ingabe uhlala ezweni lapho umsebenzi wabantu bakaJehova ubekelwe khona imingcele eminingi kakhulu noma uvinjelwe ngokuphelele? Uma kunjalo, kungase kukukhuthaze ukufunda eyesi-2 Thimothewu 1:12-16 nesahluko 4:6-11, 17-22. * UPawulu wabhala la mavesi ngesikhathi eboshiwe.

15. Yini ongayithandazela kuJehova?

15 (1Thandaza. Ngaphambi kokufunda lawo mavesi, bikela uJehova inkinga yakho, umtshele nendlela ozizwa ngayo. Zisho ngokuqondile izinto ezikukhathazayo. Yibe usucela uJehova akusize ubone izimiso ongazisebenzisa endabeni kaPawulu, ezizokusiza wazi ukuthi kufanele ubhekane kanjani naleyo nkinga.

16. Ungakufingqa kanjani okwenzeka kuPawulu?

16 (2Bona ngeso lengqondo. Ake uzicabange usesimweni sikaPawulu. Wayeboshwe ngamaketanga ejele eliseRoma. Wayeke waboshwa ngaphambilini, kodwa kulokhu wayeqiniseka ngokuthi uzobulawa. Abanye abangane bakhe babemshiyile, futhi ekhathele eyimvithi.—2 Thim. 1:15.

17. Yini uPawulu ayengayenza?

17 UPawulu wayengase agxile esikhathini esidlule, acabange ukuthi ukube wayenze izinqumo ezihlukile ngabe akaboshwanga. Wayengase awacasukele amadoda asesifundazweni sase-Asiya ayemshiyile, futhi angasabathembi abanye abangane bakhe. Kodwa uPawulu akakwenzanga konke lokho. Yini eyamsiza waqhubeka ebathemba futhi engalilahli ithemba?

18. UPawulu wasabela kanjani ovivinyweni abhekana nalo?

18 (3Zindla. Phendula lo mbuzo, “Yini uPawulu ayenza ukuze azisize?” Ngisho noma uPawulu ayazi ukuthi usezofa, akazange akhohlwe yinto ebaluleke kakhulu—ukuletha udumo kuJehova. Waqhubeka ecabanga nangendlela ayengakhuthaza ngayo abanye. Wancika kuJehova ngokuthandaza njalo. (2 Thim. 1:3) Kunokuba akhathazeke ngokweqile ngalabo abamshiya, wabonisa ukwazisa okukhulu ngabangane bakhe abamsekela, baba qotho futhi bamsiza ngezindlela ezingokoqobo. Ngaphezu kwalokho, uPawulu waqhubeka etadisha iZwi likaNkulunkulu. (2 Thim. 3:16, 17; 4:13) Okubaluleke nakakhulu, wayeqiniseka ngokuphelele ngokuthi uJehova noJesu bayamthanda. Abazange bamshiye futhi babeyomvuza ngenkonzo yakhe yokwethembeka.

19. UJehova wamsiza kanjani uPawulu?

19 UJehova wayemxwayisile uPawulu ngokuthi kwakuzodingeka akhuthazelele ukushushiswa ngenxa yokuba umKristu. (IzE. 21:11-13) UJehova wamsiza kanjani uPawulu? Waphendula imithandazo kaPawulu, ngokuhamba kwesikhathi wamnika amandla. (2 Thim. 4:17) UPawulu waqinisekiswa ngokuthi wayeyowuthola umvuzo ayewusebenzele kanzima. UJehova wabuye wasebenzisa abangane abaqotho ukuze amsize.

20. Ucabanga ngencwadi yamaRoma 8:38, 39, ungamlingisa kanjani uPawulu?

20 (4Sebenzisa okufundile. Zibuze, ‘Ngingamlingisa kanjani uPawulu?’ NjengoPawulu, nathi kufanele sikulindele ukuthi sizoshushiswa ngenxa yokholo lwethu. (Marku 10:29, 30) Ukuze sihlale siqotho lapho sivivinywa, sidinga ukuthembela kuJehova ngomthandazo futhi sitadishe njalo. Kumelwe sihlale sikhumbula ukuthi enye yezinto ezibaluleke kakhulu esingazenza ukuletha udumo kuJehova. Singaqiniseka ngokuthi uJehova akasoze asishiya futhi akukho lutho olungasihlukanisa nothando analo ngathi.—Funda amaRoma 8:38, 39; Heb. 13:5, 6.

FUNDA NAKWEZINYE IZIBONELO EZISEBHAYIBHELINI

21. Yini eyasiza u-Aya noHector banqoba izinselele ababebhekene nazo?

21 Kungakhathaliseki ukuthi sibhekene naziphi izimo, singathola amandla ezibonelweni eziseBhayibhelini. Ngokwesibonelo, u-Aya iphayona laseJapane uthi indaba kaJona yamsiza wakwazi ukunqoba ukwesaba ukushumayela obala. UHector osemusha wase-Indonesia, onabazali abangamkhonzi uJehova, ukhuthazwa isibonelo sikaRuthe ukuze afunde ngoJehova futhi amkhonze.

22. Ungazuza kanjani kakhudlwana kumadrama eBhayibheli noma ochungechungeni lwezihloko oluthi “Lingisa Ukholo Lwabo”?

22 Ungazitholaphi izibonelo zeBhayibheli ezizokunika amandla? Amavidiyo, amadrama alalelwayo nezihloko ezisochungechungeni oluthi “Lingisa Ukholo Lwabo” akwenza kuphile lokho okuseBhayibhelini. * Ngaphambi kokuba ubukele, ulalele noma ufunde lezi zindaba ezicwaningwe kahle, cela uJehova akusize uthole amaphuzu abalulekile ongawasebenzisa. Zibone ngeso lengqondo uwumlingiswa oyinhloko. Zindla ngalokho lezi zinceku zikaJehova ezithandekayo ezakwenza nangendlela azisiza ngayo zanqoba ubunzima. Yibe ususebenzisa okufundile esimweni obhekene naso. Mbonge uJehova ngosizo asekunike lona kakade. Bonisa nokuthi uyalwazisa lolo sizo ngokufuna amathuba okukhuthaza nokusekela abanye.

23. Ngokuka-Isaya 41:10, 13, yini uJehova athembisa ukusenzela yona?

23 Ukuphila kuleli zwe elibuswa uSathane kungaba nzima, kuze ngisho kusiqede namandla ngezinye izikhathi. (2 Thim. 3:1) Kodwa akudingeki sikhathazeke noma sesabe. UJehova uyazi ukuthi sibhekene nani. Lapho siphelelwa amandla, uthembisa ukusibamba ngesandla sakhe sokudla esinamandla. (Funda u-Isaya 41:10, 13.) Siqiniseka ngokugcwele ukuthi uzosisekela, singathola amandla emiBhalweni futhi sikwazi ukunqoba nanoma iyiphi inkinga.

INGOMA 96 INcwadi KaNkulunkulu—IGugu

^ par. 5 Izindaba eziningi eBhayibhelini zifakazela ukuthi uJehova uyazithanda izinceku zakhe futhi uzozisiza zibhekane nanoma yiziphi izilingo. Lesi sihloko sixoxa ngokuthi ungalitadisha kanjani iBhayibheli ngendlela ezokwenza uzuze nakakhulu ezindabeni ozifundayo.

^ par. 2 Zikhona ezinye izindlela zokutadisha ongazisebenzisa ngaphandle kwalezi ezisikiselwa lapha. Ezinye zitholakala encwadini ethi INcwadi Yokucwaninga YoFakazi BakaJehova ngaphansi kwesihloko esithi “IBhayibheli” nesihlokwana esithi “Ukufunda Nokuqonda IBhayibheli.”

^ par. 14 Ningawafundi la mavesi phakathi neSifundo Se-Nqabayokulinda ebandleni.

^ par. 22 Bheka esithi “Lingisa Ukholo Lwabo—Amadoda Nabesifazane AbaseBhayibhelini” ku-jw.org. (Iya kwesithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > FAITH IN GOD.)