Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 30

Isiprofetho Sasendulo Esibalulekile Kuwe

Isiprofetho Sasendulo Esibalulekile Kuwe

“Ngizobeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane.”​—GEN. 3:15.

INGOMA 15 Dumisani IZibulo LikaJehova!

AMAZWIBELA *

1. Yini uJehova ayenza ngemva nje kokona kuka-Adamu no-Eva? (Genesise 3:15)

 NGEMVA nje kokona kuka-Adamu no-Eva, uJehova wasebenzisa isiprofetho esibalulekile ukuze anikeze isizukulwane sabo ithemba. Lokho akusho kusencwadini kaGenesise 3:15.​—Yifunde.

2. Yini ekhethekile ngalesi siprofetho?

2 Lesi siprofetho sitholakala encwadini yokuqala yeBhayibheli. Kodwa ngandlela-thile, zonke ezinye izincwadi zeBhayibheli zihlobene naso. Njengoba nje umqolo webhuku uwahlanganisa ndawonye wonke amakhasi alo, amazwi abhalwe kuGenesise 3:15 nawo akuhlanganisa konke okuqukethwe izincwadi zeBhayibheli kube umyalezo owodwa, owukuthi kwakuyothunyelwa uMsindisi ozobhubhisa uDeveli nabalandeli bakhe abakhohlakele. * Kuyoba isibusiso sangempela leso kulabo abathanda uJehova!

3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Kulesi sihloko, sizophendula le mibuzo elandelayo ngesiprofetho esikuGenesise 3:15: Obani okukhulunywa ngabo? Sigcwaliseka kanjani lesi siprofetho? Sizuza kanjani kuso?

OBANI OKUKHULUNYWA NGABO KULESI SIPROFETHO?

4. Ingubani ‘inyoka,’ futhi sikwazi kanjani lokho?

4 KuGenesise 3:14, 15 kukhulunywa ‘ngenyoka,’ ‘inzalo’ yenyoka, “owesifazane” “nenzalo” yowesifazane. IBhayibheli lisisiza siqonde ukuthi bangobani. * Ake siqale ‘ngenyoka.’ Inyoka yangempela yayingeke ikuqonde lokho uJehova akusho ensimini yase-Edene. Ngakho, isidalwa uJehova ayesahlulela kumelwe ukuba sasihlakaniphile. Sasingubani? IsAmbulo 12:9 siyiveza ngokucacile impendulo. Kulowo mBhalo “inyoka yokuqala” ivezwa ngokucacile ukuthi nguSathane uDeveli. Kodwa obani abayinzalo yenyoka?

INYOKA

USathane uDeveli, lowo isAmbulo 12:9 esimbiza ngokuthi “inyoka yokuqala” (Bheka isigaba 4)

5. Obani abayinzalo yenyoka?

5 Lapho iBhayibheli likhuluma ngenzalo engokomfanekiso, lisuke libhekisela kulabo abacabanga nabenza njengobaba wabo ongokomfanekiso. Ngakho, inzalo yenyoka ihlanganisa izingelosi ezingathembekile nabantu abalingisa uSathane ngokumelana noJehova uNkulunkulu nangokuphikisa abantu baKhe. Lokho kuhlanganisa izingelosi ezashiya indawo yazo ezulwini ngosuku lukaNowa nabantu abakhohlakele abaziphatha njengoyise, uDeveli.​—Gen. 6:1, 2; Joh. 8:44; 1 Joh. 5:19; Jude 6.

INZALO YENYOKA

Izingelosi ezingathembekile nabantu abenqaba ukulalela uJehova uNkulunkulu nabaphikisa abantu baKhe (Bheka isigaba 5)

6. Kungani “owesifazane” kwakungeke kube ngu-Eva?

6 Manje ake sibone ukuthi ungubani “owesifazane.” Kwakungeke kube ngu-Eva. Kungani? Cabanga ngesizathu esisodwa nje. Isiprofetho sithi inzalo yowesifazane ‘yayiyochoboza’ ikhanda lenyoka. Njengoba sixoxile, inyoka iyisidalwa somoya, uSathane, ngakho ayikho inzalo ka-Eva enesono eyayizokwazi ukumchoboza. Kwakuzodingeka okungaphezu kwalokho.

7. Njengoba kuboniswe encwadini yesAmbulo 12:1, 2, 5, 10, ungubani owesifazane okukhulunywa ngaye kuGenesise 3:15?

7 Incwadi yokugcina eBhayibhelini yembula ukuthi ungubani lo wesifazane okukhulunywa ngaye kuGenesise 3:15. (Funda isAmbulo 12:1, 2, 5, 10.) Akuyena owesifazane ovamile lo! Kunenyanga ngaphansi kwezinyawo zakhe nomqhele wezinkanyezi ezingu-12 ekhanda lakhe. Ubeletha ingane engajwayelekile​—uMbuso kaNkulunkulu. UMbuso ungowasezulwini, ngakho nowesifazane kumelwe naye abe owasezulwini. Umelela ingxenye esezulwini yenhlangano kaJehova, eyakhiwa izidalwa zakhe zomoya ezithembekile.​—Gal. 4:26.

OWESIFAZANE

Ingxenye esezulwini yenhlangano kaJehova eyakhiwa izidalwa zomoya ezithembekile (Bheka isigaba 7)

8. Ubani oyinzalo eyinhloko yowesifazane, futhi waba nini yiyo? (Genesise 22:15-18)

8 IZwi likaNkulunkulu lisisiza sibone nenzalo eyinhloko yowesifazane. Le nzalo kwakufanele ivele esizukulwaneni sika-Abrahama. (Funda uGenesise 22:15-18.) Njengoba leso siprofetho sabikezela, uJesu wayeyinzalo yaleyo nhloko yomndeni ethembekile. (Luka 3:23, 34) Kodwa le nzalo kwakuyodingeka ibe namandla kunomuntu ovamile ngenxa yokuthi kwakufanele ichoboze uSathane uDeveli angaphinde abe khona. Ngakho, lapho uJesu eseneminyaka ecishe ibe ngu-30, wagcotshwa ngomoya ongcwele njengeNdodana kaNkulunkulu. Lapho egcotshwa, waba yinzalo eyinhloko yowesifazane. (Gal. 3:16) Ngemva kokufa nokuvuswa, uNkulunkulu “wamthwesa umqhele wenkazimulo nodumo” wamnika “lonke igunya ezulwini nasemhlabeni,” okuhlanganisa negunya ‘lokubhidliza imisebenzi kaDeveli.’​—Heb. 2:7; Math. 28:18; 1 Joh. 3:8.

INZALO YOWESIFAZANE

UJesu Kristu kanye nabangu-144 000 abagcotshiwe abayobusa naye (Bheka izigaba 8-9)

9-10. (a) Obani abanye abayingxenye yenzalo yowesifazane, futhi baba nini yiyo? (b) Yini esizoyihlola manje?

9 Kodwa kwakuzoba nengxenye yesibili yenzalo. Umphostoli uPawulu wayiveza le ngxenye yenzalo lapho etshela amaKristu agcotshiwe angamaJuda naweZizwe: “Uma ningabakaKristu, ngempela niyinzalo ka-Abrahama, izindlalifa ngokuqondene nesithembiso.” (Gal. 3:28, 29) Lapho uJehova egcoba umKristu ngomoya ongcwele, lowo muntu uba ingxenye yenzalo yowesifazane. Ngakho, inzalo ihlanganisa uJesu Kristu nabangu-144 000 abayobusa kanye naye. (IsAm. 14:1) Bonke laba babonisa umoya kaYise, uJehova uNkulunkulu.

10 Njengoba sesibazi labo okukhulunywa ngabo kuGenesise 3:15, ake sihlole indlela uJehova abelokhu esigcwalisa ngayo lesi siprofetho nokuthi sizuza kanjani.

SIGCWALISEKE KANJANI LESI SIPROFETHO?

11. Inzalo yowesifazane yalimala “esithendeni” ngamuphi umqondo?

11 Ngokwesiprofetho esikuGenesise 3:15, inyoka yayiyoshaya inzalo yowesifazane “esithendeni.” Lokho kwagcwaliseka lapho uSathane esebenzisa amaJuda namaRoma ukuba abulale iNdodana kaNkulunkulu. (Luka 23:13, 20-24) Njengoba nje ukulimala esithendeni kungenza umuntu angakwazi ukuhamba okwesikhashana, nokufa kukaJesu kwamenza wangakwazi kwenza lutho okwesikhashana njengoba ayesethuneni izinsuku ezintathu.—Math. 16:21.

12. Liyochotshozwa kanjani ikhanda lenyoka futhi nini?

12 Uma kwakufanele sigcwaliseke isiprofetho esikuGenesise 3:15, uJesu wayengeke ahlale esethuneni. Kungani? Kungoba ngokwesiprofetho, inzalo yayizochoboza inyoka ekhanda. Lokhu kusho kuthi uJesu kwakuyodingeka alulame ekulimaleni kwakhe esithendeni. Ngempela walulama! Ngosuku lwesithathu ngemva kokufa kwakhe, uJesu wavuswa njengesidalwa somoya. Ngesikhathi esifanele sikaNkulunkulu, uJesu uzomchoboza uSathane angaphinde abe khona. (Heb. 2:14) Labo abayobusa noKristu bayoba nengxenye ekubhubhiseni zonke izitha zikaNkulunkulu​—inzalo yenyoka.​—IsAm. 17:14; 20:4, 10. *

SIZUZA KANJANI KULESI SIPROFETHO?

13. Sizuza kanjani ekugcwalisekeni kwalesi siprofetho?

13 Uma uyinceku kaNkulunkulu ezinikezele, uyazuza ekugcwalisekeni kwalesi siprofetho. UJesu weza emhlabeni ewumuntu. Uye wabubonisa ngokuphelele ubuntu bukaYise. (Joh. 14:9) Ngakho, ngokufunda ngoJesu sesiyamazi futhi sesiyamthanda uJehova uNkulunkulu. Sizuzile ezimfundisweni naseziqondisweni zikaJesu njengoba ehola ibandla lobuKristu namuhla. Usifundise ukuthi singaphila kanjani ngendlela eyosenza samukelwe uJehova. Sonke singazuza ekufeni kukaJesu​—ekulimaleni kwakhe esithendeni. Kanjani? Lapho uJesu evuswa, wanikela ngegazi lakhe eliyigugu laba umhlatshelo ophelele ‘osihlanza kuso sonke isono.’​—1 Joh. 1:7.

14. Ingabe isintu kwakufanele silindele ukuba sigcwaliseke ngokushesha isiprofetho esashiwo e-Edene? Chaza.

14 Amazwi uJehova awasho e-Edene abonisa ukuthi kwakuyodlula isikhathi esithile ngaphambi kokuba sigcwaliseke ngokuphelele lesi siprofetho. Kwakuyothatha isikhathi ukuba owesifazane abe nenzalo ethenjisiwe, uDeveli ahlanganise abalandeli bakhe nokuba kwakheke ubutha (noma inzondo) phakathi kwala maqembu amabili. Ukwazi ngalesi siprofetho kuyasizuzisa ngoba sisixwayisa ngokuthi izwe elilawulwa uSathane liyozizonda izikhonzi zikaJehova. UJesu kamuva wabaxwayisa ngento efanayo abafundi bakhe. (Marku 13:13; Joh. 17:14) Sikubone ngokucacile ukugcwaliseka kwaleyo ngxenye yesiprofetho, ikakhulu phakathi neminyaka eyikhulu edlule. Kanjani?

15. Kungani izwe selibazonda nakakhulu abantu bakaNkulunkulu kodwa kungani kungadingeki simesabe uSathane?

15 Ngokushesha nje ngemva kokumiswa kukaJesu njengeNkosi enguMesiya ngo-1914, uSathane waxoshwa ezulwini. Manje ugcinwe la emhlabeni, ulinde ukubhujiswa. (IsAm. 12:9, 12) Kodwa njengoba elindile, akasongile izandla. USathane uthukuthele uyangqangqa, ukhiphela isibhongo kubantu bakaNkulunkulu. (IsAm. 12:13, 17) Ngenxa yaleso sizathu, izwe selibazonda nakakhulu abantu bakaNkulunkulu. Nokho, asikho isidingo sokwesaba uSathane nabalandeli bakhe. Kunalokho, singaqiniseka njengomphostoli uPawulu owabhala: “Uma uNkulunkulu engakithi, ubani oyomelana nathi?” (Roma 8:31) Simethemba ngokuphelele uJehova ngenxa yokuthi siyibonile igcwaliseka ingxenye enkulu yesiprofetho esikuGenesise 3:15.

16-18. Ukuqonda uGenesise 3:15 kumzuzise kanjani uCurtis, u-Ursula noJessica?

16 Isithembiso sikaJehova esikuGenesise 3:15 singasisiza sibhekane nanoma yiluphi uvivinyo. UCurtis, oyisithunywa sevangeli eGuam, uthi: “Ngezinye izikhathi, ngabhekana nezinkinga nokudumazeka okwavivinya ubuqotho bami kuJehova. Kodwa ukuzindla ngesiprofetho esikuGenesise 3:15 kuye kwangisiza ngaqhubeka ngimethemba uBaba wami osezulwini.” UCurtis ubheke phambili esikhathini lapho uJehova eyoqeda khona lonke uvivinyo lwethu.

17 Udade waseBavaria, u-Ursula uthi ukuqonda uGenesise 3:15 kwamsiza waqiniseka ngokuthi iBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu. Wabona indlela zonke ezinye iziprofetho ezihlobene ngayo nalesi siprofetho, lokho kwamthinta ngokujulile. Uyanezela: “Kwangithinta inhliziyo ukufunda ukuthi uJehova wathatha isinyathelo ngokushesha ukuze isintu singahlali singenalo ithemba.”

18 UJessica, waseMicronesia, uthi: “Ngisayikhumbula namanje indlela engazizwa ngayo lapho ngiqaphela ukuthi ngithole iqiniso! Kwakugcwaliseka isiprofetho esikuGenesise 3:15. Kungisize ngakhumbula ukuthi izinto esibhekana nazo manje azikona lokho uJehova ayekuhlosile. Lesi siprofetho siye sangisiza ngaqiniseka nakakhulu ukuthi ukukhonza uJehova kuwukuphila okungcono kunakho konke engingaba nakho manje nokungcono ngisho nakakhulu engizoba nakho esikhathini esizayo.”

19. Kungani singaqiniseka ngokuthi ingxenye yokugcina yesiprofetho izogcwaliseka?

19 Njengoba sibonile, uGenesise 3:15 uyagcwaliseka manje. Sibone ngokucacile ukuthi ingubani inzalo yowesifazane nenzalo yenyoka. UJesu, ingxenye eyinhloko yenzalo yowesifazane, walulama ekulimaleni kwakhe esithendeni futhi manje useyiNkosi ekhazimulayo, engasoze yafa. Ukukhethwa kwalabo abayingxenye yesibili yenzalo sekuzophela. Ngenxa yokuthi ingxenye yokuqala yesiprofetho isigcwalisekile, sinesizathu esihle sokuqiniseka ngokuthi ingxenye yokugcina, ukuchotshozwa kwekhanda lenyoka, izogcwaliseka. Abantu abathembekile bayojabula kakhulu lapho uSathane ebhujiswa! Kuze kube yileso sikhathi, ungapheli amandla. UNkulunkulu wethu uthembekile. Esebenzisa inzalo yowesifazane, uyolethela “zonke izizwe zomhlaba” izibusiso eziningi.​—Gen. 22:18.

INGOMA 23 UJehova Uqala Ukubusa Kwakhe

^ Ngeke siwazise ngokugcwele umyalezo weBhayibheli kuze kube yilapho sesisiqonda isiprofetho esikuGenesise 3:15. Ukutadisha lesi siprofetho kungaqinisa ukholo lwethu kuJehova, kusenze siqiniseke nakakhulu ngokuthi uzozigcwalisa zonke izithembiso zakhe.

^ Bheka ISithasiselo B1, “Umyalezo WeBhayibheli,” enguqulweni ethi IBhayibheli​—ImiBhalo Engcwele.

^ Bheka ibhokisi elithi “Okukhulunywa Ngabo KuGenesise 3:14, 15.”