ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 14
Ingabe Uyifeza Ngokugcwele Inkonzo Yakho?
“[Yenza] umsebenzi womvangeli, uyifeze ngokugcwele inkonzo yakho.”—2 THIM. 4:5.
INGOMA 57 Ukushumayeza Zonke Izinhlobo Zabantu
AMAZWIBELA *
Ngemva kokuvuswa kwakhe, uJesu wahlangana nabafundi bakhe wabayala ukuba bahambe bayokwenza abantu “babe abafundi” (Bheka isigaba 1)
1. Yini zonke izinceku zikaNkulunkulu ezifuna ukuyenza, futhi kungani? (Bheka isithombe esisesembozweni.)
UKRISTU JESU wayala abalandeli bakhe ukuba bahambe bayokwenza “abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.” (Math. 28:19) Zonke izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile zifuna ukufunda izindlela ‘zokuyifeza ngokugcwele’ le nkonzo eziyinikwe ukuba ziyenze. (2 Thim. 4:5) Phela awukho umsebenzi obalulekile, owanelisayo nophuthuma kunalona ekuphileni. Nokho, kungase kube nzima ukuchitha isikhathi eside ngendlela esithanda ngayo enkonzweni.
2. Yibuphi ubunzima esibhekana nabo njengoba sizama ukufeza inkonzo yethu?
2 Kukhona neminye imisebenzi ebalulekile edinga isikhathi namandla ethu. Kungase kudingeke sisebenze amahora amaningi ngosuku ukuze sibe nemali yokunakekela imindeni yethu. Singase sihlushwe ezinye izinkinga zomndeni, ukugula, kucindezeleka noma izinkinga zokuguga. Singayifeza kanjani ngokugcwele inkonzo yethu kuyilapho sibhekene nalezi zimo ezinzima?
3. Yini esingaphetha ngayo lapho sihlola amazwi kaJesu akuMathewu 13:23?
3 Uma izimo zethu zinciphisa isikhathi esingasichitha enkonzweni kaJehova, akufanele sidikibale. UJesu wayazi ukuthi ngeke sikhiqize izithelo zoMbuso ezilinganayo. (Funda uMathewu 13:23.) UJehova uyakwazisa konke esikwenza enkonzweni yakhe, uma nje senza konke okusemandleni ethu. (Heb. 6:10-12) Ngakolunye uhlangothi, singase sibe nomuzwa wokuthi izimo zethu ziyasivumela ukuba senze okwengeziwe. Kulesi sihloko, sizohlola ukuthi singayenza kanjani inkonzo ize kuqala ekuphileni kwethu, sigcine ukuphila kwethu kulula futhi sithuthukise amakhono ethu okushumayela nokufundisa. Nokho, kusho ukuthini ukuyifeza ngokugcwele inkonzo yethu?
4. Kusho ukuthini ukuyifeza ngokugcwele inkonzo yethu?
4 Kalula nje, ukuze siyifeze ngokugcwele inkonzo yethu, kumelwe sihlanganyele ngokugcwele emsebenzini wokushumayela nokufundisa. Kodwa kuningi okuhilelekile kunesikhathi esisichitha senza lo msebenzi. Isisusa sokushumayela sibalulekile kuJehova. Ngenxa yokuthi sithanda uJehova nomakhelwane bethu, sisebenza ngomphefumulo wonke enkonzweni yethu yobuKristu. * (Marku 12:30, 31; Kol. 3:23) Ukukhonza uNkulunkulu ngomphefumulo wonke kusho ukuzinikela, ukusebenzisa amandla ethu ngokuphelele enkonzweni yakhe. Uma silazisa ilungelo lokwenza umsebenzi wokushumayela, siyozama ukushumayeza abantu abaningi ngangokunokwenzeka.
5-6. Bonisa indlela umuntu onesikhathi esincane angenza ngayo inkonzo ize kuqala ekuphileni.
5 Cabanga ngensizwa ethanda ukudlala isiginci. Iyakuthanda ukudlala umculo noma nini lapho ithola isikhathi. Ibe isithola umsebenzi wokudlala isiginci esitolo sokudlela ngezimpelasonto. Nokho, imali eyitholayo incane kakhulu. Ngakho ibe isisebenza esitolo esithengisa ukudla kusukela ngoMsombuluko kuze kube uLwesihlanu. Nakuba ichitha isikhathi esiningi isesitolo esidayisa ukudla, into eyithanda kakhulu ukudlala umculo. Ifisa ukuthuthukisa ikhono layo ukuze iziphilise ngokudlala umculo. Nokho, iyalijabulela ithuba elitholayo lokudlala umculo, ngisho noma lilincane.
6 Ngendlela efanayo, kungenzeka unesikhathi esincane ongasichitha emsebenzini wokushumayela. Kodwa lona yiwona msebenzi owuthandayo. Ngakho ulwela ukuthuthukisa ikhono lokufinyelela izinhliziyo zabantu ngezindaba ezinhle. Njengoba ziziningi izinto okumelwe uzenze, kungenzeka uyazibuza ukuthi ungawenza kanjani umsebenzi wokushumayela ube yinto eza kuqala ekuphileni kwakho.
INDLELA YOKWENZA INKONZO IZE KUQALA
7-8. Singasilingisa kanjani isimo sengqondo sikaJesu ngenkonzo?
7 UJesu wasibekela isibonelo esihle endleleni ayeyibheka ngayo inkonzo. Ukukhuluma ngoMbuso kaNkulunkulu kwakuyinto esemqoka ekuphileni kwakhe. (Joh. 4:34, 35) Wahamba amabanga amade ukuze ashumayeze abantu abaningi. Wayewasebenzisa wonke amathuba okukhuluma nabantu ezindaweni zomphakathi nasemizini yabo. Ukuphila kukaJesu kwakugxile enkonzweni.
8 Singamlingisa uKristu ngokuvula amathuba okukhuluma ngezindaba ezinhle noma nini uma kungenzeka. Sizimisele ukudela ukunethezeka kwethu ukuze senze umsebenzi wokushumayela. (Marku 6:31-34; 1 Pet. 2:21) Abanye ebandleni bakhonza njengamaphayona akhethekile, avamile noma asizayo. Abanye baye bafunda ukukhuluma olunye ulimi noma bathuthela endaweni enesidingo sabamemezeli. Nokho, umsebenzi omkhulu wokushumayela wenziwa abamemezeli boMbuso abangewona amaphayona, abenza konke okusemandleni abo. Kunoma yikuphi, uJehova akafuni okungaphezu kwalokho esingamnika kona. Ufuna sonke siyijabulele inkonzo yethu engcwele njengoba simemezela ‘izindaba ezinhle ezikhazimulayo zikaNkulunkulu ojabulayo.’—1 Thim. 1:11; Dut. 30:11.
9. (a) Ngisho noma ayenza umsebenzi wokuziphilisa, uPawulu wawubeka kanjani umsebenzi wokushumayela kuqala ekuphileni kwakhe? (b) IzEnzo 28:16, 30, 31 zibonisani ngendlela uPawulu ayeyibheka ngayo inkonzo yakhe?
9 Umphostoli uPawulu wabeka isibonelo esihle sokwenza inkonzo ibe umsebenzi obaluleke kakhulu ekuphileni kwakhe. Ngesikhathi eseKorinte ohambweni lwakhe lwesibili njengesithunywa sevangeli, wayenemali encane kakhulu ngakho kwadingeka ukuba asebenze enze amatende. Nokho, uPawulu wayengabheki ukwenza amatende njengomsebenzi wakhe oyinhloko. Wayenza lowo msebenzi ukuze azisekele enkonzweni futhi ashumayele izindaba ezinhle kwabaseKorinte “ngaphandle kwenkokhiso.” (2 Kor. 11:7) Nakuba uPawulu kwakudingeka asebenze ukuze aziphilise, waqhubeka egxile ekushumayeleni, futhi wayeshumayela njalo ngeSabatha. Lapho izimo zakhe zishintsha, uPawulu wakwazi ukuchitha isikhathi esengeziwe enkonzweni. “Waba matasa kakhulu ngezwi, efakaza kumaJuda ukuze abonise ukuthi uJesu unguKristu.” (IzE. 18:3-5; 2 Kor. 11:9) Kamuva, ngesikhathi eboshwe iminyaka emibili endlini yakhe eRoma, uPawulu wayeshumayeza izivakashi futhi ebhala izincwadi. (Funda izEnzo 28:16, 30, 31.) UPawulu wayezimisele ukungavumeli lutho lumphazamise enkonzweni yakhe. Wabhala: “Kungakho singayeki, ngoba sinale nkonzo.” (2 Kor. 4:1) NjengoPawulu, ngisho noma kudingeka sichithe isikhathi emsebenzini wokuziphilisa, singawenza umsebenzi woMbuso kube yiwo obaluleke kakhulu ekuphileni.
Ziningi izindlela esingayifeza ngayo ngokugcwele inkonzo yethu (Bheka izigaba 10-11)
10-11. Singayifeza kanjani ngokugcwele inkonzo yethu uma sinezinkinga zempilo?
10 Uma sehluleka ukushumayela endlini ngendlu ngenxa yokuguga noma izinkinga zempilo, singasebenzisa ezinye izindlela zokushumayela. AmaKristu angekhulu lokuqala ayeshumayeza abantu noma kuphi lapho babetholakala khona. Ayesebenzisa wonke amathuba okukhuluma ngeqiniso endlini ngendlu, emphakathini nangokwethukela—noma kuphi lapho “okwakwenzeka ukuba babe khona” abantu. (IzE. 17:17; 20:20) Uma singakwazi ukuhamba ibanga elide, singahlala endaweni enabantu abadlulayo esingabashumayeza. Singashumayela ngokwethukela, ngokubhala izincwadi noma ngokushaya ucingo. Abamemezeli abaningi abanezinkinga zempilo noma ezinye izinkinga bathola injabulo nokwaneliseka ngokusebenzisa lezi zindlela ezihlukile zokushumayela.
11 Ngisho noma uhlushwa yimpilo, ungayifeza ngokugcwele inkonzo yakho. Cabanga futhi ngesibonelo sikaPawulu. Wathi: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.” (Fil. 4:13) UPawulu wayewadinga la mandla ngesikhathi egula lapho esohambeni lwakhe njengesithunywa sevangeli. Wachaza kwabaseGalathiya: “Kwakungenxa yokugula kwenyama yami ukuthi ngazimemezela kini okokuqala izindaba ezinhle.” (Gal. 4:13) Ngendlela efanayo, izinkinga zakho zempilo zingakunika amathuba okushumayela izindaba ezinhle kwabanye, njengodokotela, abahlengikazi kanye nabanye abakunakekelayo. Iningi lalaba bantu lisuke lisemsebenzini lapho singqongqoza emizini yabo.
INDLELA YOKUGCINA UKUPHILA KWAKHO KULULA
12. Kusho ukuthini ukugcina iso lakho “lilihle”?
12 UJesu wathi: “Isibani somzimba yiso. Khona-ke, uma iso lakho lilihle, umzimba wakho wonke uzokhanya.” (Math. 6:22) Wayesho ukuthini? Wayesho ukuthi kudingeka sigcine ukuphila kwethu kulula noma sigxile emgomweni owodwa, singaphazamiseki noma sigudluke kuwo. UJesu wabeka isibonelo ngokugxilisa ukuphila kwakhe enkonzweni futhi wafundisa abafundi bakhe ukuba baqhubeke begxile ekukhonzeni uJehova naseMbusweni waKhe. Silingisa uJesu ngokuphila ukuphila okulula okugxile enkonzweni yobuKristu, sifune “kuqala umbuso nokulunga” kukaNkulunkulu.—Math. 6:33.
13. Yini engasisiza sigxile enkonzweni yethu yobuKristu?
13 Enye yezindlela zokugxila enkonzweni yethu ukwenza ukuphila kwethu kube lula ukuze sichithe isikhathi esiningi sisiza abanye ukuba bazi futhi bathande uJehova. * Ngokwesibonelo, singawahlela yini amahora ethu omsebenzi wokuziphilisa ukuze sikwazi ukuchitha isikhathi esiningi enkonzweni phakathi nesonto? Singanciphisa yini ezokuzijabulisa ezidla isikhathi sethu esiningi?
14. Yiluphi ushintsho olwenziwa enye indoda nomkayo ukuze bachithe isikhathi esiningi enkonzweni?
14 Nakhu okwenziwa u-Elias ongumdala kanye nomkakhe. Uyachaza: “Sasingeke sikwazi ukuphayona ngaleso sikhathi, kodwa kukhona esasingakwenza. Ngakho senza izinto ezithile ukuze sandise isikhathi esisichitha emsebenzini wokushumayela. Ngokwesibonelo, sanciphisa izindleko zethu, sanciphisa ezokuzijabulisa esibonayo manje ukuthi saseqisa kuzo, futhi sacela ukuba abaqashi bethu bashintshe isikhathi sethu sokusebenza ukuze sikwazi ukushumayela. Ngenxa yalokho, sakwazi ukushumayela kusihlwa, saqhuba izifundo zeBhayibheli ezengeziwe futhi sakwazi ukuya ensimini phakathi nesonto kabili ngenyanga. Lokho kwasijabulisa ngempela!”
INDLELA YOKUTHUTHUKISA AMAKHONO OKUSHUMAYELA NOKUFUNDISA
Ukusebenzisa lokho esikufunda emihlanganweni yaphakathi nesonto kusisiza siqhubeke sithuthuka enkonzweni yethu (Bheka izigaba 15-16) *
15-16. Ngokweyoku-1 Thimothewu 4:13, 15, singawathuthukisa kanjani amakhono ethu okushumayela? (Bheka nebhokisi elithi “ Imigomo Engangisiza Ngiyifeze Ngokugcwele Inkonzo Yami.”)
15 Enye indlela yokufeza inkonzo ngokugcwele ukuthuthukisa amakhono ethu okushumayela. Abantu abenza imisebenzi ethile IzAga 1:5; funda eyoku-1 Thimothewu 4:13, 15.
kudingeka bafundiswe futhi baqeqeshwe ngokuqhubekayo ukuze bathuthukise ulwazi namakhono abo. Kunjalo nangabamemezeli boMbuso. Kudingeka siqhubeke sifunda indlela yokuba nekhono enkonzweni yethu.—16 Singaqhubeka kanjani sithuthuka enkonzweni yethu? Ngokulalela isiqondiso esisithola masonto onke eMhlanganweni Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu. Lo mhlangano uyasiqeqesha ukuze siqhubeke sithuthukisa amakhono ethu enkonzweni yasensimini. Ngokwesibonelo, lapho usihlalo eluleka labo abenza izabelo zabafundi, singathola amacebiso angasisiza sithuthuke enkonzweni yethu. Singawasebenzisa ngokoqobo lawo macebiso ngokulandelayo lapho sixoxa nomuntu ngezindaba ezinhle. Singacela umbonisi weqembu lensimu ukuba asisize noma asebenze nathi ensimini noma sisebenze nomunye ummemezeli ongumakad’ ebona, iphayona noma umbonisi wesigodi. Njengoba siba nekhono lokusebenzisa ithuluzi ngalinye eBhokisini Lamathuluzi Okufundisa, siyokujabulela nakakhulu ukushumayela nokufundisa.
17. Uyotholani lapho uyifeza ngokugcwele inkonzo yakho?
17 Kuyilungelo ngempela ukuthi uJehova uyasivumela sibe “yizisebenzi ezikanye” naye! (1 Kor. 3:9) Lapho uqiniseka “ngezinto ezibaluleke kakhulu” futhi ugxila enkonzweni yobuKristu, uyokhonza “uJehova ngokuthokoza.” (Fil. 1:10; IHu. 100:2) Njengesikhonzi sikaNkulunkulu, ungaqiniseka ngokuthi uyokunika amandla owadingayo ukuze uyifeze inkonzo yakho kungakhathaliseki ukuthi yibuphi ubunzima noma izinkinga obhekene nazo. (2 Kor. 4:1, 7; 6:4) Kungakhathaliseki ukuthi izimo zakho zikuvumela ukuba ube nesikhathi esiningi noma esincane sokushumayela, ungaba naso “isizathu sokwethaba” lapho inkonzo yakho uyenza ngomphefumulo wonke. (Gal. 6:4) Lapho uyifeza ngokugcwele inkonzo yakho, ubonisa ukuthi uthanda uJehova nomakhelwane. “Ngokwenza lokhu uyozisindisa wena nabakulalelayo.”—1 Thim. 4:16.
INGOMA 58 Ukucinga Abangane Bokuthula
^ isig. 5 Sithunywe ukuba sishumayele izindaba ezinhle zoMbuso futhi senze abafundi. Lesi sihloko sizoxoxa ngendlela esingayifeza ngayo ngokugcwele inkonzo yethu ngisho nalapho sibhekene nobunzima. Sizofunda nangendlela esingenza ngayo umsebenzi wethu wokushumayela uphumelele futhi ujabulise.
^ isig. 4 INCAZELO YAMAGAMA: Inkonzo yobuKristu ihlanganisa ukushumayela nokufundisa, ukwakha nokunakekela izakhiwo zenhlangano nokwenza umsebenzi wokusiza ezinhlekeleleni.—2 Kor. 5:18, 19; 8:4.
^ isig. 13 Bheka izinyathelo eziyisikhombisa ezisebhokisini elithi “Indlela Yokwenza Ukuphila Kwakho Kube Lula” kuyi-Nqabayokulinda kaJulayi 2016, k. 10.
^ isig. 62 INCAZELO YEZITHOMBE: Udade wenza isabelo sempindelo emhlanganweni waphakathi nesonto. Ngemva kwalokho, njengoba usihlalo enikeza iseluleko, ubhala amaphuzu encwajaneni yakhe ethi Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni. Kamuva ngempelasonto, usebenzisa lokho akufunde emhlanganweni enkonzweni yasensimini.