ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 27

INGOMA 79 Zifundiseni Ukuma Ziqine

Siza Ofunda Nabo IBhayibheli Bakhethe Ukukhonza UJehova

Siza Ofunda Nabo IBhayibheli Bakhethe Ukukhonza UJehova

‘Yimani niqinile okholweni . . . Nibe namandla.’1 KOR. 16:13.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Sizofunda ngendlela esingasiza ngayo esifunda nabo iBhayibheli babe nokholo nesibindi abasidingayo ukuze bashintshe ukuphila kwabo bakhonze uJehova.

1-2. (a) Kungani abanye esifunda nabo iBhayibheli benqikaza ukukhetha ukukhonza uJehova? (b) Yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

 ZIKHONA yini izinto ezazikukhathaza zikwenze unqikaze ukuba omunye woFakazi BakaJehova? Mhlawumbe wawesaba ukuthi osebenza nabo, abangani bakho noma umndeni wakho bazokucasukela uma uba uFakazi. Noma mhlawumbe wawunomuzwa wokuthi awusoze wakwazi ukuphila ngemithetho kaNkulunkulu. Uma wake wazizwa ngaleyo ndlela, cishe uyayiqonda indlela abazizwa ngayo labo ofunda nabo iBhayibheli abanqikazayo ukwenza isinqumo sokukhonza uJehova.

2 UJesu wayazi ukuthi ukwesaba izinto ezifana nalezo kalula nje kwakungavimbela umuntu ukuba athuthuke. (Math. 13:​20-22) Kodwa akazange ayeke ukuzama ukusiza labo ababenqikaza ukumlandela. Kunalokho, wabonisa abafundi bakhe indlela ababengabasiza ngayo labo bantu ukuba (1) babone izinto ezazibavimba ukuba bathuthuke, (2) bamthande nakakhulu uJehova, (3) babeke uJehova kuqala ekuphileni kwabo, (4) banqobe izinselele ababhekana nazo. Singakusebenzisa kanjani lokho uJesu akufundisa abafundi bakhe, njengoba sisebenzisa incwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade! ukuze sisize umuntu esifunda naye iBhayibheli akhethe ukukhonza uJehova?

SIZA OFUNDA NAYE IBHAYIBHELI ABONE IZINTO EZIMVIMBA UKUBA ATHUTHUKE

3. Yini eyayenza kube nzima ngoNikhodemu ukuba abe umfundi kaJesu?

3 UNikhodemu, wayengumbusi wamaJuda ovelele. Kodwa kunento eyayenza kubenzima ngaye ukuba abe umfundi kaJesu. Ngemva nje kwezinyanga eziyisithupha uJesu eqale inkonzo yakhe, uNikhodemu waqaphela ukuthi uJesu wayethunywe uNkulunkulu. (Joh. 3:​1, 2) Noma kunjalo, uNikhodemu wakhetha ukuhlangana noJesu ngasese ngenxa “yokwesaba amaJuda.” (Joh. 7:13; 12:42) Kungenzeka wayecabanga ukuthi wayeyolahlekelwa yizinto eziningi ngokuba umfundi kaJesu. a

4. UJesu wamsiza kanjani uNikhodemu ukuba aqonde ukuthi yini uNkulunkulu ayeyilindele ukuba ayenze?

4 UNikhodemu wayewazi uMthetho kodwa wayedinga usizo ukuze aqonde ukuthi yini uJehova ayeyilindele kuye. UJesu wamsiza kanjani? UJesu wayekulungele ukuchitha isikhathi sakhe nabanye abantu, ngisho nokuhlangana noNikhodemu ebusuku. UJesu wakusho ngokucacile lokho uNikhodemu okwakudingeka akwenze ukuze abe umfundi: ukuphenduka ezonweni zakhe, ukubhapathizwa emanzini nokubonisa ukholo eNdodaneni kaNkulunkulu.—Joh. 3:​5, 14-21.

5. Singamsiza kanjani umuntu esifunda naye iBhayibheli ukuba abone ukuthi yini emvimba ukuba athuthuke?

5 Ngisho noma umfundi weBhayibheli eyazi kahle imiBhalo, kungase kudingeke simsize abone ukuthi yini emvimba ukuba athuthuke. Umsebenzi wokuziphilisa nokuphikiswa umndeni kungase kuyiphazamise imigomo yakhe engokomoya. Ngakho yiba nesikhathi sokusiza umuntu ofunda naye. Ungase umcele ukuba niyophuza ikhofi noma nelule izinyawo ndawonye. Ngokwenza izinto ezifana nalezo, ungase umsize ukuba akuthululele isifuba ngezinselele abhekene nazo. Khuthaza ofunda naye ukuba enze izinguquko ezidingekayo, hhayi ngoba efuna ukujabulisa wena kodwa ukuze abonise uthando analo ngoJehova.

6. Ungamsiza kanjani umuntu ofunda naye iBhayibheli ukuba abe nesibindi sokusebenzisa lokho akufundayo? (1 Korinte 16:13)

6 Uma umuntu ofunda naye iBhayibheli eqiniseka ukuthi uJehova uzomsiza ukuba aphile ngokuvumelana nemithetho yeBhayibheli, uyoba nesibindi sokusebenzisa lokho akufundayo. (Funda eyoku-1 Korinte 16:13.) Indima yakho ingafaniswa nendima kathisha wesikole. Ngesikhathi usafunda isikole, yimuphi uthisa owawumthanda kunabo bonke? Cishe kwakuwuthisha owayekusiza ngesineke ukuba uzenze ngokuzethemba izinto owawunamakhono okuzenza. Ngendlela efanayo, uthisha weBhayibheli okahle akagcini nje ngokufundisa lokho uNkulunkulu afuna sikwenze, kodwa uqinisekisa nomuntu amfundisayo ukuthi ngosizo lukaJehova angakwazi ukwenza izinguquko okudingeka azenze ekuphileni kwakhe. Ungakwenza kanjani lokho?

SIZA OMFUNDELAYO UKUBA AMTHANDE NAKAKHULU UJEHOVA

7. UJesu wabasiza kanjani labo ababemlalele ukuba bamthande nakakhulu uJehova?

7 UJesu wayazi ukuthi ukuthanda uNkulunkulu kwakuyokwenza abafundi basebenzise lokho abakufundile. Wayevame ukufundisa izinto ezaziyosiza abafundi bakhe ukuba bamthande nakakhulu uBaba wabo osezulwini. Ngokwesibonelo, wafanisa uJehova nomuntu onika izingane zakhe izinto ezinhle. (Math. 7:​9-11) Kungenzeka abanye ababelalele uJesu babengakaze babe nobaba onothando ngaleyo ndlela. Cabanga ukuthi kumele ukuba bazizwa kanjani lapho uJesu elandisa umfanekiso kababa onozwela owayamukele indodana yakhe eyayibuyele ekhaya eyayenze izinto eziningi ezimbi. Babelubona uzwela uJehova ayenalo ngezingane zakhe ezisemhlabeni.—Luka 15:​20-24.

8. Ungamsiza kanjani ofunda naye iBhayibheli ukuba amthande nakakhulu uJehova?

8 Nawe ungakwazi ukusiza umuntu ofunda naye iBhayibheli ukuba amthande nakakhulu uJehova ngokulokhu ukhuluma ngezimfanelo zikaNkulunkulu ezinhle lapho nifunda. Njalo lapho nifunda, msize abone ukuthi lokho akufundayo kuhlobana kanjani nothando lukaJehova. Lapho nixoxa ngesihlengo, gcizelela ukuthi simthinta kanjani yena. (Roma 5:8; 1 Joh. 4:10) Lapho ofunda naye iBhayibheli ecabanga ngendlela uJehova amthanda ngayo yena, cishe uyomthanda nakakhulu uJehova.—Gal. 2:20.

9. Yini eyasiza uMichael ukuba ashintshe ukuphila kwakhe?

9 Cabanga ngoMichael, wase-Indonesia. Ngesikhathi eseyingane wafundiswa iqiniso, kodwa akazange abhapathizwe. Ngesikhathi eneminyaka engu-18, wahamba wayosebenza kwelinye izwe enza umsebenzi wokushayela iloli. Kamuva washada e-Indonesia, kodwa washiya umndeni wakhe ukuze aqhubeke esebenza kwelinye izwe. Phakathi naleso sikhathi, umkakhe nendodakazi yabo baqala ukutadisha iBhayibheli futhi bathuthuka. Ngemva kokushona kukamama wakhe, uMichael wanquma ukubuyela ekhaya ukuze ayonakekela ubaba wakhe futhi wavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli. Lapho befunda ingxenye ethi “Funda Okwengeziwe” esifundweni 27 encwadini ethi Phila Kuze Kube Phakade!, uMichael wathinteka ngokujulile. Njengoba ayecabanga ngendlela okumele ukuba uJehova wayezizwa ngayo njengoba ayebuka iNdodana yakhe ihlupheka, uMichael wakhala. Wasazisa nakakhulu isihlengo futhi lokho kwamenza washintsha ukuphila kwakhe wabhapathizwa.

SIZA OFUNDA NAYE IBHAYIBHELI ABEKE UJEHOVA KUQALA

10. UJesu wabasiza kanjani abafundi bakhe ukuba babeke uJehova kuqala? (Luka 5:​5-11) (Bheka nesithombe.)

10 Abafundi bokuqala basheshe babona ukuthi uJesu wayenguMesiya othenjisiwe, kodwa babedinga usizo ukuze baqonde ukuthi kwakumele babeke inkonzo kuqala. UPetru no-Andreya base bengabafundi kakade okwesikhathi esithile ngesikhathi uJesu ebamema ukuba babe abalandeli bakhe isikhathi esigcwele. (Math. 4:​18, 19) Babesebhizinisini lokudoba elichumayo futhi kungenzeka ukuthi babekanye noJakobe noJohane. (Marku 1:​16-20) Ngesikhathi uPetru no-Andreya ‘beshiya amanethi abo,’ cishe bahlela ukuthi babezoyinakekela kanjani imindeni yabo njengoba bona babelandela uJesu. Yini eyabenza babeka uNkulunkulu kuqala? Ukulandisa okukuLuka kusitshela ukuthi uJesu wenza isimangaliso esabenza baqiniseka nakakhulu ukuthi uJehova uyakwazi ukubanakekela.—Funda uLuka 5:​5-11.

Yini esingayifunda endleleni uJesu asiza ngayo abafundi bakhe ukuba babeke uJehova kuqala? (Bheka isigaba 10) b


11. Singakusebenzisa kanjani lokho okwenzeke ekuphileni kwethu ukuze siqinise ukholo lomuntu esifunda naye?

11 Ngeke sikwazi ukwenza izimangaliso njengoJesu, kodwa singakwazi ukuxoxela abanye ngendlela uJehova abasekele ngayo labo abambeka kuqala ekuphileni kwabo. Ngokwesibonelo, uyayikhumbula yini indlela uJehova akusiza ngayo lapho uqala ukuya emihlanganweni yebandla? Mhlawumbe kwadingeka uhlangane nomqashi wakho ukuze umchazele ukuthi kungani ungeke usakwazi ukusebenza isikhathi esengeziwe uma leso sikhathi singqubuzana nesikhathi sokuya emihlanganweni yebandla. Njengoba uxoxela ofunda naye izinto obhekane nazo ekuphileni kwakho, mchazele indlela ukholo lwakho olwaqina ngayo njengoba wawubona uJehova esekela isinqumo sakho sokumbeka kuqala ekuphileni kwakho.

12. (a) Kungani kufanele simeme abamemezeli abahlukahlukene lapho siqhuba isifundo seBhayibheli? (b) Ungamfundisa kanjani ngendlela ephumelelayo ofunda naye iBhayibheli usebenzisa amavidiyo? Nikeza isibonelo.

12 Ofunda naye iBhayibheli uyozuza nangokuzwa ukuthi amanye amaKristu akushintshe kanjani ukuphila kwawo ukuze abeke uJehova kuqala. Ngakho mema okholwa nabo abanezizinda ezihlukahlukene ukuba babe khona lapho uqhuba isifundo seBhayibheli. Bacele bachaze ukuthi balithola kanjani iqiniso nokuthi yini abayenzile ukuze benze inkonzo kaJehova ize kuqala ekuphileni kwabo. Ngaphezu kwalokho, zinike isikhathi sokuba wena nofunda naye nibuke amavidiyo ngaphansi kwengxenye ethi “Funda Okwengeziwe” noma ethi “Hlola Okwengeziwe” encwadini ethi Phila Kuze Kube Phakade! Ngokwesibonelo, lapho nixoxa ngesifundo 37, ungagcizelela izimiso okukhulunywa ngazo kuyividiyo ethi UJehova Uyozinakekela Izidingo Zethu.

SIZA OFUNDA NAYE ANQOBE IZINSELELE ABHEKANE NAZO

13. UJesu wabasiza kanjani abafundi bakhe ukuba bakwazi ukubhekana nokuphikiswa?

13 UJesu wabatshela izikhathi eziningi abalandeli bakhe ukuthi abanye babezobaphikisa, ngisho nezihlobo zabo imbala. (Math. 5:11; 10:​22, 36) Njengoba inkonzo kaJesu yayiya ngasemaphethelweni, waxwayisa abafundi bakhe ngokuthi babezobulawa. (Math. 24:9; Joh. 15:20; 16:2) Wabanxusa ukuba baqaphe lapho besenkonzweni. Wabeluleka ukuba bangalwi nabantu ababebaphikisa nokuba baqaphe ukuze baqhubeke beshumayela.

14. Singamsiza kanjani esifunda naye iBhayibheli alungele ukubhekana nokuphikiswa? (2 Thimothewu 3:12)

14 Singasiza esifunda naye iBhayibheli alungele ukubhekana nokuphikiswa ngokumchazela ukuthi yini angalindela ukuyizwa kubantu asebenza nabo, kubangani nasezihlotsheni. (Funda eyesi-2 Thimothewu 3:12.) Abanye asebenza nabo bangase bahlekise ngendlela entsha umfundi asebephila ngayo. Abanye, ngisho nezihlobo zakhe eziseduze, zingase zigxeke izinkolelo zakhe ezisekelwe eBhayibhelini. Uma esifunda nabo iBhayibheli sibasiza ngokushesha ukuba bakwazi ukubhekana nokuphikiswa, bayokulungela kangcono ukubhekana nakho lapho sekwenzeka.

15. Yini engasiza ofundelwa iBhayibheli akwazi ukubhekana nokuphikiswa amalungu omndeni?

15 Endabeni yokuphikiswa amalungu omndeni, khuthaza ofunda naye ukuba acabange ngokuthi yini okungenzeka icasula izihlobo zakhe. Kungenzeka zicabanga ukuthi ukhohlisiwe noma zimane nje azibathandi oFakazi BakaJehova. Ngisho nezinye izihlobo zikaJesu zazingajabule ngalokho ayekwenza. (Marku 3:21; Joh. 7:5) Fundisa ofunda nabo iBhayibheli ukuba bahlale benesineke futhi bakhulume ngomusa nabanye, okuhlanganisa namalungu emindeni yabo.

16. Singamsiza kanjani esifunda naye iBhayibheli ukuba axoxe ngezinkolelo zakhe ngendlela engacunuli?

16 Ngisho nalapho izihlobo zibonisa isithakazelo eBhayibhelini, ofundelwayo uyobe wenza ngokuhlakanipha uma engachazi yonke into ngesikhathi esisodwa. Uma echaza yonke into, izihlobo zakhe zingase zikhungatheke bese zingabe zisafuna ukuxoxa naye ngeBhayibheli. Khuthaza ofunda naye ukuba axoxe ngezinkolelo zakhe ngendlela ezokwenza izihlobo zakhe zikujabulele ukuxoxa naye esikhathini esizayo. (Kol. 4:6) Mhlawumbe angacela izihlobo zakhe ukuba zingene engosini ethi jw.org. Lokho kuyokwenza ukuba zikwazi ukufunda okwengeziwe ngoFakazi BakaJehova noma nini lapho zifisa ukwenza kanjalo.

17. Ungamqeqesha kanjani omfundelayo ukuba abhekane nemibono eyiphutha abanye abangase babenayo ngoFakazi BakaJehova? (Bheka nesithombe.)

17 Ungasebenzisa uchungechunge olunesihloko esithi “Imibuzo Evame Ukubuzwa” olutholakala ku-jw.org/zu ukuze usize ofunda naye iBhayibheli alungele ukuyiphendula ngendlela elula imibuzo engase ibuzwe yizihlobo zakhe noma asebenza nabo. (2 Thim. 2:​24, 25) Ekupheleni kwesifundo ngasinye, buyekezani ingxenye ethi “Abanye Abantu Bathi” encwadini ethi Phila Kuze Kube Phakade! Khuthaza ofunda naye iBhayibheli ukuba akubonise ukuthi uzozichaza kanjani izinkolelo zakhe ngamazwi akhe. Unganqikazi ukumnika amacebiso okuthi angayithuthukisa kanjani indlela achaza ngayo izinkolelo zakhe. Ukuprakthiza naye kuyomsiza akwazi ukumelela ukholo lwakhe ngokuzethemba.

Khuthaza ofunda naye iBhayibheli ukuba ashumayele ngokuprakthiza naye kusengaphambili (Bheka isigaba 17) c


18. Ungamkhuthaza kanjani ofunda naye iBhayibheli ukuba aqale ukushumayela nebandla? (Mathewu 10:27)

18 UJesu wanxusa abafundi bakhe ukuba bashumayele izindaba ezinhle kubantu. (Funda uMathewu 10:27.) Uma umfundi esheshe eqala ukuxoxela abanye ngokholo lwakhe, uyoshesha ukufunda ukuthembela kuJehova. Ungamsiza kanjani ofunda naye ukuba lokho akwenze umgomo wakhe? Uma ebandleni okulo kumenyezelwa ukuthi kuzoba nomkhankaso wokushumayela, khuthaza ofunda naye ukuba acabange ngokuthi yini angayenza ukuze afanelekele ukuba ummemezeli. Mchazele ukuthi kungani abaningi bekuthole kulula ukuqala ukushumayela lapho kunemikhankaso enjalo. Angazuza nasezinkulumweni zaphakathi nesonto ezisiqeqesha ukuba sikwazi ukukhuluma nabantu. Njengoba ezama ukufanelekela ukunikeza izinkulumo uyofunda ukuchaza izinkolelo zakhe ngokuqiniseka.

BONISA UKUTHI UYAMETHEMBA OFUNDA NAYE

19. UJesu wabonisa kanjani ukuthi wayebethemba abafundi bakhe futhi singamlingisa kanjani?

19 Ngaphambi kokuba uJesu anyukele ezulwini, watshela abafundi bakhe ukuthi wayeyophinde abe nabo. Babengaqondi ukuthi uJesu wayekhuluma ngokuya kwabo ezulwini. Noma kunjalo, wagxila ekubeni qotho kwabo, hhayi ekungabazeni kwabo. (Joh. 14:​1-5, 8) Wayazi ukuthi babedinga isikhathi ukuze baqonde izinto ezithile, njengethemba lasezulwini. (Joh. 16:12) NjengoJesu, nathi singabonisa esifunda nabo ukuthi siyazi ukuthi bayafuna ukujabulisa uJehova.

Uma umfundi esheshe eqala ukuxoxela abanye ngokholo lwakhe, uyoshesha ukufunda ukuthembela kuJehova

20. Udade waseMalawi wabonisa kanjani ukuthi wayemethemba umuntu ayefunda naye iBhayibheli?

20 Sihlale sinethemba lokuthi esifunda nabo bayafuna ukwenza okulungile. Ngokwesibonelo, cabanga ngoChifundo udade waseMalawi. Waqalisa isifundo seBhayibheli nowesifazane osemusha ongumKatolika, okuthiwa u-Alinafe, esebenzisa incwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade! Njengoba beqeda ukuxoxa ngesifundo 14, uChifundo wabuza afunda naye ukuthi ucabangani ngokusebenzisa izithombe lapho sikhonza uNkulunkulu. U-Alinafe wahlengezela izinyembezi waphendula wathi, “Ngumuntu ozinqumelayo ukuthi wenzenjani!” UChifundo wayecabanga ukuthi u-Alinafe wayengeke esavuma ukufunda. Kodwa ngesineke waqhubeka efunda no-Alinafe, enethemba lokuthi ngokuhamba kwesikhathi uzolithola iphuzu. Ngemva kwezinyanga ezimbalwa, uChifundo wambuza umbuzo osesifundweni 34, othi: “Ukutadisha iBhayibheli nokwazi uNkulunkulu weqiniso, uJehova, kukuzuzise kanjani kuze kube manje?” UChifundo uchaza indlela u-Alinafe aphendula ngayo, “Wakhuluma ngamaphuzu amaningi amahle elinye lawo lalithi oFakazi BakaJehova abazenzi izinto iBhayibheli elingahambisani nazo.” Ngokushesha ngemva kwalokho u-Alinafe wayeka ukusebenzisa izithombe wafanelekela ukubhapathizwa.

21. Singamsiza kanjani umuntu esifunda naye iBhayibheli ukuba enze isinqumo sokukhonza uJehova?

21 Nakuba kunguJehova “okhulisayo,” sinendima ethile ekusizeni umuntu esifunda naye iBhayibheli ukuba athuthuke. (1 Kor. 3:7) Senza okungaphezu kokumfundisa lokho uNkulunkulu afuna akwenze. Simsiza ukuba amthande ngokujulile uJehova. Simkhuthaza nokuba abonise uthando analo ngoJehova ngokumbeka kaqala ekuphileni kwakhe. Simfundisa nokuba ancike kuJehova lapho ebhekene nezinselele ezithile. Lapho simbonisa ukuthi siyamethemba, simenza aqiniseke nakakhulu ukuthi naye angakwazi ukuphila ngokuvumelana nemithetho kaJehova futhi akhethe ukumkhonza.

INGOMA 55 Ningabesabi!

a Ngemva kweminyaka emibili nohhafu ahlangana noJesu, uNikhodemu wayeseyilungu lenkantolo ephakeme yamaJuda. (Joh. 7:​45-52) Ngokusho kwenye incwadi, ukulandisa kubonisa ukuthi uNikhodemu waze waba umfundi ngemva kokuba uJesu esefile.—Joh. 19:​38-40.

b INCAZELO YEZITHOMBE: UPetru nabanye abadobi bashiya ibhizinisi lokudoba ukuze balandele uJesu.

c INCAZELO YESITHOMBE: Udade usiza afunda naye iBhayibheli ukuba alungiselele ukuyoshumayela.