Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 4

Qhubeka Uhlakulela Uthando

Qhubeka Uhlakulela Uthando

“Othandweni lobuzalwane thandanani omunye nomunye.”—ROMA 12:10.

INGOMA 109 Thanda Kakhulu Ngokusuka Enhliziyweni

AMAZWIBELA *

1. Yini ebonisa ukuthi abantu abanalo uthando namuhla?

IBHAYIBHELI labikezela ukuthi ezinsukwini zokugcina abantu ngeke babe nalo “uthando.” (2 Thim. 3:1, 3) Siyakubona ukugcwaliseka kwalesi siprofetho namuhla. Ngokwesibonelo, imindeni eyizigidi ihlukene phakathi ngenxa yedivosi, abazali abazwani futhi izingane aziluboni uthando. Ngisho nemindeni ehlala ekhaya elilodwa ingase ingazani. Omunye umeluleki wemindeni uthi, “Umama, ubaba, nezingane zakhona abazani, yilowo nalowo uzenzela okwakhe, into abagxile kuyo nje amakhompyutha, amathebhulethi, amafoni, noma imidlalo yamavidiyo. Nakuba le mindeni ingaphansi kophahla olulodwa, ayazani kahle.”

2-3. (a) Ngokwencwadi yabaseRoma 12:10, obani okufanele sibathande? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

2 Asifuni ukubunjwa umoya waleli zwe elingenalo uthando. (Roma 12:2) Kunalokho, kudingeka sibe nothando, singagcini nje ngokuthanda amalungu emindeni yethu kodwa nalabo esihlobene nabo okholweni. (Funda eyabaseRoma 12:10.) Luyini uthando? Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi ‘uthando’ lichaza ngokuqondile ubungane obufudumele obuphakathi kwamalungu omndeni asondelene. Yilolo hlobo lothando okufanele sibe nalo ngabafowethu nodadewethu abasebandleni. Lapho sibonisa uthando, sisiza kube nobunye obuyingxenye ebalulekile ekukhonzeni uJehova.—Mika 2:12.

3 Ukuze sibe nalolu thando futhi silubonise, ake sibone ukuthi yini esingayifunda ezibonelweni eziseBhayibhelini.

UJEHOVA—“UNOTHANDO OLUKHULU”

4. UJakobe 5:11 usisiza kanjani sazise ukujula kothando lukaJehova?

4 IBhayibheli lembula izimfanelo zikaJehova ezinhle. Ngokwesibonelo, lithi “uNkulunkulu uluthando.” (1 Joh. 4:8) Lokho nje kukodwa kusisondeza kuye. IBhayibheli liphinde lithi uJehova “unothando olukhulu.” (Funda uJakobe 5:11.) Yeka indlela efudumele ebonisa ukuthi uJehova usithanda kangakanani!

5. UJehova usibonisa kanjani isihe, futhi singamlingisa kanjani?

5 Phawula ukuthi uJakobe 5:11 uhlobanisa uthando lukaJehova nenye imfanelo esisondeza kuye—umusa wakhe. (Eks. 34:6) Enye indlela uJehova asibonisa ngayo umusa ukuthethelela amaphutha esiwenzayo. (IHu. 51:1) EBhayibhelini isihe sihilela okungaphezu kokuthethelela. Isihe umuzwa ojulile osuka ngaphakathi kumuntu lapho ebona othile ososizini, futhi umenze afune ukumsiza. UJehova uthi isifiso esijulile anaso sokusisiza singaphezu kwemizwa umama anayo ngomntanakhe. (Isaya 49:15) Lapho sisosizini, isihe sikaJehova simenza afune ukusisiza. (IHu. 37:39; 1 Kor. 10:13) Singababonisa isihe abafowethu nodadewethu ngokubathethelela, singababambeli igqubu lapho besidumaza. (Efe. 4:32) Kodwa indlela eyinhloko esingabonisa ngayo isihe ukusiza abafowethu nodadewethu lapho besebunzimeni. Lapho uthando lusenza sibe nesihe kwabanye, sisuke silingisa uJehova, isibonelo esikhulu kakhulu sothando.—Efe. 5:1.

UJONATHANI NODAVIDE—“BABA ABANGANE ABAKHULU”

6. UJonathani noDavide babonisa kanjani ukuthi bayathandana?

6 IBhayibheli lisitshela ngabantu abanesono ababonisa uthando. Cabanga ngesibonelo sikaJonathani noDavide. IBhayibheli lithi: “UJonathani noDavide baba abangane abakhulu, uJonathani waqala ukumthanda njengoba ezithanda yena.” (1 Sam. 18:1) UDavide wayegcotshelwe ukuba yinkosi ngemva kukaSawule. USawule waqala ukumzonda uDavide, wazama nokumbulala. Kodwa indodana kaSawule uJonathani ayizange ihambisane noyise njengoba ayezama ukubulala uDavide. UJonathani noDavide bathembisana ukuhlale bengabangane futhi basekelane ngaso sonke isikhathi.—1 Sam. 20:42.

Ukungalingani ngeminyaka akumvimbanga uJonathani noDavide ukuba babe abangane abathandana kakhulu (Bheka izigaba 6-9)

7. Yini eyayingase ivimbele uJonathani noDavide ukuba babe abangane?

7 Uthando olwaluphakathi kukaJonathani noDavide lumangalisa nakakhulu uma sicabanga ngezinto ezazingase zibavimbe bangabi abangane. Ngokwesibonelo, uJonathani wayemdala kunoDavide ngeminyaka engaba ngu-30. UJonathani wayengase aphethe ngokuthi ayikho into afana ngayo nale nsizwa esencane engakabi umakad’ ebona. Noma kunjalo, uJonathani akazange ambukele phansi uDavide.

8. Ucabanga ukuthi kungani uJonathani ayengumngane omuhle kuDavide?

8 UJonathani wayengase abe nomona ngoDavide. Njengendodana yeNkosi uSawule, uJonathani wayengase abe nenkani athi nguye onelungelo lokuthatha ubukhosi ngemva kukayise. (1 Sam. 20:31) Kodwa uJonathani wayethobekile futhi eqotho kuJehova. Ngakho, wasisekela ngenhliziyo yakhe yonke isinqumo sikaJehova sokukhetha uDavide abe inkosi elandelayo. Wayeqotho nakuDavide, nakuba lokho kwamcasula kakhulu uSawule.—1 Sam. 20:32-34.

9. Ingabe uJonathani wayembheka njengembangi yakhe uDavide? Chaza.

9 UJonathani wayemthanda uDavide, ngakho akazange ambheke njengembangi yakhe. UJonathani wayengumcibisheli onekhono futhi eyiqhawe elinesibindi. Yena noyise, uSawule, babedume ngokuba “nejubane ngaphezu kwezinkozi” futhi “benamandla ngaphezu kwamabhubesi.” (2 Sam. 1:22, 23) Ngakho, uJonathani wayengase achome ngezinto ayezenzile ezibonisa ubuqhawe. Kodwa wayengancintisani namuntu futhi engenawo umona. Ngokuphambene nalokho, uJonathani wayemthanda uDavide ngenxa yesibindi ayenaso nokuthi wayethembela kuJehova. Empeleni, kwakungemva kokuba uDavide ebulale uGoliyati lapho uJonathani aqala khona ukuthanda uDavide njengoba ezithanda yena. Singabonisa kanjani ukuthi sibathanda ngendlela efanayo abafowethu nodadewethu?

SINGALUBONISA KANJANI UTHANDO NAMUHLA?

10. Kusho ukuthini ‘ukuthandana kakhulu ngokusuka enhliziyweni’?

10 IBhayibheli lisitshela ukuthi ‘sithandane kakhulu ngokusuka enhliziyweni.’ (1 Pet. 1:22) UJehova usibekela isibonelo kule ndaba. Usithanda kakhulu kangangokuba uma siqotho kuye, ayikho into eyosihlukanisa naye. (Roma 8:38, 39) Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “kakhulu” lidlulisela umqondo wokunweba—ngisho nokuziphoqa. Ngezinye izikhathi, kungase kudingeke “sizinwebe” noma “siziphoqe” ukuze sithande abafowethu nodadewethu. Lapho abanye besiphatha kabi, kudingeka siqhubeke ‘sibekezelelana ngothando, sizama ngenkuthalo ukugcina ubunye bomoya esibophweni esihlanganisayo sokuthula.’ (Efe. 4:1-3) Lapho sizikhandla ukuze sigcine ‘isibopho sokuthula,’ siyowashalazela amaphutha abafowethu. Sizokwenza konke esingakwenza ukuze sibabheke ngendlela uJehova ababheka ngayo.—1 Sam. 16:7; IHu. 130:3.

U-Evodiya noSintike bayalwa ukuba babe nomqondo ofanayo—okuyinto okungelula ukuyenza ngaso sonke isikhathi nabafowethu nodadewethu (Bheka isigaba 11)

11. Kungani kungase kube nzima ngezinye izikhathi ukubonisa uthando?

11 Akulula ngaso sonke isikhathi ukubonisa abafowethu nodadewethu ukuthi siyabathanda, ikakhulukazi lapho siwabona amaphutha abo. Kubonakala sengathi lokhu kwakuyinkinga nakumaKristu angekhulu lokuqala. Ngokwesibonelo, cishe u-Evodiya noSintike babengenankinga ‘nokuzabalaza kanye [noPawulu] ezindabeni ezinhle.’ Kodwa ngasizathu simbe babengazwani. Ngakho uPawulu wabanxusa “ukuba babe nomqondo ofanayo eNkosini.”—Fil. 4:2, 3.

Abadala abasebasha nasebekhulile bangakwazi ukuba abangane abakhulu (Bheka isigaba 12)

12. Yini esingayenza ukuze sithande abafowethu nodadewethu?

12 Yini esingayenza ukuze sithande abafowethu nodadewethu namuhla? Lapho sibazi kangcono abafowethu nodadewethu, kuyoba lula ukubaqonda nokubathanda. Iminyaka yabo nesizinda sabo ngeke kube inkinga. Khumbula ukuthi uJonathani wayemdala kunoDavide ngeminyaka engaba ngu-30; noma kunjalo baba abangane abakhulu. Ungasithatha yini isinyathelo sokuqala sokuba umngane nomuntu omdala, noma omncane kunawe? Ngokwenza kanjalo, ungabonisa ukuthi ‘uthanda bonke okholwa nabo.’—1 Pet. 2:17.

Bheka isigaba 12 *

13. Kungani singase singasondelani ngendlela efanayo nawo wonke umuntu ebandleni?

13 Ingabe ukuthanda abafowethu nodadewethu kusho ukuthi siyosondelana ngendlela efanayo nawo wonke umuntu ebandleni? Cha, lokho akunakwenzeka. Akukubi ukusondelana kakhulu nabanye ngenxa yokuthi nithanda izinto ezifanayo. UJesu wabiza bonke abaphostoli bakhe ngokuthi “abangane,” kodwa wayesondelene kakhulu noJohane. (Joh. 13:23; 15:15; 20:2) Nokho, uJesu wayengakhethi iphela emasini. Ngokwesibonelo, ngesikhathi uJohane nomfowabo uJakobe becela ukuhlala eduze kukaJesu eMbusweni kaNkulunkulu, uJesu wathi: “Ukuhlala ngakwesokudla sami noma ngakwesobunxele sami akukhona okwami ukuba ngiphane ngakho.” (Marku 10:35-40) NjengoJesu, nathi akufanele sikhethe iphela emasini, siphathe abangane bethu abaseduze njengokungathi bangcono kunabanye. (Jak. 2:3, 4) Ukwenza kanjalo kungabangela ukwahlukana ebandleni—okuyinto engenandawo ebandleni lobuKristu.—Jude 17-19.

14. NgokweyabaseFilipi 2:3, yini ezosisiza sigweme ukuncintisana?

14 Lapho sibonisa ukuthi siyathandana, sisuke sivikela ibandla ligweme ukuncintisana. Khumbula ukuthi uJonathani akazange azame ukuncintisana noDavide, babange ukuthi ubani ozoba inkosi elandelayo. Sonke singasilingisa isibonelo sikaJonathani. Ungabheki abafowenu nodadewenu njengezimbangi zakho ngenxa yamakhono abanawo, ‘kodwa ngokuthobeka bheka abanye njengabakhulu kunawe.’ (Funda eyabaseFilipi 2:3.) Khumbula ukuthi wonke umuntu unendawo yakhe ebandleni. Uma sithobekile, siyobona okuhle kubafowethu nodadewethu futhi siyozuza ezibonelweni zabo zokwethembeka.—1 Kor. 12:21-25.

15. Ufundani kulokho okwenzeka kuTanya nomndeni wakhe?

15 Lapho kwenzeka izinto esingazilindele ekuphileni kwethu, uJehova uyasiduduza ngokusibonisa ukuthi uyasithanda nangosizo olungokoqobo esiluthola kubafowethu nodadewethu. Cabanga ngalokho okwenzeka komunye umndeni owawuseMhlanganweni WeZizwe ka-2019 e-United States, owawunesihloko esithi “Uthando Alusoze Lwaphela Nanini!” UTanya, umama wezingane ezintathu, uthi, “Sasibuyela ehhotela esasilele kulo ngesikhathi enye imoto iphaphalaza, yazosishayisa. Akulimalanga muntu, kodwa saphuma emotweni sama eceleni komgwaqo, kuxega amadolo. Kunomuntu owasiqhweba wathi asize emotweni yakhe ukuze siphephe. Kwakungomunye wabafowethu naye owayephuma emhlanganweni. Akuyena yedwa owama. Abafowethu abahlanu baseSweden ababeyizihambeli nabo bama. Odade basihaga ngemfudumalo mina nendodakazi yami, okuyinto esasiyidinga ngempela! Ngabaqinisekisa ukuthi kuzolunga bangaqhubeka nendlela, kodwa benqaba ukusishiya sodwa. Bahlala nathi kwaze kwafika abosizo lokuqala, futhi baqiniseka ngokuthi sasinakho konke esikudingayo. Phakathi naso sonke leso sikhathi esinzima, saluzwa uthando lukaJehova. Lokhu okwenzeka kwasenza sabathanda nakakhulu abafowethu nodadewethu, kwasenza samthanda futhi samazisa nakakhulu uJehova.” Uyasikhumbula yini isikhathi lapho wawudinga khona usizo futhi abafowethu nodadewethu bakubonisa uthando?

16. Yiziphi izizathu esinazo zokubonisana uthando?

16 Cabanga ngalokho okwenzekayo lapho sibonisana uthando. Siduduza abafowethu nodadewethu lapho bebhekene nezinkinga. Siqinisa ubunye phakathi kwabantu bakaNkulunkulu. Sibonisa ukuthi singabafundi bakaJesu, futhi lokhu kuheha abantu abafuna ngempela ukukhonza uJehova ngeqiniso. Ngaphezu kwakho konke, sidumisa “uYise wesihe, uNkulunkulu wenduduzo yonke,” uJehova. (2 Kor. 1:3) Kwangathi sonke singaqhubeka sihlakulela uthando futhi silubonise ngezenzo!

INGOMA 130 Yiba Othethelelayo

^ par. 5 UJesu wathi abafundi bakhe babeyobonakala ngothando ababonisana lona. Sonke siyazama ukulalela lowo myalo. Kufanele sifunde ukuthanda abafowethu ngendlela esithanda ngayo amalungu emindeni yethu esisondelene nawo. Lesi sihloko sizosisiza sakhe futhi silondoloze uthando ngalabo esihlobene nabo okholweni.

^ par. 55 INCAZELO YESITHOMBE: Umdala osemusha osizwa umdala osekhulile onesipiliyoni wamukelwa ngemfudumalo ekhaya lomdala osekhulile. Bona nomkabo babonisa ukuthi bayakujabulela ukuba ndawonye.