Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe uzifunde ngokucophelela izihloko zalo nyaka ze-Nqabayokulinda? Ake ubone ukuthi ungakwazi yini ukuphendula le mibuzo elandelayo:

Yini esenza sikhazimulise uJehova?

Simkhazimulisa ngoba simhlonipha ngokujulile uJehova futhi simthanda kakhulu. Simkhazimulisa nangenxa yokuthi sifuna abanye bamazi.—w25.01, k. 3.

Uma othile esiphatha kabi, yini engasenza sithethelele kakhudlwana?

Ngeke simane nje sizibe indlela esizizwa ngayo; kodwa ukuyeka ukuthukuthela nokubamba amagqubu kungasisiza sigweme ukulinyazwa yinzondo.—w25.02, kk. 15-16.

Kungani umfundi uMarku eyisibonelo esihle kubazalwane abasebasha?

UMarku wasamukela ngokuzithandela isabelo sokukhonza abanye. Nakuba cishe ayephatheke kabi futhi edumele ngesimo esaba khona, akayekanga ukukhonza abanye. Waba nobuhlobo obuhle noPawulu namanye amaKristu avuthiwe.—w25.04, k. 27.

UJesu wayesho ukuthini lapho ethandaza ethi: “Ngibazisile igama lakho”? (Johane 17:26)

Abafundi bakhe base belazi kakade igama likaNkulunkulu. Kodwa uJesu wayenze ukuba bazi uMnikazi walelo gama, kuhlanganise nezinjongo zaKhe, izinto azenzile nezimfanelo zakhe.—w25.05, kk. 20-21.

Ukuba nesizotha kusenza siqaphele ini?

Kusenza siqaphele ukuthi kunezinto esingazazi. Ngokwesibonelo, asazi ukuthi ukuphela kwaleli zwe kuyofika nini noma lokho uJehova angase akwenze ngaleso sikhathi. Asazi nokuthi yini ezokwenzeka kusasa noma ukuthi uJehova usazi kahle kangakanani.—w25.06, kk. 15-18.

Yini engasisiza ukuba sizuze esihlokweni noma enkulumweni yomphakathi?

Singase sizibuze: ‘Yibuphi ubufakazi obusetshenzisiwe ukuze kukholiswe olalele noma ofundayo? Ukhona yini umfanekiso okahle engingawusebenzisa lapho ngifundisa othile leli qiniso? Ubani ongase ajabulele lesi sihloko?’—w25.07, k. 19.

Yini esingayifunda ngentethelelo kaNkulunkulu endleleni enza ngayo kuDavide?

Nakuba uDavide enza izono ezimbi kakhulu, lapho ephenduka ngempela, uJehova wamthethelela. (1 AmaKh. 9:​4, 5) Uma uNkulunkulu esemthethelele umuntu, akaphindi amsole ngesono asenzile noma amjezisele sona esikhathini esizayo.—w25.08, k. 17.

Uma ofunda naye iBhayibheli ekuthola kunzima ukuqonda iphuzu elithile, yini ongayenza?

Uma esakuthola kunzima ukuqonda iphuzu elithile ngemva kokuba sewuzamile ukumfundisa lona kahle usebenzisa iBhayibheli, dlulela phambili uhlele ukubuyela kulo ngesinye isikhathi.—w25.09, k. 24.

IBhayibheli lithi isono ‘sinamandla okukhohlisa.’ (Hebheru 3:13) Kanjani?

Isono singasenza silingeke ukuba senze izinto ezingafanele. Singasikhohlisa nangokusenza silokhu singabaza izinto ezinjengokuthi uNkulunkulu usithanda ngempela yini.—w25.10, k. 16.

Yiziphi izinto ezintathu ezingasenza sithandaze ngendlela esenza sisondelane nakakhulu noJehova?

(1) Singazindla ngezimfanelo zikaJehova. (2) Singacabanga ngalokho esibhekene nakho njengamanje bese sikutshela uJehova, njengokuthi ukhona yini okudingeka simthethelele. (3) Singajahi ukusheshe siqede lapho sithandaza. Uma senza kanjalo, cishe siyokwazi ukuveza lokho esikucabangayo ngempela.—w25.10, kk. 19-20.

Singabasiza kanjani asebekhulile?

Singabavakashela noma sibafonele asebekhulile. Singakwazi nokuhamba nabo lapho beya kodokotela noma esibhedlela. Noma singashumayela nabo lapho senza izinhlobo ezihlukahlukene zenkonzo.—w25.11, kk. 6-7.

Yiziphi izinto eziyinhloko ezenza umshado wamaKristu uhlonipheke?

Yenzani ngokuvumelana nanoma yiziphi izimfuneko ezingokomthetho. Qikelelani ukuthi abantu abasemshadweni nasedilini lomshado babonisa izithelo zomoya kaNkulunkulu. Gqokani ngendlela enesizotha, niqikelele nokuba nigweme amasiko angahambisani nemiBhalo. Khulumisanani kahle njengoba nenza amalungiselelo omshado.—w25.12, kk. 21-24.