Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 15

Lingisa UJesu Uhlale Unokuthula

Lingisa UJesu Uhlale Unokuthula

“Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu.”—FIL. 4:7.

INGOMA 113 Imfuyo Yethu Yokuthula

AMAZWIBELA *

1-2. Kungani uJesu ayekhathazekile?

NGOSUKU lokugcina ngaphambi kokuba abulawe, uJesu wayekhathazekile. Maduze wayezobulawa ngonya amadoda angenamthetho. Kodwa ukufa kwakhe kwakungekona ukuphela kwento eyayimkhathaza. UJesu wayemthanda uYise futhi efuna ukumjabulisa. Wayazi ukuthi uma ehlala eqotho ngaphansi kovivinyo olunzima olwalusondela wayeyoba negalelo ekulwelweni kwegama likaJehova. UJesu wayebathanda nabantu futhi wayazi ukuthi ithemba lethu lokuthola ukuphila okuphakade lincike ekutheni ahlale ethembekile kuze kube sekufeni.

2 Ngisho noma uJesu ayecindezelekile, wayenokuthula. Wathi kubaphostoli bakhe, “Ngininika ukuthula kwami.” (Joh. 14:27) ‘Wayenokuthula kukaNkulunkulu,’ ukuzola okubangelwa ukuba nobuhlobo obuhle noJehova. Lokho kuthula kwamsiza uJesu wayeka ukukhathazeka.—Fil. 4:6, 7.

3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Akekho kithi oyoke abhekane nobunzima uJesu abhekana nabo, kodwa bonke abalandela uJesu bayobhekana nezilingo. (Math. 16:24, 25; Joh. 15:20) NjengoJesu, ngezinye izikhathi siyozizwa sikhathazekile. Yini esingayenza ukuze ukukhathazeka kungasincishi ukuthula kwengqondo? Ake sihlole izinto ezintathu uJesu azenza phakathi nenkonzo yakhe ngesikhathi elapha emhlabeni, sibone ukuthi singamlingisa kanjani lapho sibhekana nezilingo.

UJESU WAYETHANDAZA NJALO

Singahlala sinokuthula ngokuthandaza (Bheka izigaba 4-7)

4. Ucabanga ngeyoku-1 Thesalonika 5:17, yisho izibonelo ezibonisa ukuthi uJesu wathandaza kaningi ngosuku lwakhe lokugcina ngaphambi kokuba afe.

4 Funda eyoku-1 Thesalonika 5:17. UJesu wathandaza kaningi phakathi nosuku lwakhe lokugcina ngaphambi kokuba afe. Lapho ebonisa abafundi bakhe ukuthi basenze kanjani isikhumbuzo sokufa kwakhe, wathandazela isinkwa newayini. (1 Kor. 11:23-25) Ngaphambi kokuba ahambe endaweni ababenzela kuyo iPhasika, wathandaza nabafundi bakhe. (Joh. 17:1-26) Lapho yena nabafundi befika eNtabeni YemiNqumo ngalobo busuku, wathandaza ngokuphindaphindiwe. (Math. 26:36-39, 42, 44) Amazwi akhe okugcina awasho ngaphambi kokuba afe ayewumthandazo. (Luka 23:46) UJesu wathandaza kuJehova ngakho konke okwakwenzeka ngalolo suku olungasoze lwalibaleka.

5. Kungani abaphostoli bengakwazanga ukuqunga isibindi?

5 Esinye sezizathu esenza uJesu wakhuthazela ukuthi wancika kuYise ngomthandazo. Ngakolunye uhlangothi, abaphostoli abazange baphikelele emthandazweni ngalobo busuku. Ngenxa yalokho, abakwazanga ukuqunga isibindi lapho uvivinyo lufika. (Math. 26:40, 41, 43, 45, 56) Lapho sibhekana novivinyo, sizohlala sithembekile kuphela uma silingisa uJesu ‘sithandaze njalo.’ Yini esingayithandazela?

6. Ukholo luzosisiza kanjani sibe nokuthula?

6 Singathandaza kuJehova simcele ‘asiphe ukholo olwengeziwe.’ (Luka 17:5; Joh. 14:1) Sidinga ukholo ngoba uSathane uzobavivinya bonke abalandeli bakaJesu. (Luka 22:31) Ukholo luzosisiza kanjani sibe nokuthula ngisho nalapho izilingo zisifikela zilandelana? Lapho sesenze konke esingakwenza ukuze sinqobe isilingo, ukholo luzosenza sishiyele konke kuJehova. Ngenxa yokuthi sikholelwa ukuthi uNkulunkulu ukwazi kangcono ukusingatha izinto kunathi, siba nokuthula kwengqondo.—1 Pet. 5:6, 7.

7. Yini oyifundile kulokho okushiwo uRobert?

7 Umthandazo usisiza sihlale sinokuthula kwangaphakathi kungakhathaliseki ukuthi sibhekana naziphi izilingo. Cabanga ngesibonelo sikaRobert, umdala othembekile owevile eminyakeni engu-80. Uthi: “Amazwi akweyabaseFilipi 4:6, 7 angisize ngabhekana nezilingo eziningi ekuphileni kwami. Kuye kwadingeka ngibhekane nezinkinga zezimali. Ngesinye isikhathi ngalahlekelwa ilungelo lokukhonza njengomdala.” Yini eye yasiza uRobert ukuba ahlale enokuthula kwangaphakathi? Uthi: “Uma nje ngiqala ukukhathazeka, ngiyathandaza. Ngikholelwa ukuthi ukuthandaza kaningi kuyangisiza ngibe nokuthula.”

UJESU WASHUMAYELA NGENTSHISEKO

Singahlala sinokuthula ngokushumayela (Bheka izigaba 8-10)

8. Njengoba kubonisiwe kuJohane 8:29, yisiphi esinye isizathu esenza uJesu waba nokuthula kwangaphakathi?

8 Funda uJohane 8:29. UJesu wayenokuthula kwangaphakathi ngisho nalapho eshushiswa ngoba wayazi ukuthi ujabulisa uYise. Walalela ngisho nalapho kwakunzima ukwenza kanjalo. Wayemthanda uYise futhi ukukhonza uJehova kwakuza kuqala ekuphileni kwakhe. Ngaphambi kokuba eze emhlabeni, ‘wayeyisisebenzi esiyingcweti’ sikaNkulunkulu. (IzAga 8:30) Lapho esemhlabeni, wafundisa abanye ngentshiseko ngoYise. (Math. 6:9; Joh. 5:17) Lo msebenzi wamjabulisa kakhulu uJesu.—Joh. 4:34-36.

9. Ukuba matasa emsebenzini wokushumayela kungasisiza kanjani sibe nokuthula kwangaphakathi?

9 Singamlingisa uJesu ngokulalela uJehova nangokuba “nokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi.” (1 Kor. 15:58) Lapho ‘siba matasa kakhulu’ emsebenzini wokushumayela, sikwazi kangcono ukubhekana nezinkinga zethu. (IzE. 18:5) Ngokwesibonelo, labo esihlangana nabo ensimini ngokuvamile babhekana nezinkinga ezinkulu kunezethu. Nokho, lapho beqala ukuthanda uJehova futhi bekusebenzisa lokho akushoyo, ukuphila kwabo kuyashintsha futhi baba nenjabulo. Isikhathi ngasinye lapho sibona lezi zinguquko, siqiniseka nakakhulu ngokuthi uJehova uzosinakekela. Lokhu kuqiniseka kusisiza sibe nokuthula kwangaphakathi. Udade obelokhu ehlushwa imizwa yokuzenyeza nokucindezeleka ukuphila kwakhe konke wakubona ukuba iqiniso kwalokhu. Uthi: “Lapho ngimatasa enkonzweni ngizizwa nginokuthula kwangaphakathi futhi ngijabule. Ngicabanga ukuthi lokhu kudalwa ukuthi lapho ngisensimini, ngizizwa ngisondelene nakakhulu noJehova.”

10. Yini oyifundile kulokho okushiwo uBrenda?

10 Cabanga nangesibonelo sikadade ogama lakhe uBrenda. Yena nendodakazi yakhe banesifo i-multiple sclerosis. UBrenda uhamba ngesihlalo sabakhubazekile futhi uyashesha ukukhathala. Ngezinye izikhathi ushumayela endlini ngendlu, kodwa uvame ukushumayela ngokubhala izincwadi. Uthi: “Ngesikhathi ngamukela engqondweni nasenhliziyweni ukuthi okwamanje ngeke ngikwazi ukwenza lutho ngesimo engikuso, ngakwazi ukugxila enkonzweni yami. Empeleni, ukushumayela kungenza ngizikhohlwe izinkathazo zami, ngigxile ekusizeni abantu engibashumayezayo ensimini yebandla lakithi. Kungikhumbuza nangethemba enginalo lesikhathi esizayo.”

UJESU WAYELWAMUKELA USIZO LWABANGANE BAKHE

Singahlala sinokuthula ngokuba nabangane abawusizo (Bheka izigaba 11-15)

11-13. (a) Abaphostoli nabanye bazibonisa ngaziphi izindlela bengabangane bangempela kuJesu? (b) Wazuza kanjani uJesu ngokuba nabangane abawusizo?

11 Phakathi nenkonzo kaJesu, abaphostoli abathembekile baba isikhuthazo kuye. Benza lokho incwadi yezAga ekushoyo lapho ithi: “Kukhona umngane onamathela ngaphezu komfowenu.” (IzAga 18:24) UJesu wayebathanda kakhulu. Phakathi nenkonzo yakhe, akekho ngisho noyedwa umfowabo owaba nokholo kuye. (Joh. 7:3-5) Ngesinye isikhathi, izihlobo zakhe zaze zacabanga ukuthi uyahlanya. (Marku 3:21) Ngokungafani nazo, uJesu wayengasho lokhu kubaphostoli bakhe ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe: “Nina aningishiyanga ekulingweni kwami.”—Luka 22:28.

12 Ngezinye izikhathi abaphostoli babemdumaza uJesu. Kodwa akazange agxile emaphutheni abo, kunalokho wayebona ukholo ababenalo kuye. (Math. 26:40; Marku 10:13, 14; Joh. 6:66-69) Ngobusuku bokugcina enabo ngaphambi kokuba abulawe, uJesu wathi kula madoda aqotho: “Nginibizé ngokuthi ningabangane, ngoba zonke izinto engizizwe kuBaba nginazisile zona.” (Joh. 15:15) Akungabazeki ukuthi abangane bakaJesu babemkhuthaza. Indlela ababemsekela ngayo yenza uJesu wachichima injabulo.—Luka 10:17, 21.

13 Ngaphezu kwalokho, uJesu wayenabanye abangane besilisa nabesifazane ababemsiza emsebenzini wokushumayela nangezinye izindlela. Abanye babemamukela emizini yabo ukuze adle nabo. (Luka 10:38-42; Joh. 12:1, 2) Abanye babehamba naye futhi bamuphe izinto ababenazo. (Luka 8:3) UJesu wayenabangane abalusizo ngenxa yokuthi naye wayebasiza. Wayebenzela izinto ezinhle futhi engalindele okungaphezu kwalokho ababengakwenza. UJesu wayephelele, kodwa wayekwazisa ukusekela ayekuthola kubangane bakhe. Ngokuqinisekile bamsiza wahlala enokuthula kwangaphakathi.

14-15. Singabathola kanjani abangane abawusizo, futhi bangasisiza kanjani?

14 Abangane abawusizo bazosisiza sihlale siqotho kuJehova. Indlela engcono yokuba nabangane abawusizo iwukuba nathi ngokwethu sibe abangane abawusizo. (Math. 7:12) Ngokwesibonelo, iBhayibheli lisikhuthaza ukuba sisebenzise isikhathi namandla ethu ukuze sisize abanye, ikakhulukazi labo ‘abaswele.’ (Efe. 4:28) Ukhona yini ebandleni lakini ongamsiza? Ungakwazi yini ukuyothengela osekhulile noma ogulayo okuthile? Ungawusiza yini umndeni odonsa kanzima ngokwezimali ngokuwupha ukudla? Uma ukwazi ukusebenzisa iwebusayithi ethi jw.org® ne-JW Library®, ungabasiza yini nabanye ebandleni bakwazi ukuyisebenzisa? Uma sigxila ekusizeni abanye, siyothola injabulo.—IzE. 20:35.

15 Abangane esinabo bazosisekela lapho sibhekana nezilingo, basisize sihlale sinokuthula kwangaphakathi. Njengoba u-Elihu alalela lapho uJobe echaza izilingo zakhe, abangane bethu bayasisiza ngokulalelisisa lapho sibatshela izinkinga zethu. (Jobe 32:4) Akufanele silindele ukuba basenzele izinqumo, kodwa kuwukuhlakanipha ukulalela izeluleko zabo ezivela eBhayibhelini. (IzAga 15:22) Njengoba nje iNkosi uDavide yalwamukela ngokuthobeka usizo kubangane bayo, akufanele siqhoshe, sizibone singaludingi usizo lwabangane bethu lapho sisenkingeni. (2 Sam. 17:27-29) Ngempela, abangane abawusizo bayisipho esivela kuJehova.—Jak. 1:17.

INDLELA YOKUHLALA SINOKUTHULA

16. NgokweyabaseFilipi 4:6, 7, iyiphi okuwukuphela kwendlela esingathola ngayo ukuthula? Chaza.

16 Funda eyabaseFilipi 4:6, 7. Kungani uJehova ethi ukuthula asinikeza kona singakuthola “ngoKristu Jesu”? Yingoba singathola ukuthula kwengqondo nenhliziyo ezolile kuphela uma siqonda futhi sinokholo endimeni uJesu anayo ezinjongweni zikaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, ngomhlatshelo wesihlengo sikaJesu, zonke izono zethu zingathethelelwa. (1 Joh. 2:12) Lokhu kuyasiduduza ngempela! NjengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, uJesu uyolungisa noma iziphi izinhlupheko esibhekana nazo ezibangelwa uSathane nezwe lakhe. (Isaya 65:17; 1 Joh. 3:8; IsAm. 21:3, 4) Ukwazi lokhu kusinika ithemba! Nakuba uJesu esinikeze isabelo esinzima, ngeke asishiye, uzosisekela phakathi nezinsuku zokugcina zalesi simiso. (Math. 28:19, 20) Lokho kusenza sibe nesibindi! Induduzo, ithemba nesibindi—lezi ngezinye zezinto ezibaluleke kakhulu esizidingayo ukuze sibe nokuthula kwengqondo.

17. (a) UmKristu angahlala kanjani enokuthula kwangaphakathi? (b) NgokukaJohane 16:33, yini esizokwazi ukuyenza?

17 Ungahlala kanjani-ke unokuthula kwengqondo lapho ubhekene nezilingo ezinkulu? Ngokwenza lokho uJesu akwenza. Okokuqala, phikelela emthandazweni. Okwesibili, lalela uJehova futhi ushumayele ngentshiseko ngisho nalapho kunzima ukwenza lokho. Okwesithathu, lwamukele usizo oluvela kubangane lapho ubhekene nezilingo. Khona-ke ukuthula kukaNkulunkulu kuzoqapha ingqondo nenhliziyo yakho. NjengoJesu, uzonqoba noma isiphi isilingo.—Funda uJohane 16:33.

INGOMA 41 Yizwa Umkhuleko Wami

^ isig. 5 Sonke kumelwe sibhekane nezinkinga ezingasincisha ukuthula. Lesi sihloko sixoxa ngezinto ezintathu uJesu azenza, okuyizinto nathi esingazenza ukuze sihlale sinokuthula, ngisho noma sikhuthazelela ubunzima obukhulu.