AMACEBISO OKUTADISHA

Indlela Ongakhumbula Ngayo ImiBhalo

Indlela Ongakhumbula Ngayo ImiBhalo

Wake waba yini nenkinga yokukhumbula ivesi leBhayibheli olithandayo? Kungaba ivesi elikududuzayo, elikusiza ukuba ulwisane nemicabango emibi noma ivesi ofuna ukulixoxela abanye. (IHu. 119:​11, 111) Nakhu ukusikisela okungakusiza ukhumbule imiBhalo.

  • Sebenzisa umaki ku-JW Library®. Ngaphansi kwengxenye ethi Personal Study, cofa uphawu lokuqala olungakwesokudla maqondana namagama athi Notes and Tags, uzenzele isihloko esithi “ImiBhalo Engiyithandayo,” ngaphansi kwaso ufake noma yimiphi imiBhalo ongathanda ukuyikhumbula.

  • Beka umBhalo la uzowubona khona. Libhale ephepheni ivesi leBhayibheli ofuna ukulikhumbula, ulibeke lapho ozolibona khona njalo. Abanye balibeka esibukweni; abanye balinamathisela emnyango wefriji. Kanti abanye bashutha isithombe somBhalo basenze i-screen saver ekhompyutheni yabo noma efonini yabo.

  • Sebenzisa amakhadi noma amaphepha amancane. Kolunye uhlangothi bhala incwadi yeBhayibheli, isahluko nevesi, kolunye uhlangothi ubhale amazwi alowo mBhalo. Sebenzisa uhlangothi obhale kulo incwadi yeBhayibheli, isahluko nevesi ukuze uzame ukukhumbula amazwi alowo mBhalo, noma usebenzise uhlangothi olunamazwi omBhalo ukuze uzame ukukhumbula ukuthi utholakala kuphi eBhayibhelini.